zulu.1009.hair
BONA July 2008
AMACEBO KA-KELLY KHUMALO OKUNAKEKELWA KWEZINWELE
Okuhle ngama-extensions axhunywe phezulu wukuthi avikela izinwele zakho nokuyinto ebalulekile ngisho nakosaziwayo abafana noKelly Khumalo.
“Lokho kuhle ngoba ngiyathanda ukunakekela izinwele zami zihlale zivikelekile,” kusho uKelly. Nazi izeluleko zakhe ezintathu zokunakekelwa kwezinwele:
■ Cwalwa wumuntu owaziyo umsebenzi wakhe: “Nginentokazi nobhuti (oyedwa) abahlale bengenza ikhanda eRhythm City - sebeyazi ukuthi yini okufanele bayenze.”
■ Khetha imikhiqizo yakho: “Ngisebenzisa i-shampoo ekahle kanti njalo ngisebenzisa i-hair food. Ngithanda imikhiqizo yeMizani.”
■ Azi ukuthi ubuthaka ngakuphi: “Isikhumba sami lapho kuqala khona izinwele (hairline) siyashesha ukuzwela, ngakhoke ngiyasinakekela ngisivikele.”
Andisa amathuba akho
Ama-extensions akhethwe ngokuyikho nanakekelwe kahle ungawashaya noma yisiphi isitayela, ngokusho kukachwepheshe wezinwele uFaith Seuoe
OMUNYE wemigomo-mpilo yami wukuthi: “Zama uze uphumelele kokufunayo.” Uma unezinwele ezimfishane unexhala lokuzibona zikhula, zixhume ama-extensions.
Thola isitayela sakho
Umbala, uhlobo lwezinwele, ubude nokusikwa kwazo - konke kuyezwana nama-hair extensions. Uma sesiza ngasesitayeleni, ungazelula, ufake i-glue, o-pin noma uzenze ama-braid, ama-single noma ama-cornrows.
Ungabe wenza elikhulu iphutha ukuvumela izinwele zakho zicwalwe ngumuntu ongenalo ulwazi lwalo msebenzi, ikakhulu uma ezokweluka ama-extensions. Khumbula, ukuze zibukeke kahle emva kokwelukwa - okwelukayo makasebenzise isikele lapho ezinquma.
Ongakwenza ngama-extensions
Ukuluka yindlela edumile yokusebenzisa i-human hair ngoba yenza izinwele zibe zinde nokuba zibukeke ngokwendalo. Uma ukhetha akudingi ukuba uze ukhethe ama-extensions afana ncamashi nezinwele zakho. Ngokukhetha ukweluka ngendlela yokuthi izinwele zakho zithandelwe kuma-cornrows, ngaphezulu kuboshelwe ama-hair extension, ungaziphumuza ekutheni ulokhu uzenza izitayela ngendlela yokushisa. Le ndlela futhi izenza ukuba zingabi nawo amakhemikhali.
Ngaphandle kokuzenza ama-braid, ama-single noma ama-cornrows, ezinye izindlela zokufaka ama-human hair extensions ibandakanya:
■ I-Glue: Ukuxhuma umluko wakho ezinweleni nge-glue yinto yesikhashana. Akuyona into enhle ngoba ingalimaza izinwele zakho.
■ I-Microbonding: Lena iyona ndlela ebiza kakhulu yama-hair extensions eyenziwa ema-salon aphambili nokuyilapho bekukhokhisa ngendlela yesisindo nobude bama-hairpieces, nesikhathi abasithathayo ngomsebenzi wabo abawenzayo.
Ukunakekela i-human-hair extensions
■ Uma uzogeza ama-extensions akho ekhaya, thola iseluleko sochwepheshe ekutheni elinjani ibrashi okufanele ulisebenzise, i-shampoo ne-conditioner.
■ Njalo ngaphambi kokuzifaka i-shampoo, zibrashe bese uzikamisisa nge-toothcomb lapho usuzifake i-conditioner.
■ Swakamisa izinwele zakho ukuze ugweme ukuba zingaphuki. Ungawusebenzisi uwoyela noma i-conditioner kuma-extensions ngoba lokhu kuzowalimaza ikakhulu lawo amade.
■ Ukuze zibe nama-wave noma ziphothane - sebenzisa i-leave-in conditioner noma i-alcohol-free mousse kabili noma kathathu ngesonto ezinweleni ezimanzi. Ngezinsuku ezehlukene vele uzichele ngamanzi, uziyeke zome ngokwendalo.
■ Njalo qiniseka ukuthi izinwele zakho zihlale zomile emva kokugezwa nasemva kokuziswakamisa ukugwema ukuba zinganuki.
■ Kufanele ube ne-hairdrier ongayethemba, i-flat iron ne-hot brush.
Ukunakekela ama-synthetic extensions
■ Izinwele zakho zigezeka kalula futhi kuba lula nokuzi-conditioner ngama-synthetic ngaphandle kokuthi zidinga ukunakekelwa okwedlulele - njengama-curly noma- ama-kinky extensions ikakhulu uma zibhreydiwe zingama-single. Kodwa zisheshe zithandelane kalula, ngakhoke kungcono ukuba uyoziwasha e-salon.
■ Izinwele i-synthetic hair ungazifaka i-spray noma uziswakamise ukuze uzigcine zibukeka ziphilile zicwebezela.[z]
Isithombe: Ivan Naude; izinwele neziphaqulo; Faith Seuoe; izitayela: Marina Walsh
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
BONA ZULU July 2008 69


3
■ Malini ongayichitha?
Bheka ukuthi malini ongayisebenzisa kuma-extensions nokuwanakekela.
■ Yisikhathi esingakanani ongasichitha ezinweleni zakho kusukela ekuseni kuze kube yisebusuku?
Uma ungumuntu ohlale ematasa qiniseka ukuthi ukhetha isitayela sezinwele ozokwazi ukusinakekela nawe ubukeke kahle.
■ Ayinhloboni ama-hair extensions akho?
I-human hair ibiza kakhulu kodwa futhi ihlala isikhathi eside kanti ungasebenzisa ukushisa ekutheni uyelule noma uyenze ama-curls njengoba usuke wenza ezinweleni zakho. Uma ukhetha le ndlela, xhumana nonguchwepheshe kulo msebenzi ukuze uthole okufanele imali yakho.
Nge-synthetic hair ungakwazi ukuba uthenge ama-hairpiece ambalwa ukuze wenze umehluko. Qiniseka ukuthi izinwele azicwebezeli ngoba ngeke zibukeke njengezendalo.
Amanye ama-salon nama-distributors awayidayisi i-human hair ngenxa yokubiza - i-synthetic hair yiyo etholakala kalula ngoba ayibizi. Kukuwena-ke ukuthi yikuphi ongakwazi ukukumela.
70 BONA ZULU July 2008
IZIMPENDULO
Uma ufuna ama-extensions asheshayo, donsela izinwele zakho emumva ufake i-hairpiece wenze noma yisiphi isitayela osithandayo ngisho ne-ponytail imbala.
BONA July 2008 71
