zulu.1626.prisoners
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Inkinga ngabaqashile
Ngiqashise ngendlu emzini wami. Oqashile kwaphela unyaka ekhokha kahle. Njengamanje sekuphele izinyanga ezintathu engakhokhi. Ngiyazi ukuthi ngokomthetho kudingeka ukuba ngilandele izinyathelo ezifanele uma ukhipha oqashile. Ngicela usizo lwakho kulokhu.
AS, Soweto
lUma uqashisela umuntu indlu noma ikamelo, nenza isivumelwano se-letting and hiring. Oqashisa ngendawo kuthiwa yi-"lessor," ekubeni oqashile kuthiwa yi-"lessee."
I-lease noma okuvunyelwene ngakho kungabhalwa phansi noma kuxoxiswane ngakho. Zombili lezi zivumelwano zamukelekile ngokusemthethweni uma kukhona ikontileka enivumelana ngayo. Lokhu kubalulekile, ngoba umuntu oneminyaka engaphansi kwengu-21 ngeke akwazi ukuthatha ikontileka ngaphandle kosizo lomzali noma lomuntu okunguye ombhasobhile.
Uma umuntu efuna ukuncika kwikontileka ye-letting noma ye-hiring, kufanele kube khona ubufakazi bokuthi kwenziwa ikontileka ye-lease nokuthi kuleyo kontileka kukhona okukodwa kwalokhu okulandelayo:
mIsivumelwano salowo oyi-lessor "sokunikezela ngento" koyi-lessee. Odabeni lwakho "into" yikamelo. Lapha indlela lokhu okwenzeka ngayo ngoyi-lessor enika oyi-lessee okhiye, kusho ukuthi umnika amandla okulawula ngabo.
mIsivumelwano kwabavumelanayo lapho oqashayo kuzokuba ngokwesikhashana. Igama elithi "okwesikhashana" lisetshenziselwa ukukhombisa ukuthi ubunini abushintshi nokuthi indawo iyohlale kungeye-lessor.
mIsivumelwano sokuba i-lessee ikhokhe irenti.
Kunezindlela zokubhekana nezinkinga zoqashe kuwe. Uma ufuna imali oyikweletwayo, mthumelele incwadi emphoqa ukuba akukhokhele - uma irenti ingakhokhiwe, kufanele umthumelele amasamanisi.
Uma oqashile, egcizelela ukuthi imali wayikhokha, kufanele akhiphe ubufakazi balokho.
Uma ufuna ukuthatha izinyathelo zomthetho zokwesulwa kwesivumelwano, khipha ubufakazi bokungakhokhwa kwerenti nobelungelo lokwesula isivumelwano.
Esivumelwaneni esenziwa ngomlomo, awukho umthetho wokusesula. Ongakwenza wukubekela oqashile eyakho imithetho nemibandela.
Lokhu kusho ukuphoqelela ukuba irenti ifike kuwena ngosuku oluthile. Uma ehluleka ukukhokha, mbhalele enye incwadi nokuyilapho wesula khona isivumelwano.
Iba nobufakazi bokuthi oqashile uyazithola izincwadi. Uma ungawatholi ama-signatures akhe angubufakazi bokuthola izincwadi, zithumele ngeposi elirejistiwe.
Le nqubo ibukeka inzima kodwa ilula kangangoba nawe ungazenzela ngokwakho. Ngasohlangothini lwamasamanisi, kuzofanele uxhumane nommeli.[z]
BONA ZULU - March 2006
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
Ngokuhambisana nomthetho-sisekelo, zonke iziboshwa zinelungelo lokuphathwa ngenhlonipho, ngaphandle kokubhekela izigwebo zazo...
SITHOLE izincwadi eziningi ziphuma kwababoshiwe nabemindeni ekhathazekile bebuza ngamalungelo eziboshwa ezigwetshiwe lapha eSouth Africa.
Nakuba ukuncisheka kweziboshwa inkululeko yokuhamba ngokukhululeka kuyinto ebekwe njengesijeziso, inhloso yoMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo wukwenza iziboshwa zikwazi ukuzibuyisela empilweni yomphakathi engenabugebengu.
Neziboshwa zinawo amalungelo...
Amalungelo okuvakashelwa
Iziboshwa zivumelekile ukuvakashelwa kathathu ngenyanga.
Ekuvakasheleni umuntu kungenzeka nibonane ngqo noma ngefasitela nokuyinto encika esigwebeni nasezinyathelweni zokuphepha ezibekiwe.
Izingane zababoshiwe
Ezinye iziboshwa ziyagqilazeka ngokomqondo ziphatheke kabi ngoba abathandana nazo noma izihlobo ezibheke izingane zazo azizivumeli ukuziletha zizozibona.
Izingane zivumelekile ukuvakashela umzali ejele nakuba lokhu kungevunyelwe kwezinye izingxenye zamajele lapho kunokwesabela ukuphepha kwazo.
Kodwa awukho umthetho ophoqa umzali noma lowo obheka abantwana ukuba abahambise bayovakashela umzali wabo oboshiwe.
Uma oboshiwe ephoqelela ukuvakashelwa yizingane zakhe, kufanele lokho akwenze ngosizo lwenkantolo yomndeni (family court) ukuze athole incwadi egunyaza lokho.
Isiboshwa singacela nosizo longusonhlalakahle, isivakashi sasejele esizimele, omele abosizo lwezomthetho, noma ummeli ozimele uma leso siboshwa sinayo imali. Isiboshwa singacela futhi ukuba sishayele izingane zaso ucingo.
Ukushaya ucingo
Ilungelo lokushaya ucingo lincika emkhakheni wesiboshwa esigwetshiwe. Ngokuvamile isiboshwa siyalithola ilungelo lokushaya ucingo esikhundleni sokuba sivakashe ngezimpelasonto nangamaholidi. Lokhu kuncika ekutheni zikhona yini izingcingo ngaleso sikhathi, kanti kufanele lokho kwenziwe ngezikhathi zomsebenzi. Isikhathi socingo olulodwa esikaliwe yimizuzu elishumi.
Amalungelo okuvota
Isinqumo esathathwa yiNkantolo yoMthetho-sisekelo (Constitutional Court) sanika iziboshwa ezidonsa izigwebo ilungelo lokuvota.
Ukuvakasha kwesikhashana
Isiboshwa esigwetshiwe kungenzeka sinikwe ithuba lokuvakasha sinikwa ukhomishana ngokubhala phansi.
Imvume enjalo ingenziwa phezu kwezizathu zozwelo; ukwelashwa; izinhlelo zokuthuthukisa; noma ngesizathu esiyimpumelelo semizamo yokubuyisela isiboshwa empilweni yomphakathi.
Isiboshwa esinikwe imvume yokuvakasha siyisiboshwa ngisho singaphandle kwejele okwesikhashana. Kungenzeka sihlale sigadiwe.
Isiboshwa esehluleka ukubuyela ejele ngesikhathi esinqunyiwe, sisuke sesenze icala.
Impesheni nemali yemixhaso kahulumeni Iziboshwa azivunyelwe ukukhipha imali yempesheni noma yosizo lomxhaso kahulumeni. Ijele kufanele libe yindawo engenamali, ngakhoke yilo ijele elibekela iziboshwa imali nezinye izinto.
Ukubhala nokuthola iposi
Ayikho imigomo ebekiwe eziboshweni ezigwetshiwe ekutheni kufanele zithole izincwadi zeposi ezingakanani noma amakhadi eziwathumelayo. Ukubhekwa kwezincwadi kwenzeka kuphela ezimweni ezithile ezehlukile.
I-HIV/AIDS
AboMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo bayakukhuthaza ukuba iziboshwa ziyohlolwa ngokwempilo zizinakekele.
Kodwa asikho isiboshwa esiphoqelelwa ukuyohlolwa noma ukuyokwelashwa singachazelwanga ukuthi lokho kumayelana nani.
Iziboshwa kumele zikhuthazwe ukuyohlolelwa iHIV kodwa ngeke ziphoqelelwe.
Isikhathi kuphela lapho isiboshwa singaphoqelelwa khona ukuyohlolelwa impilo noma ukwelashwa yilapho kubonakala ukuthi ukwenqaba kwaso kungabeka impilo yezinye engcupheni. Kufanele kwazeke ukuthi imiphumela yokuhlolwa iba yimfihlo, ngeke yaziswe omunye umuntu ngaphandle kwemvume yaleso siboshwa.
Isimo sokuba neHIV akusona isizathu sokuba umuntu asheshe akhululwe. Kodwa uma isiboshwa sine-AIDS sigula kakhulu, kungaba yisizathu sokusheshe sikhululwe ejele.
Imishanguzo yegciwane
Ukunikezelwa kwayo kuhambisana nemithetho yoMnyango wezeMpilo. Amajele kufanele enze amasu okuqiniseka ukuthi iyatholakala kwababoshiwe abaneHIV/AIDS abakhetha ukuyisebenzisa le mithi.
Ukwehlukaniswa
Lokhu kwenzeka...
t Ngokucela kwesiboshwa;
t Njengesijeziso;
t Uma kugunyazwa yisikhulu sezokwelapha;
t Uma isiboshwa sinodlame noma sesatshiswa ngodlame;
t Uma kade seqile sabuye sabanjwa, kunesizathu sokuthi singaphinda seqe.
Ukwehlukaniswa kwezinye kungenziwa okwaleso sikhathi esikaliwe kanti ngeke zihlukaniswe ngokuba negciwane leHIV.[z]
Siphendula imibuzo yakho
Iziboshwa
namalungelo azo
BONA ZULU - March 2006
indaba nguLEE CURRIE no-IRENE CHETTY
