ZULU.1650.sis sarah
Ungiphathelani kanjena"
Ngiyisiboshwa esineminyaka engu- 33 esidonsa isigwebo seminyaka emihlanu. Sengathi intombi yami eneminyaka engu-23 ayisangithandi.
Ayingivakasheli ayiziphenduli nezincwadi zami. Kodwa ngisayithanda kakhulu. Akukuhle lokhu ekwenza kimina ngoba bekufanele ibambisane nami esikhathini esinjengalesi. Sinengane kanti bengithi sizoshada uma sengiphumile ejele.
Ngabe ikwenzelani lokhu" Ngisize ngoba ngisayithanda.
MLH, Condrad
lOkwenzeka kuwena kuyinkinga ejwayelekile kwabesilisa abasejele.
Kulula ukuthembisa umuntu ukuthi uzobambisana naye ezikhathini ezinzima.
Angazi ukuthi kudalwa yini ukuba intombi yakho iziphathe ngale ndlela kodwa ngokwami sengathi ayizimisele ngokukulinda.
Isencane inengane kanti kungenzeka ukuthi isithathe isinqumo sokuqhubeka nempilo yayo. Uma kuyindlela ebona kufanele ikuphathe ngayo lena, kungcono nehlukane.
Sengathi uthando ekuthanda ngalo akusilo lolu oludingayo. Akulula ukukwamukela lokho kodwa empilweni siyahlangabezana nezimo ezingezinhle kanti okuhle wukuthi kuzodlula.
Ngithandana nonkosikazi kamakhelwane
Ngithandana nonkosikazi kamakhelwane wami. Sineminyaka engu-12 sithandana kanti nendodakazi yakhe iyazi ngathi. Ngabe sizobanjwa"
JN, KwaMhlanga
lKuyacaca indodakazi okhuluma ngayo isinibambile!
Ngelinye ilanga iqiniso liyovela obala phezu kokuba senilugcine luyimfihlo isikhathi eside kangaka uthando lwenu. Ningakhohlwa wukuthi enizwana nabo bayodumala uma bezwa lento.
Uma ufuna ukuqhubeka nokukhohlisa unkosikazi wakho, ungamangali uma kwenzeka nigcina nibanjiwe.
Ngabe ukhuluma iqiniso"
Sekuphele unyaka nezinyanga eziyisikhombisa ngithandana nesoka lami kodwa angikaze ngiye lapho lihlala khona noma kubo.
Ngesikhathi sihlangana langitshela ukuthi lihlala nezingane njengoba elalishade naye washona.
Lathi kukhona owesimame onengane yalo abasazwana naye. Labuye lathi lifuna ukushada nathi sobabili.
Uma sizobonana licela indawo esihlotsheni salo. Ngisola ukuthi lishadile noma kukhona elihlala naye. Ngiyalithanda angifuni sehlukane.
HP, Richmond
lAlithembekile kuwena leli soka lakho. Kukhona elikufihlela kona njengoba ungakaze uye nalapho lihlala khona noma ubone izingane elikhuluma ngazo.
Kungenzeka ukuthi lishadile noma kukhona elihlala naye kanti alizimisele ngokushada nawe. Elikuhlosile wukudlala ngawe lize lidele
Sesifikile isikhathi sokuba wazi iqiniso. Libuze ukuthi uthando lwenu linalo yini ikusasa noma likuchithela isikhathi"
Ludingideni lolu daba uthole izimpendulo ezifanele. Ungavumi ukuba akukhohlise ngamagama angathi shu - yiqiniso kuphela okumele libe sobala!
Angimethembi
Ngahlangana nale ndoda ngo-1995 ngineminyaka engu-14. Ngakhulelwa kabili kodwa lezo zisu zaphuphuma. Odokotela bathi zaphuphuma ngoba ngangigqilazeke ngokwengqondo.
Okuyimbangela yalokho wukuthi njalo uma ngikhulelwe isoka lami alinginiki uthando. Liyaqonywa.
Uma ngilibuza ngezintombi zalo livele lithi alinandaba nazo lithanda mina.
Angilithembi kodwa ngisalithanda kakhulu. Alinazinhlelo zokungishada kanti lithi abesimame abashadile bayadelela.
Lithi kungcono sihlale singashadile ngoba siyahloniphana nokuyinto ezophela uma sike sashada. Likhala nangokuthi ngizolitshela ukuthi nginamalungelo uma sesishadile ngibe namashende. Ngisize.
KN, Cape Town
lAngikholwa ukuthi uthi usayithanda le ndoda phezu kwabo bonke lobu buhlungu ekuzwise bona.
Waphuphunyelwa yizisu ngenxa yendlela eyakuphatha ngayo ukhulelwe!
Inezinye izintombi eya nazo ocansini, okusho ukuthi isengozini yokuphathwa yizifo zocansi noma i-AIDS, okungenzeka nawe ugcine usuyitholile! Le ndoda mayiphaphame ibheke ukuthi i-AIDS ihlasele kangakanani eSouth Africa esikhathini samanje. Iyagadla kwabaya ocansini bengazivikelile.
Okusemqoka wukuthi awusayethembi kanti nayo ayizimisele ngokukushada.
Pho usichithelani isikhathi sakho ngayo" Kuphelile ngalolu thando lwenu. Zifunele indoda ezokuhlonipha ukhohlwe yilena.
Angikhululekile
Ngingowesimame oneminyaka engu-22 othandana nowesilisa oneminyaka engu-29. Uhlala nomama wengane yakhe kodwa uthi akasamthandi. Uthi umama wengane uyohamba uma esebona kufanele ukuba ahambe.
Inkinga yami wukuthi asikaze sibe ndawonye kusukela saqala ukuthandana. Manje uthi ufuna sishade. Useke wazama nokuhlanganisa imindeni yethu kodwa wehluleka. Sengathi ukushada naye kuzokwenza isimo sibe muncu ngoba umama wengane yakhe uke angishayele ucingo angithuke.
Kukhona omunye engithandana naye kodwa angimthandi ngendlela engithanda ngayo le ndoda. Ngidinga usizo lwakho!
Ozifihlile
lNgokwamazwi akho, kuzwakala sengathi awufuni ukushada nale ndoda. Ubungeke ube nelinye isoka ukube ubufuna.
Khetha ukuthi ufunani. Ukhala ngokuthi aninasikhathi enisichitha ndawonye nokuthi umama wengane uyakuthuka. Uyokwenza ngisho noma senishadile lokho.
Zibuze ukuthi yini eyenza ihluleke ukuhlanganisa imindeni yenu le ndoda. Cabanga kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Kungenzeka ukuthi ukhona owesilisa ongakuphatha kahle kunalona.
Unkosikazi akanganelisi ocansini
Ngineminyaka engu-49 ekankosikazi ingu-44. Sinabantwana abathathu. Ngiyamthanda unkosikazi wami kanti naye uyangithanda. Ngiyabathanda nabantwana bami. Inkinga yami wukuthi unkosikazi akasayingeni eyocansi kusukela aqala ukuba yisangoma.
Uma silala ushiya isikhala esikhulu phakathi kwethu embhedeni...
Konakelephi" Ngamlobola ngenza konke okwakumele ngikwenze ngesikhathi efika ephuma ukuyothwasela ubungoma.
Sengike ngaxhumana nezinye izangoma ngenhloso yokuthola ukuthi inkinga ikuphi. Kodwa nazo zididekile njengami.
Sengithole omunye umuntu wesimame olingana nonkosikazi wami kanti yena akangihluphi uma ngimvakashele. Ngimthola njalo uma ngimdinga kanti ngifuna ukumenza unkosikazi wesibili.
Okungihluphayo wukuthi kumele ngithole imvume kunkosikazi wokuqala ukuze ngishade nowesibili. Angisenaso isikhathi sokudlala kanti ngiyamdinga lo muntu wesimame ngoba uzonginika uthando engingasalutholi kunkosikazi. Ngeke ngimlahle umkami ngoba ungumama wabantwana bami.
Nami ngiyisangoma kanti nezinyanya zami ngeke zibe nankinga kulokho ngoba ngenze konke okuqondene nazo.
Ngenze njani ukuze ngingaceli imvume yokushada nomunye kunkosikazi" Ngiyamthanda kodwa ngidinga ukunakekelwa ngothando...
Okhathazekile, Pretoria
lIsangoma ebesithwasela ubungoma kufanele sigcine usiko oluthile nowakwaso ngaphambi kokuba baye ocansini. Uma nakwenza lokho, kusho ukuthi ninezinkinga othandweni lwenu ezidinga nina nobabili.
Khuluma nonkosikazi wakho mayelana nokuthatha omunye umakoti. Kusemqoka ukuba ucele imvume kunkosikazi wokuqala uma ufuna ukushada nomunye. Uma engavumi, khetha phakathi kokuqhubeka uhlale naye noma udivose ushade nalona osumtholile.[z]
BONA ZULU - April 2006
Buza kuSis'Sarah
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - April 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kulengosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
