zulu.1642.tyres
indaba nezithombe nguGAVIN FOSTER
YINYE into okungafanele nakancane uyenze - wukuhamba ngemoto enamasondo agugile noma anokusikeka. Ukubanjwa kwakho kungadala ukuba ukhiphe enkulu inhlawulo. Kwenzekani uma uhlangabezana nengozi" Into yokuqala wukuba inkampani yakho yomshwalensi yenqabe ukukhokhela imoto yakho kanjalo naleyo oshayisane nayo. Uma kukhona olimele noma ofile - izinkantolo azidlali ziyagwebana ikakhulu kubantu abasebenzisa umgwaqo ngezimoto ezingakulungele ukuba semgwaqweni.
UBONA uxhumane nabadayisi bamasondo abehlukene ngenhloso yokubuza ukuthi yikuphi okunye ongakwenza uma ungenayo imali. Sisebenzise usayizi ojwayelekile wamasondo njengesibonelo - 175/65R14, nokungusayizi wezimoto ezincane eziphuma nawo uma zisuka lapho zakhiwa khona.
Kubalulekile ukuthenga amasondo ahambisana nemithetho ebekwe phansi ngabenzi bemoto yakho ngoba leyo mithetho yabekwa phezu kwemibandela yokubhekela ijubane layo nomthwalo wayo.
Amathayi angamasekeni
Kuyonga ukuthenga isethi yamathayi angamasekeni kodwa anama-tread asabonakala ukuze uqiniseke ukuthi isesimweni esikufanele ukuba ibe semgwaqweni imoto.
Noma yini esukela ku-R50 kuya ku-R180 ngethayi, nokuncika ekutheni adleke kangakanani, lokhu kungabukeka njengokonga kodwa kufanele uzibuze kungani enziwa kabusha. Ngeke wazi ukuthi ayegugiswe yisiphi isimo. Noma ama-tread engabukeka ekhona emva kokuvuselelwa, kodwa mhlawumbe kungenzeka ukuthi isondo lonakele.
Enye inkinga engenzeka wukuthi mhlawumbe ithayi lalakhelwe ukuba lihambe eqhweni, nokuyinto ezolenza lehluke kakhulu esimweni sakuleli.
"Enye inkinga enkulu eba khona yingesikhathi amathayi angamasekeni elethwa kuleli ephuma kwamanye amazwe ukuba azovuselelwa ama-treads nokuyinto evumelekile ngokusemthethweni, kodwa adayiswe ekuleso simo afike eyiso ngoba owalethile kuleli uwabona esenawo ama-treads aseleyo," kusho uJurgen Potgieter wabeSouth African Bureau Of Standards (SABS).
"Akukho emthethweni ukuthenga amathayi akwamanye amazwe angamasekeni, ngaphandle kokuba uma ezokwenziwa i-retreading, kodwa abadayisi abaningi bayawadayisa ngoba mhlawumbe esabukeka kahle."
Ama-Retreads
Sixhumane nomunye wabadayisi bamathayi eThekwini ovumile ukuthi uyawadayisa angamasekeni aphuma kwamanye amazwe esitolo sakhe. Uyazi ukuthi lokhu kungukwephula umthetho ngoba akusiwo lawo avuselelwe ama-tread. Wathi akanalwazi lokuthi lawa masondo awadayisa phakathi kuka-R80 no-R150 awasilungele isimo sakuleli.
"Asuke esenawo ama-tread amancane asele kunalawo angamasekeni atholakala kuleli," kusho yena.
Sanikwa amanani aphakathi kuka-R160 no-R195 ethayi eliyi-retread kusayizi wethu ongu-175/65R14 nokwakuyimali eyayingaphezulu kancane kunohhafu noma ingxenye yamathayi amasha ohlobo olushibhile esaluthola nokungelesithathu emananini ezinhlobo ezibizayo.
Uma uthenga amathayi angama-retread, kubalulekile ukuthenga kumdayisi owaziwayo. Amathayi ezimoto kufanele enziwe ama-retread kanye bese ayakhishwa. Abanye abadayisi abanendaba kangangoba bangaphinda benze ama-retread ngisho ngabe ithayi seliguge kangakanani.
Ama-retread aziwa ngokuthi awahlali isikhathi eside njengamathayi amasha ngaphambi kokuba kuguge ama-treads awo - kodwa uJurgen Potgieter uthi lokhu akudalwa mhlawumbe yiphutha elithile ethayini.
I-Wheel alignment
"Izinkinga esihlangabezana nazo ngamathayi amasha ngokuvamile, ngezokunganakekelwa kahle kwawo, noma ukulinyazwa imigodi (potholes) noma mhlawumbe kukhona iphutha ethayini," kuqhuba uPotgieter.
Ukungabi nayo imali eyanele yamathayi amasha kukhomba ngokusobala ukuthi akulula ukwenza i-wheel alignment kunomuntu ongakhipha R2 000 ethenga isethi yamathayi amasha ohlobo oluphambili - amathayi i-175/65R14.
Amathayi asetshenziswa emotweni ne-wheel alignment engafanele noma lawo afakwe isikali somoya esingafanele, asengcupheni yokusheshe aguge ngokuphindwe kathathu noma kane kunamathayi afakwe i-wheel alignment efanele afuthwa ngendlela efanele.
Khetha ngokucophelela
UPaul Britz wabe-Tyre Dealer And Fitment Centre Association (TDAFA), okuyinhlangano eyilungu labeRetail Motor Industry Organisation Of South Africa (RMI), waphawula kanje ngokuthengwa kwamathayi: "Njalo kufanele uthenge kubadayisi asebezakhele igama kulo msebenzi. Uma bengamalungu e-RMI ungakwazi ukuya kubona lapho kukhona okonakele.
"Cela umdayisi akukhombise imibhalo yama-dates abhalwe emaceleni amathayi uma uthenga lawo angama-retread noma angamasekeni. Ungalokothi uchithe imali yakho emathayini amadala ngaphezu kweminyaka emihlanu. Uma futhi usola ukuthi amathayi kungenzeka ukuthi afika kuleli evela kwamanye amazwe engamasekeni, cela umthengisi ukuba akukhombise i-E-mark okuluphawu olukutshela ukuthi ayahambisana nemibandela yokuphepha yakwelase-Europe."
Kungani ama-tread ebaluleke kangaka
Iningi labantu alazi ukuthi inhloso enkulu yama-tread emathayini emoto wukususa amanzi phakathi kwerabha nomgwaqo
Ithayi elilingene lemoto ejwayelekile ethwele abantu ihamba ngejubane elingu-100km/h likhipha cishe amalitha amahlanu amanzi nge-second ngokuwakhiphela phakathi kwemisele yama-tread liwaphushele ngaphandle eceleni - lokho kuchaza ukuthi, amathayi amane akhipha amanzi angamalitha angu-1 200 ngomzuzu.
Amathayi asegugile avele antante phezu kwamanzi enze imoto ingalawuleki kahle kungabi lula ukushayela emvuleni.
Thenga amasondo aphilile ngoba uma lokho kungenzeki, wena nomndeni wakho kungenzeka ningasindi.[z]
BONA ZULU - October 2007
Amasondo aphilile asindisa impilo!
Ujahile, uphuthuma emsebenzini kodwa ngeshwa imoto yakho idinga amasondo ekubeni awunayo imali. Yikuphi okunye ongakwenza"
KWESOBUNXELE: UBhoyi Mashinini uhlale ebona izimoto eziningi zihamba ngamathayi asesimweni esinjengaleli.
KWESOKUDLA: Emaceleni amathayi kukhona ulwazi ongabona ngalo ukuthi ithayi liyifanele yini imoto yakho.
NGEZANSI: Umdayisi oyiqili angavuselela ama-tread aphinde awadayise amathayi.
BONA ZULU - October 2007
u
t
Thenga kubadayisi abaziwayo
