zulu.1645.fame
YINKINGA ebhekene nomhlaba wonke. Abadlali abasebancane bazithola sebeyizihlabani ebholeni - kodwa yize noma benalo ikhono lokudlala enkundleni, abanalo elokuphatha kahle izinto abazithola ngenxa yodumo lwabo njengokuhola imali enhle abangayimosha ezintweni ezingenamsebenzi.
Ekuqaleni kwakugxilwa ekucijeni ikhono lomdlali. Ayekwenza uma engasekho enkundleni kwakuba yidokwe eligayelwe yena inqobo nje uma kungathikamezi indlela adlala ngayo. Akekho owayezihlupha ngabadlali abazithola bengasenamali emva kokuthatha umhlalaphansi
Kodwa konke lokho sekuyaphela njengoba abaphathi namaqembu sebethole ukuthi kufanele bafundise abadlali indlela yokulawula udumo nemali abayitholayo.
UThabang "Banda" Lebese ungesinye sezihlabani esithole isifundo esibuhlungu sokuthi impilo kuyenzeka ingabi mnandi emva kodumo.
ULebese, owake wadlalela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uyavuma ukuthi wake waba yisigwili kodwa waganga ngemali yakhe.
"Ngaphika nabangani abangalungile," kusho kuvuma yena. "Iningi labo lalingenandaba nami linendaba nelalikuzuza ngami.
"Abazange bangeluleke. Kunalokho, bangidukisa."
UThabang uthi wayephilisa okwenkosi. Imali ayeyithola wayeganga ngayo, eyiboleka abangani kube nguyena okhokhela ababekudinga.
"Ngalahlekelwa yimali eningi," kusho yena.
Inkungu emehlweni akhe yembuleka ngesikhathi elahlekelwa yizimoto zakhe, iBMW 325Ci neGolf 5, waphoqeka ukuba adayise umuzi wakhe.
"Kwakufanele ngiqede isikweletu somuzi wami kunokuthi ngithenge izimoto," kusho yena.
"Kwakufanele ngiyibeke imali yami kunokuyimosha!"
Amaphutha
ULebese waqala ukudlala kwiChiefs kanti wayedlala kahle. Walishiya leli qembu kanti uyazisola ngalokho.
"Intsha iyawenza amaphutha. Ngazithwala ngazikhukhumeza," kusho yena.
"UKaizer Motaung oyisikhulu seChiefs wangincenga wathi mangingahambi kodwa ngangamlalela."
EsekwiPirates wayesazithwele kakhulu...
"Funda ngamaphutha akho," kusho yena. "Zincane kabi izinsuku udlala. Uyaduma, uhole imali enhle bese uyazikhukhumeza. Awuboni ukuthi lokho kungaphela ngokuphazima kweso!"
Impilo yayinzima kuLebese eseyeke ukudlala kwiChiefs nakwiPirates. Wadlala isikhashana kwiSilver Stars nakwiMoroka Swallows, kanti nezinkinga zezimali zazingamnike thuba.
"Angikwazanga ukugxila ebholeni ngenxa yezinkinga zami."
Akabalalelanga nabantu ababezama ukumluleka ngokusho kwakhe.
Ngabe bangaki abadlali abazozithola benale nkinga"
Ukulimala
Sixoxisane no-Innocent Mdledle oyisihlabani esisha ebholeni odlala kwiPirates noliqhamukisa eMpumalanga. Lo mdlali odlala emuva kwiPirates nakwiBafana wayedlala kwiPeople's Bank Spurs yaseWitbank kanti uthi ngeke akhohlwe lapho ephuma khona.
"Nganginovalo ngimangele ngesikhathi ngisayiniswa yiqembu elikhulu njengePirates," kusho kuvuma yena. "Angikholwa namanje ukuthi yimina ngempela lona osegqoka ijezi lePirates neleBafana."
Kodwa akafuni ukukhohliswa yimali nodumo. "Angikashintshi lutho empilweni yami," kusho yena.
Uyazi ukuthi lo msebenzi awenzayo uncikisela kangakanani kanti kuyamkhathaza ukuthi angalimala kalula.
"Lokho kungenza kuphele nya ngomsebenzi owenzayo," kusho yena.
KuLebo "Cheese boy" Mokoena ukudlalela iPirates akugcinanga ngokuba yisibusiso nje kuphela kodwa kwenze wakwazi ukuphila kahle.
"Ngisayine izivumelwano nabaxhasi," kusho lo mdlali wasesiswini onethalente.
"Ukudlala kwami kwiPirates kwenze ngafunda ukuyiphatha kahle imali."
Leli qembu lifundisa abadlali indlela yokuziphatha ngesikhathi besayina kulona.
"Sibuye simeme nababedlala kuleli qembu ukuze beluleke abadlali ngendlela okumele baziphathe ngayo uma bengasekho enkundleni," kusho okhulumela iPirates.
"Sesihlele ukuba amabhange axoxisane nabadlali ngokonga imali. Sibuye siqinisekise ukuthi abadlali bayilondoloza kahle imali yabo."
Uthi kumele kube semahlombe emenenja yeqembu ukugada abadlali.
"Abadlali kulula ukuba baphume endleleni kodwa senza konke okusemandleni ukubheka ukuthi bayaphi emva komdlalo. Sigcina amarekhodi emindeni yabo, amarekhodi abakudlayo, okuthi bahlalaphi nokuthi yini esuke idale ukuthi bangakwazi ukuzozilolonga neqembu."
UThabang Lebese uthi: "Uma ungaziphethe kahle, ungabahloniphi abalandeli, ungabalaleli abaphathi beqembu, ngeke unakwe muntu uma ungasalidlali ibhola!" [z]
Bamosha imali yabo
Baningi abadlali asebebone ukuthi awuphumeleliswa yindlela odlala ngayo enkundleni uma ungumdlali - kodwa uphumeleliswa yindlela ophatha ngayo imali yakho nohlela ngayo ikusasa lakho
indaba nguFORCE KHASHANE izithombe abakwaGALLO IMAGES
Ungakhohlwa abalandeli
Esinye iseluleko leso uThabang "Banda" Lebese athanda ukuxwayisa ngaso abadlali.
"Ningakhohlwa abalandeli," kusho yena.
Uhola ngenxa yabalandeli "ukwanga uxhawule umlandeli kungakusiza ngokuqinisekisa ukuthi abakhohlwa uwena uma ungasalidlali ibhola.
"Abadlali mababe nesikhathi sabalandeli emva kwemidlalo bangajahi ukuya emakhaya noma ukuyophuza utshwala.
"Khumbula ukuthi abalandeli bakhokha imali ukuze babukele wena udlala. Imizuzu engu-10 kuphela oyichitha nabo isho lukhulu kubona.
"Zitshele ukuthi unenhlanhla uma abalandeli besakukhumbula besakubingelela uma ungasadlali," kuqhuba uLebese osekumkhanyela manje ukuthi abalandeli bayingxenye yomndeni womdlali.
BONA ZULU - November 2007
Ingcebo
ephelayo
UThabang Lebese.
U-Innocent Mdledle
ULebo Mokoena
BONA ZULU - November 2007
