zulu.1648.sheila
Sikwethulela esinye sezihlabani zaseSA ezihlala zimatasa
U
indaba nguDOMINCK SEGOATLE
NGENHLA: UThabo Mdluli wethula uhlelo lweGospel Stars noSheila.
BANINGI abantu abangosomabhizinisi abenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Abekho abafuna ukugxila entweni eyodwa. U-Sheila Silindile Maseko, obukeka ephumelela usuku nosuku ubalwa kulabo bantu.
"Ngisheshe ngikhathale kanti yilokho okwenza ngihlale ngibheka okusha engingakwenza," kusho loMC obuye abe nenkampani yakhe yokuphrojusa.
"Konke engikwenzayo ngikubona kubalulekile," kuqhuba yena ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzenza kanjani izinto eziningi kanye kanye. "Uma uNkulunkulu evuma, ngingathanda ukuthatha umhlalaphansi sengineminyaka engu-35."
Phezu kwezinto azenzayo uSheila, ubuye ethule uhlelo lweGospel Stars noThabo Mdluli kuSABC 2.
Ubuye abe yimenenja yenkampani yemithi.
Nakuba ezikhandla ngale ndlela uSheila uthi: "Lude ukhalo engisazoluhamba. Angikafinyeleli ezinjongweni zami."
Ngabe uyihlanganisa kanjani le mpilo ayiphilayo nomndeni wakhe"
"Umsebenzi ubalulekile kodwa isikhathi somndeni wami ngiyohlale nginaso," kusho uSheila. "Umndeni wami uyasiqonda isimo sami. Uyangixhasa ngoba isikhathi esisichitha sindawonye asithikanyezwa amabhizinisi engiwenzayo."
U-Sheila ophokophelele impumelelo empilweni yakhe uthi lumhlaba umxhwele kakhulu uhlelo lweGospel Stars.
"SinamaPop Stars nama-Idols, manje sekuyisikhathi seGospel Stars," kusho yena. "Baningi abantu abakhonze umculo woKholo kanti leli yithuba lokuba abantu abasha baveze amakhono abo kwiTV.
"Ngalolu hlelo kuhloswe ukuvumbulula amathalente amasha hhayi ukuba abantu bacule njengabantu esesibazi.
"Kule-show asibatsheli abantu ukuthi abahambe bagcinephi, sikwamukela ngisho noma uzozibhalela ingoma yakho," kuqhuba uSheila.
"Sizitshela ukuthi bonke abantu abangenela lo mncintiswano bangamaKhrestu afuna ukufakaza ngoJesu kodwa lokho asikusebenzisi njengomgomo kwabawungenelayo."
U-Sheila ukhulele emndenini ongamaKholwa kodwa uthi isinqumo sokwamukela uJesu njengeNkosi noMsindisi usithathe ngo-1999.
Bonke abantu ubathathisa okwabafowabo nodadewabo ngisho noma bengewona amaKholwa kanti uyavuma ukuthi ukuba yiKholwa akulula uma uyisihlabani.
"Abantu bayayicubungulisisa impilo yakho kanti bahlale bekubhekile uma okwenzayo kuphikisana nokushoyo. Ngikholwa wukuthi okwenzayo kwenze ngokuzicabangela. Ukholo lwakho lunike isikhathi sokuvuthwa," kusho yena.
"Angisho ukuthi ukuya emaphathini kuhle noma kubi - kodwa ngichaza ukuthi ziphathe kahle. Kufanele uqine."
Yile nkolelo emenza aphumelele empilweni. "Konke empilweni kuyajulukelwa. Akukho okutholakala kalula.
"Akube khona okwenzayo ngempilo yakho kanti qala njengamanje, ngisho noma ungaya e-library uyofunda. Yiba yisibonelo esihle kuwena ufunde ngamaphutha akho." [z]
hamba emagameni akhe
Ukushayela uhlelo lokuvunjululwa kwamathalente kwiTV kuyingxenye yemisebenzi eminingi uSheila Maseko ayenzayo...
BONA ZULU June 2008
