zulu.1081.triviaug
Ingangamela yomkhumbi!
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Funa igama
BONA ZULU – August 2006
Uhlelo oludumile olufundisa izingane iSesame Street, olubukwa emazweni angu-180, kubandakanya neSouth Africa (noBONA!), nokuyilapho lolu hlelo lwaziwa ngokuthi yiTakalani Sesame.
Thola igama ngokufunda uye phambili, emumva, phezulu, phansi uphinde futhi uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
I-Baywatch yiyo ephethe irekhodi lohlelo olunababukeli abaningi emdlalweni oluchunge kwiTV, lwabukwa ngababukeli abangu-1,1 billion ngesikhathi sedumela lalo.
Ama-American Nimitz imikhumbi yezempi emikhulu kunayo yonke emhlabeni ehamba nge-neclear. Umkhumbi ngamunye ungu-333m ubude unendawo yamabhanoyi engu-76,8m ububanzi engalayisha amabhanoyi angu-85. Ijubane lawo ngu-30 knots noma cishe amakhilomitha angu-50km/h.
Umunye ubiza $4,5 billion ukwakhiwa kanye nemali engu-$160 million ngonyaka ukuba usebenze. Abantu abasebenza kuwo bangu-3 200, nabanye abangu-2 480 ababhekene namabhanoyi.
AmaMulti-Game
I-soapi yeTV enempumelelo kunazo zonke yiDallas, ebukwa emazweni angu-90
BMW
U-BMW yiziqalo zamagama amele ukuthi Bayerische Motoren Werke – Bavarian Motor Works.
Le nkampani yezimoto yaseJalimane yasungulwa nguKarl Friedrich Rapp ngo-October 1913, ngenhloso yokwakha izinjini zamabhanoyi.
Umbala obhlu nomhlophe esigqebhezaneni namanje uBMW oyisebenzisayo isuselwe kowefulegi laseBavaria kanti futhi ichaza uphephela omhlophe ozungezayo endaweni ebhlu njengesibhakabhaka.
Ngo-1919 abakwaBMW benza injini yabo yokuqala yesithuthuthu. Isithuthuthu sabo sokuqala esiphelele i-R32, bayakha ngo-1923.
I-BMW 3/15 kwaba yimoto yokuqala yale nkampani ukuba iyikhiphe ngo-1927. Ngo-1933 le nkampani yayisiyakha ezinye zezimoto eziphambili emhlabeni.
Le nkampani yazabalaza kakhulu emva kweMpi yesiBili yoMhlaba njengoba izimoto zayo zazibiza kakhulu. Kwakukhona nezinhlelo zokudayisa uBMW kwabakwaMercedes. Owayeyisikhulu esinamasheya amaningi uHerbert Quandt wayesezokuvuma lokhu kuthengiselana kodwa wabuye washintsha umqondo wakhe ngomzuzu wokugcina ngenxa yezimbangi nezinyunyana nangenxa yeseluleko sikasihlalo webhodi uKurt Golda. Esikhundleni salokho uQuandt wenyusa amasheya akhe kwaBMW wayisimamisa le nkampani.
Embukisweni waseFrankfurt ngo-1961, abakwaBMW bethula i-1500, okuyimoto ephambili enama-disc brake ngaphambili namasondo amane nokwaba yinto eyasimamisa igama lale nkampani lokwakha izimoto ezinhle.
Phakathi kweminyaka yo-1990, abakwaBMW batshala imali engango-R1 billion ukuthuthukisa isikhungo sayo esiseRosslyn eSouth Africa ukuba sibe ngesiphambili emhlabeni. Lesi sikhungo njengamanje sihambisa cishe ngaphezu kwezimoto ezingu-50 000 zama-3 Series ngonyaka eMelika, Japan, Australia naseMiddle East.
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo, sikutshele ukuthi yini igama lento oyibonayo?
BONA ZULU – August 2006
Beka ngokuyikho
BONA ZULU – August 2006
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Azi konke nge...
Statue Of Liberty
•Esiqhingini iLiberty Island ekungeneleni komfula iHudson River – okuyindlela ephumela eNew York kunesithombe sethusi esikhulu esaziwa ngokuthi yi-“Liberty Enlightening The World” (okusho ukukhanya kwenkululeko okukhanyisela umhlaba).
•Lesi sithombe sembulwa ngo-October 28, 1886, kanti kwakuyisipho esasiphuma ezweni laseFrance. Owasenzayo ngu-Frederic Bartholdi.
•Lesi sithombe sikhombisa uLady Liberty ebambe ithoshi ngesandla sakhe sokudla nephilisi kwesobunxele. Iphilisi likhombisa umbhalo othi “JULY IV MDCCLXXVI,” noma “July 4, 1776,” nokulusuku okwemukelwa ngalo i-Declaration Of Independence. Olunye lwezinyawo zakhe lume phezu kwamaketanga, akhombisa inkululeko. Ama-spikes ayisikhombisa emqheleni osekhanda amele izilwandle eziyisikhombisa noma amazwekazi ayisikhombisa.
•Ubude bethoshi kusuka phansi kuya phezulu bungu-93m. Ubude besithombe kusuka phezulu kuya phansi bungu-46m.
•Ngo-1903, inkondlo ethi The New Colossus ka-Emma Lazarus, yaqoshwa oqwembeni lwe-bronze phansi kulesi sithombe. Emigqeni yayo yokugcina nokuyiyo edumile ifundeka kanje:
Give me your tired, your poor,
Your huddled masses yearning to breathe free,
The wretched refuse of your teeming shore.
Send these, the homeless, tempest-tost to me,
I lift my lamp beside the golden door!
ITHI CABABA NGOKUPHEPHA! Ngo-2:45pm ngoFebruary 2, 1912, uFrederick Law wagxuma ngempumelelo nge-parachute eduze kwalesi sithombe. Lokhu kwenziwa ngemvume kakapteni wezempi owayephethe esiqhingini. INew York Times yabika ukuthi uLaw “wawungathi ufile engu-75ft i-parachute ingakhombisi ukukhuphuka ingafuni futhi ukuvuleka,” kodwa wehla kahle, washayeka kanzima waqhuga wahamba.
Hlela lawa magama ngendlela efanele
Abesimame bacwayiza ngokuphindwe kabili kunabesilisa
UTHI UBUWAZI?
I-Puzzle yezithombe
Izingane zizalwa zingenawo amavi (kneecaps)?.
Ukudungeka komoya endaweni evalekile njengendlu kunobuthi ngokuphindwe ka-10 kunasendaweni evulekile.
Abantu abasebenzisa isandla sokudla baphila iminyaka engu-9 ngaphezu kwabasebenzisa esobunxele.
Umzimba womuntu unamafutha anganela ukwenza amaqhuzu ensipho ayisikhombisa.
Isimanga sendalo
I-Echidna uhlobo lwengungumbane enomlomo omncane okuyisilwane esincelisayo sizalele namaqanda. Lolu hlobo lutholakala e-Australia.
Yisithombe esizokutshela ukuthi yini okumele uyibhale ezikweleni ezingenalutho
BONA ZULU – August 2006
