zulu.1647.health dec
IQINISO
ezempilo
Yidla amaqanda
Abantu abanenkinga yokushoda kwe-iron emzimbeni bayakhathala, baphathwe yikhanda babe nenhliziyo encane ngokukaMadelein de Villiers onguchwepheshe wezokudla. Kungenzeka futhi uhlushwe wukugula ngoba i-iron isemqoka ekuqiniseni amasosha omzimba. Okulula ongakwenza wukudla amaqanda njalo ngoba i-iron esesikhuphashini seqanda ingena isebenze kalula emzimbeni.
Qaphela okudlayo!
Zimbi lezi zindaba komama abazithwele abane-appetite engaqondakali kahle… Ngokombiko weBritish Journal Of Nutrition, uma udla ukudla okungenamsoco – ama-doughnuts, ama-chips noma ama-burger – ukhulelwe noma uncelisa, ingane yakho izokhula ithanda lokho kudla, isisindo somzimba wayo sikhuphuke ngokuphindwe ngamaphesenti angu-27 ihlushwe yizifo.
BONA ZULU – December 2007
angu-80 billion ama-aspirin aphuzwa ngonyaka emhlabeni
Hlolwa!
Baningi abesimame asebekubonile ukubaluleka kokuba bahlolwe minyaka yonke ukuze bazivikele emdlavuzeni wesibeletho nowebele kanye nasesifweni senhliziyo – kodwa baningi abesilisa abangazihluphi ngokuyohlolwa.
Nazi izinto okumele uhlolwe zona ukuze ube yindoda ephila kahle:
l I-blood pressure: Emva kwezinyanga ezimbili.
l I-cholesterol: Emva kwezinyanga ezinhlanu uma usuhlanganise iminyaka engu-35.
l Isifo sikashukela: Emva kweminyaka emithathu uma une-high blood pressure noma i-cholesterol.
l I-depression: Ukuhlala ukhathazekile ungenathemba kungaba wuphawu lokungaphili – cela udokotela wakho akuhlole.
l Inkinga yokungavuki kwenduku: Le nkinga ingaba wuphawu lwesifo senhliziyo kanti ingakonela othandweni. Xhumana nodokotela wakho ngokushesha.
l Izifo ezithathelana ngokocansi: Hlolwa iHIV njalo emva kwezinyanga eziyisithupha noma kanye ngenyanga. Cela udokotela akuhlole ukuthi awunayo yini i-syphilis, i-gonorrhea ne-chlamydia izifo ezingaba yingozi empilweni yakho.
l Umdlavuza wesikhumba: Njalo ngonyaka.
l I-testicular cancer: Uma kunezigaxa esikhwameni esisesithweni sangasese noma kuvuvukele xhumana nodokotela wakho ngokushesha.
– Tammy Sutherns
Vuthela ivuvuzela ebholeni!
Ukudlala ibhola kungenza ube ngumqemane kunokugijima. Lokho kutholwe ososayensi baseDenmark. Abantu ababedlala ibhola behlisa isisindo sabo besadlale izinyanga ezintathu baba nemizimba ebukeka kahle. Kusho ukuthi ukudlala ibhola kwehlisa amafutha kangcono nangokushesha emzimbeni.
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Qinisa amathambo nge-broccoli
Ama-veg angawaqinisa amathambo! I-Osteoporosis yisifo esenza ukuba amathambo athambe aphuke kalula. Zisize uzivikele kuyona ngokudla ukudla okuqinisa amathambo okunjengobisi nemikhiqizo yobisi, i-broccoli, ama-mushrooms nenhlanzi enamathambo njengo-sardine.
– Tammy Sutherns
Ubisi lukahle
Yonga imali ushintshele obisini oluyi-low-fat (oluno-2% wamafutha), ngokweseluleko sabacwaningi baseLoughborough University e-UK kubagijimi. Bathola ukuthi lwenza ukuba umzimba uhlale unamanzi ngokuphindwe kane kunamanzi noma iziphuzo zabadlali ezibizayo.
IQINISO
Abavame ukusebenzisa ama-cellphone bane-high blood pressure ethe xaxa
