zulu.1636.parenting
okwabazali
Izindlela zokubeletha
ISIKHATHI sokuzalwa kwengane sisemqoka kakhulu. Ngaleso sikhathi usuke usuzogona umntwana obumthwele izinyanga ezingu-9. Ziningi izindlela ongabeletha ngazo. Lezo zindlela zincike esimweni sempilo yakho neyengane, ekutheni ingane ihleli kanjani esibelethweni, kanjalo nasezindlekweni ozobhekana nazo...
Ukubelethela esibhedlela
Lena yindlela izingane eziningi eSA ezibelethwa ngayo. Uma ufika esibhedlela, obelethisayo uyakuhlola. Uma sekuseduze ukuba ubelethe, uyiswa egumbini lokubelethisa.
Kukhona odokotela abasuke begadile uma kubonakala ukuthi uzodinga ukuhlinzwa.
Ukubelethela ekhaya
Lena yindlela abesimame ababebeletha ngayo kuqala besizwa ababelethisi.
Le ndlela isiyasetshenziswa futhi manje ngoba omama bakholwa wukuthi uma ingane izalelwe endaweni enokuthula njengekhaya, bazobeletha kahle.
Kule ndlela kudingeka ukuba ufune umbelethisi oqeqeshiwe ozokusiza. Umbelethisi unquma umzanyana ahlole nengane.
Uyakwazi nokubona izimpawu eziyingozi akudlulisele esibhedlela.
Ukubelethela emanzini
Uma umama ebelethela emanzini uhlala kwi-pool yokubeletha (ungayiqasha) ingane ibelethelwe kuyona. Le ndlela ikahle kakhulu ekudambiseni izinhlungu.
Ungabelethela ekhaya uma ubeletha ngale ndlela kanti nakuyona kudingeka ukuba uthole umbelethisi oqeqeshiwe ozokusiza.
Ukubeletha ngokuhlinzwa
Uma umama ebeletha ngokuhlinzwa kuvulwa kwesingezansi. Lokhu kuvame ukwenziwa uma ingane inezimpawu zokukhathala.
Umama ubuye abelethiswe ngale ndlela uma ingane ibelethwe isikhathi singakafiki, isisindo sayo siphansi, inkulu kakhulu noma ilele ivundlile.
Ungabuye uzikhethele wena ukuhlinzwa uma kungukuthi i-medical aid yakho iyakuvumela. Ezibhedlela zikahulumeni, omama bahlinzwa uma kunesimo esiphuthumayo noma kutholakale inkinga ethile ngesikhathi umama ekhulelwe.
Ukubeletha unyakaza
Le ndlela ijwayelekile kodwa kuyona umama kufanele anyakaze ngesikhathi esikwa nangesikhathi ebeletha.
Uba negunya lokubeletha ehleli ngendlela ezozwana naye.
Uma ebeletha elele embhedeni akakwazi ukwenza noma yini ayithandayo kodwa wenza lokho okuthiwa akakwenze.
Ezinye izibhedlela ezizimele zinawo amagumbi okubelethisa ngale ndlela. Xhumana nesibhedlela sakho uthole ukuthi bangakwazi yini ukukubelethisa ngayo.
BONA ZULU - June 2007
Okomama
nobaba....
I-OMEGA-3, -6 no-9 ngama-fatty acids atholakala ezinhlotsheni ezehlukene zokudla kanti lama-acid abalulekile ekugcineni imizimba yethu iphilile. Umzimba awukwazi ukuwakhiqiza ngokwemvelo lama-acid, okusho ukuthi uthembela ekudleni esikudlayo ukuze uwathole.
I-Omega-3,
-6, no-9 ikuvikela esifweni senhliziyo, yenze isikhumba sibe sihle idambise ukukhandleka kwengqondo ilekelele amasosha omzimba nobuchopho busebenze kahle.
Abantu abaningi bayithola ngokwanele i-Omega-6 no-9, bashode nge-Omega- 3 etholakala ezidlweni ezinjenge-fish oil ne-linseed.
Uma udla inhlanzi lapho ukhulelwe, ungenza ukuba ubuchopho bengane bukhule kahle ngesikhathi isesesibelethweni.
Ucwaningo olwenziwa e-Australia lukhomba ukuthi izingane ezizalwa omama abadla i-fish oil ngesikhathi bekhulelwe zizisebenzisa kahle izandla namehlo zifunde nokukhuluma zineminyaka emibili.
Yisebenzise ekudleni
Esikhundleni sokusebenzisa i-vegetable oil uma upheka, sebenzisa i-olive oil noma i-soya oil. Labo woyela batholakala emasuphamakethe amaningi. Kodwa kuhle uphekele umndeni wakho isidlo esinenhlanzi okungenani kabili ngesonto.
I-salmon, trout, sardines, pilchards, ne-tuna efreshi yizidlo eziqukethe ama-fatty acids.
Kukhona namaphilisi ane-fish oil alungele abadala nezingane.
Ukusebenza kobuchopho
Ochwepheshe bathi ubuchopho bezingane ezidla ukudla okune-fish oil busebenza kahle. Ziyalalelisisa kanti ziqhuba kahle esikoleni.
Nakuba ama-fatty acids enza ukuba ubuchopho busebenze kahle kodwa awasilo ikhambi elingasiza uma ingane inenkinga yokufunda. Uma usola ukuthi ingane yakho ayikwazi ukubhala nokufunda, noma ayikwazi ukuhlala phansi ilalele ngesikhathi kufundwa, xhumana nodokotela wakho ukuze anixhumanise nodokotela oqeqeshelwe ukusiza izingane ezinale nkinga.
I-Omega-3, -6, -9 nobuchopho
BONA ZULU - June 2007
nguNONHLANHLA KHUMALO
u
BONA ZULU - June 2007
Isikhumba esomile
t
Ukunakekelwa kwesikhumba komndeni wonke
YINKINGA ejwayelekile lena ebusika kanti ungalwa nayo ngokuqinisekisa ukuthi wena nomndeni wakho niphuza amanzi kakhulu.
Lokhu kwenza ukuba umzimba uhlale unamanzi. Ningasebenzisa nokhilimu owenza ukuba umswakama ungapheli esikhumbeni.
Sebenzisa imikhiqizo eyenzelwe isikhumba sengane esizwelayo ngoba eyabantu abadala ingasiphatha kabi.
Sebenzisa imikhiqizo yokugeza esikhumbeni esomile kodwa ugweme ukuhlala isikhathi eside emanzini ashisayo ngoba ayasomisa isikhumba.
Gcoba ingane nge-aqueous cream esikhundleni sensipho usebenzise i-baby wash ezosiswakamisa.
Isikhumba esibabayo
Lokhu kujwayelekile uma ukhulelwe nokwenza kubabe kakhulu kwesingezansi. Kukhona okhilimu abaningi ongabasebenzisa uma ukhulelwe. Isikhumba sakho kumele sihlale siswakeme ukuze udambise ukubaba.
Xhumana nodokotela uma kubaba kakhulu. Ukubaba komzimba ngokweqile ngesikhathi ukhulelwe kweyamaniswa nesifo sesibindi esingajwayelekile.
Isikhumba sezingane siyababa uma ziqubukile noma uma kukhona ezikusebenzisayo okungazwani nazo. Xhumana nodokotela ukuze abheke ukuthi ingane inahlobo luni lokuqubuka nokuthi kudalwa yini. Udokotela uzokutshela ukuthi ungasebenzisa luphi uhlobo lukakhilimu ukuze kuphele ukubaba nokuqubuka.
Iminyama
Ukwehla kwesisindo somzimba nokukhuluphala lapho ukhulelwe kungenza isikhumba sibe neminyama. Akukuningi ongakwenza ukuze kuphele iminyama. Ikhambi wukuyigwema kuphela. Uma sewazi ukuthi ukhulelwe, gcoba i-tissue oil kulezo zindawo okungenzeka kunwebeke isikhumba sakho kuzona.
Phuza amanzi kakhulu ukuze ahlale ekhona emzimbeni.
BONA ZULU - June 2007
okwabazali
u
okwabazali
t
Ucwaningo olusanda kwenziwa ngezingane ezichitha isikhathi esiningi zibukela iTV lwenze sacabanga ukuthi iTV yenza izingane zethu zingakhaliphi futhi iyazikhuluphalisa.
Uma ingane ibukela iTV kakhulu, ichitha isikhathi esiningi ihleli phansi kanti lokho kuyayivilaphisa nokuyinto engenza ukuba ikhuluphale.
Ukubukela ama-cartoon kungenza ukuba ingane yehluleke wukuzicabangela ngokwayo.
Kodwa iTV ayiyimbi ngalolo hlobo. Kuya ngokuthi yiziphi izinhlelo ingane ezibukelayo.
Izinhlelo ezifundisayo ezinjengeTakalani Sesame kuSABC 2 zikahle kakhulu ezinganeni.
Lapha ingane ingafunda izinombolo namagama, ifunde ngemindeni nezempilo nange-HIV/Aids. Izingane zakho mazibukele iTakalani Sesame. [z]
UBUSIKA abunalo neze uzwelo esikhumbeni kanti cishe wonke umuntu uzoba nesikhumba esomile nezindebe eziklayekile. Isikhumba sezingane siyazwela kanti ukukhulelwa kungenza ube nenkinga yokubaba kwesikhumba.
I-TV ayinankinga
