zulu.1074.yourbackpage_last
Izimpahla zokugqoka zokugcina engazithengela umkami...
Uhlale ekhala ngokuthi akanako okokugqoka - kimina lokho kulihaba - kodwake, kukhona ingubo ayeyifuna eyayithungwe nguMarianne Fassler waseSA. Wathatha isikhathi eyilinganisa.
Isiphuzo sokugcina engasiphuza...
Inkomishi yetiye iFive Roses. Ngiyayithanda - selokhu kwathi nhlo ngiphuza yona.
Amanga okugcina engiwakhulumile...
Cishe emizuzwini engu-30 eyedlule - ukuze ngingayi emhlanganweni.
Isikhathi sami sokugcina ngisheshe ngifika ekhaya...
Izolo! Ngihlale ngifika ekhaya ngo-8 ebusuku kodwa bese ngikhathele ukuba sehhovisi, ngashiya ngahamba.
Mhla ngigcina ukuhlabela abaphansi
Eminyakeni engu-8 eyedlule - ukukhumbula abazali bami abangasekho. Lokho sakwenzela ekhaya eDube eSoweto.
Uhlobo lomdlalo wokugcina engawubuka...
KwakuyiMalaysian Open kwiTV. Ngingumlandeli wegalofu kanti ngilidlala cishe kanye ngesonto. Kusasa ntambama ngizokwephula umthetho wami ngilidlale phakathi nesonto.
Umdlali engangingeke ngimshiye kwiGenerations...
ULeleti Khumalo ngoba ungomunye wabadlali abaphambili ezweni lethu.
Iholidi lokugcina engaba nalo...
Ngizokuya eCape Town nomndeni wami. Sinendawo yethu lapho kanti saya khona emva kukaKhisimusi sahlala saze sagubhela khona uNyaka oMusha.
Ukugcina kwami ukuya e-tavern...
Angikaze ngiye e-tavern. Ngayeka ukuphuza cishe esikhathini esingangonyaka esedlule.
Ukugcina kwami ukuvaleka...
Cishe ngonyaka ka-1993 ngoba ngafaka yonke imali yami kwiGenerations ngaphambi kokuba yethulwe ngo-'94. Ngasizwa nguFriedrich Stark uphrojusa wami.
Umuntu wokugcina engamthethisa...
Umshana wami ngoba uneminyaka engu-14 kodwa useqala ukuba neso labafana.
Ukuhlolwa okokugcina engakwenza...
Ngahlolelwa amehlo ngonyaka odlule ukuze ngivuselele izincwadi zami zokushayela - kodwa ngafeyila! Kwadingeka ukuba ngithole izibuko.
I-show yokugcina engayibona kwiTV...
Yi-Mad Men umdlalo ocishe uhambe emzileni weGenerations. Omunye engiwuthandayo yiGrey's Anatomy. Angivamile ukubuka iGenerations uma ngisekhaya.
Iseluleko sokugcina engasenza...
Funda uzinikele - ngisho kumshana wami!
Niqoqelwe nguPatricia McCracken
IKHASI LOKUGCINA
Njengoba iGenerations ineminyaka engu-15, umbhali walo mdlalo uMfundi Vundla usicobelela ngokwenzeka empilweni yakhe
