zulu.1627.career
Ezemisebenzi
Owokuba wumkhandi kagesi
UMphikelwa Vezi ebheka i-DB board. Ukuxazulula izinkinga ngenye yezinto ebalulekile oyidingayo uma ungumuntu osebenza ngogesi.
SAXOXISANA nomkhandi kagesi uMphikelwa Vezi ngesikhathi ebheka inkinga kagesi kwenye yamasuphamakethe eThekwini.
Kungani wakhetha lo msebenzi-
Ngisemncane ngazifundisa mina ukukhanda izinto. Emva kwesikhathi ngasebenza engadini kodwa futhi ngihlale ngikhandela umqashi wami izinto ezisebenza ngogesi. Ngangisesesikoleni wangikhuthaza ukuba ngiqhube izifundo zami.
Ngangizithanda nezobuciko kodwa ngakhetha ugesi. Ngosizo lomqashi wami ngakwazi ukuphothula izifundo zeminyaka emibili e-technical college eLadysmith.
Yimuphi umsebenzi wakho-
Ngisebenzela inkontileka ekhandela inxanxathela yamasuphamakethe ugesi. Ngikhanda ngisethe kahle izinto zikagesi bese ngisombulula nezinye izinkinga.
Yikuphi okuhle ngawo-
Ukukwazi ukuzenzela umsebenzi wami nowasekhaya ngaphandle kokukhokhela umuntu okhanda ugesi!
Izinselelo-
Wumsebenzi ongakuniki isikhathi sokuphumula.
Kukhona okwesabisayo ngawo owake wedlula kukho-
Yebo, ngikhumbula ngesinye isikhathi ngikhanda i-DB board kwenye isuphamakethe nokwathi lapho ngiqeda ukususa uthuli kwenye yezinsimbi, ngabanjwa wugesi kwamnyama esitolo sonke.
Ngavaleka amehlo cishe imizuzu emihlanu - yiyo into eyangethusa kakhulu.
Yiziphi izinhloso zakho ngalo msebenzi-
Okwamanje ngifundela ilayisensi yokuxhuma izintambo zikagesi ukuze ngiqhube izifundo zami noma ngiyosebenza phesheya.
KUFANELE UBE NGUMUNTU ONJANI
Kufanele ube ngumuntu othanda ukukhanda nokwaziyo ukusebenzisa izandla zakhe futhi onganqeni ukusebenza amahora amade, abhekane nezinselelo nezinkinga.
AMATHUBA OMSEBENZI
Akhona kubantu abaqeqeshiwe abasebenza ngogesi ngaphansi kwezinkontileka, ezimbonini zemisebenzi, kuhulumeni nasezimbonini ezizimele. Iningi labantu abasebenza ngogesi elinamalayisensi lizivulela awalo amabhizinisi kagesi.
IHOLO
Okuningi kuncika emazingeni emfundo nasembonini okhethe ukusebenza kuyona. Ukwenza isibonelo, umuntu osanda kuqeqeshwa, angaqala ngemali cishe engu-R5 000 kuya kwengu-R6 000 ngenyanga noma kwengu-R15 000 noma ngaphezulu ezikhundleni zokuphatha, noma uma uziqhubela ibhizinisi lakho.[z]
BONA ZULU - August 2007
Abangabakhandi bagesi abaqeqeshiwe bafuneka ubuthaphuthaphu lapha naphesheya
indaba nesithombe nguGRACE KHUZWAYO
UNGAFUNDELA KUPHI
Izidingo zincika emikhakheni eyehlukene kagesi, kodwa ukuze uphumelele ukuba nguchwepheshe kagesi, kuzodingeka ukuba uphase u-N2/N3 kanjalo ne-apprenticeship elandelwa yi-trade test lapho uhlolelwa lo msebenzi. Isipiliyoni futhi siyabhekelelwa nakuba i-trade test kufanele noma kanjani ukuba uyenze.
Eziningi izikhungo zokuqeqesha zinika izifundo zokuqeqesha kanjalo namathuba okufunda umsebenzi.
Ukuze uthole iseluleko, xhumana nabe-Electrical Contractors Association SA kule nombolo: 011-392-0000 - banamagatsha kulo lonke elaseMzansi kanti bazokutshela ukuthi iliphi eliseduze nawe.
BONA - August 2007
