zulu.1628.judith
Uyaziqhenya ngemvelaphi yakhe
U-JUDITH SEPHUMA ocula i-jazz usewine imiklomelo eminingi wahambela amazwe ngamazwe ecula kodwa uthi usakhuthazwa yizintaba zangakubo eLimpopo.
"Izwe lethu linothe kakhulu kodwa asikwazi lokho," kusho yena. "ElaseLimpopo lihle, liluhlaza cwe kanti linokuthula. Sengithathe isinqumo sokuchitha isikhathi sami ngizitika ngobuhle balo kanti ngiyazi ukuthi lobo buhle balo ngizobuqhakambisa emculweni wami."
Ukuvakashela kwakhe eMagoebaskloof nomyeni wakhe kwamkhumbuza izinsuku zakudala bevakasha nomndeni wakubo esemncane.
"Njalo ngonyaka u-anti nomalume babesilanda sigibele emotweni siye khona. Ngithole ukuthi manje sekukuhle kakhulu kuleya ndawo njengoba sisanda kuyivakashela."
Ayikho into uJudith engamniki umqondo wokuba acule ngayo.
"Angibeki isithombe esigcwele ngento engicula ngayo ngoba angifuni kube sengathi ngithinta izinto zabantu. Kodwa konke engitshelwa kona noma engikubonayo ngikuzwe nsuku zonke kuyangikhuthaza.
"Ngiphila ngengoma. Ngicabanga ngesiPedi ngibhale ngaso. Yilokho okungiphumelelisayo," kusho yena.
Ngesikhathi sixoxisana naye wayegqoke i-jean ne-top. Wayengayifakile i-make-up izinwele zakhe eziphothiwe engazibophile.
Wawungeke usho ukuthi sixoxisana nomculi osehlabene njengaye - ungowesimame onomoya omuhle okuzwakala noma ekhuluma ngokukhula kwakhe ukuthi ukhuliswe kahle kanti akakhohlwa yizingane zakhe.
Umndeni
Uma eqamba izingoma uzihlola ngezingane zakhe.
"Izingoma kufanele ziculeke. Uma izingane zami zikwazi ukucula kanye nami, ziyizwa into engicula ngayo, ngisuke ngazi ukuthi ibambe ngako. Ngike ngidlale ingoma emotweni kanti uma zingayithandi zivele zithi, 'Ma, akekho umuntu ongathenga into enje.'"
Le ntokazi iyaxhuga emva kokuhlinzwa kwayo onyaweni.
"Uyazi," kusho yena, "udokotela wathi ngizoba ngcono. Nginezingane kanti izinhlungu engizizwa manje ziwubala kunalezo ozizwa uma ubeletha. Amadoda awazi lutho!"
U-Judith wathuthela eGoli ngo-1992 kodwa akapheli kubo ePolokwane.
Unabantwana abane kanti owokugcina unezinyanga ezinhlanu. Yena nomyeni wakhe uSiphiwe Mhlambi ongumthwebuli-wezithombe bayazama ukushintsha izinhlelo zabo ukuze bathole isikhathi abazosichitha nezingane.
Ukudlala
U-Judith wazalelwa eVenda umndeni wakubo wathuthela ePolokwane esemncane. "Engikukhumbulayo esasikwenza sisakhula wukuthi sasikhonze ukudlala nomfowethu nodadewethu kanye nezinye izingane. Sasidlala ibhola neminye imidlalo.
"Ngisakhumbula nokuthi sasidlala obhuqwini. Sisafunda sasincintisana ukuze kutholakale ukuthi yimuphi umfaniswano o-ayinwe kahle nezicathulo ezipholishwe kahle kodwa ekugcineni sonke sasingcoliswa wubhuqu."
U-Judith uthi esakhula wayengahlangani nabantu.
"Ngangingavunyelwe ukubukela iTV, kanti ngaphandle kwalokho, ukuyibuka kwakungeke kube lula ngoba i-battery yayibuye iphele. Sasivele silalele umsakazo.
"Njengoba ngazalelwa eVenda, ngikwazi nokukhuluma isiVenda, mina nomama sasivame ukuqopha izingoma zeRadio Venda."
Ngabe yilezo zikhathi ayezichitha eqopha estudiyo ezamnika ugqozi lokucula"
"Cha. Lokho kwenzeka sengiseGoli. Abantu basePolokwane umculo babengawuthathisa okwento ongayifundela. Umculo wawugcina ukuwuzwa emsakazweni. Yayingekho indawo yokuwufundela."
U-Judith uyaziqhenya ngemvelaphi yakhe kodwa akafihli ukuthi kukhona izinto angazithandi ngendawo yakubo. "Abantu bakhona basadla ngoludala kanti lokho angikuthandi neze," kusho yena.
Abaculi abasafufusa abanikwa amathuba anele.
"Lokho kuyamangaza ngoba kuthi uma ususedolobheni ususebenza kule mboni yomculo, uhlangane nabaculi abakutshela ukuthi baliqhamukisa eLimpopo. Ithalente likhona kodwa amathuba awekho.
"Ngabe angisiye lo muntu enginguye namuhla ukuba angikhulelanga kule ndawo engakhulela kuyona. Abanye abantu bayibukela phansi indawo yaseLimpopo.
"Kukhona abantu baseLimpopo engibaziyo okuthi uma ubuza ukuthi baliqhamukisaphi bathi baliqhamukisa eCape Town.
"Umama angangishaya uma engangizwa ngisho into efana naleyo." [z]
Homegrown/AENS
BONA ZULU - January 2008
Maningi amazwe omhlaba asewahambele kodwa usakhuthazwa yizintaba zangakubo...
indaba nguREBECCA KAHN izithombe nguVANESSA GROBLER/HOMEGROWN
Sixoxisane noJudith Sephuma
BONA ZULU - January 2008
