zulu.1620.lettersnov
Sibhalele
BONA ZULU November 2008
Izinsuku
zakudala
Umfundi okhathazekile uzwakalisa ulaka lwakhe futhi ukhulumela iningi lethu elingazi ukuthi umzabalazo usifake kanjani kuleli hlathi esikulo...
SIPHILA kwesinye isikhathi nakwiSA entsha. Sezadlula izinsuku abazali ababehlonishwa ngazo, izingane zihlonipha zilalela.
Sezadlula lezo nsuku lapho obaba babengamadoda emadodeni bengezona izilwane.
Sezadlula lezo nsuku lapho ilobolo laliyindlela yokubonga umndeni kamakoti, hhayi indlela yokuzinothisa.
Sezadlula lezo nsuku lapho amadodakazi ayepheka khona njengomama bawo, manje asephuza utshwala njengobaba bawo.
Kuqala kwakubekezelwa emendweni, manje kuyadivoswa.
Abantu babeshada beqhuba uthando phambili, hhayi imali nokunye.
Impilo ayimnandi neze. Sihlalele ovalweni. Abantu banamanga. Asisenathemba. Sidlala indlala, udlame nobugebengu!
Thabo Nyelele, Fairlands
Incwadi ewine kule nyanga izowina iMotorola W230 music-phone ebiza-R700!
YIBA MotoSharp-Sharp ngeMotorola entsha eyi-W230 music-phone okwazi ukuba uzikhethele umculo ngayo. Ungarekhoda kusukela kwiFM radio yakho eyakhelwe khona noma ulalele kwi-1GB MP3 player enezingoma ezifika ku-300.
IziNcwadi
U-KB uyarokha!
Ngiyinsizwa eneminyaka engu-21 yaseLusikisiki. Ngajabula ngibona uKB ekhaveni kaJuly. NginamaCD akhe wonke kanti ungumculi obashaya emakhanda eSA. Sengifunde nezingoma zakhe zesiTswana ukuze ngizicule.
Ngiyagibela ngihambele ukuthenga amaCD akhe ngoba asinazo izitolo ezidayisa umculo kule ndawo!
Njengamanje ngilalela i-albhamu yakhe ethi My Rhythm. Iyarokha!
Siyadumelisa Buntswayo,
Lusikisiki
Ngabe u-2010 uzosiza abampofu?
Amehlo asethe njo ku-2010 sengathi uzofika nomlingo ozoxazulula
zonke izinkinga zethu!
Bazitshela ukuthi uza namathuba emisebenzi!
Yebo u-2010 unesasasa elikhulu kodwa asikhumbule ukuthi imidlalo oza nayo izodonsa amasonto ambalwa.
E-SA sibe nemidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-rugby ne-cricket. Yini eyashintsha? Abantu babejabulile, kodwa kukhona okungcono esakubona?
Ngabe mangaki amathuba emisebenzi avuleka?
Angisoli abagqugquzeli bale midlalo - kodwa ngidinwa yilabo abazikhohlisa ngokuthi u-2010 uzoxazulula izinkinga zethu.
Ngabe izosizakala imiphakathi esemaphandleni? Ngibona sengathi nabasemadolobheni bazodumala!
Abathanda imali nabakhohlakele kuphela abazosizakala.
Abanye bazosala bencela izithupha.
Khayalethu Mseswa,
Port St Johns
Zilwele
Ngathola i-HIV emva kokudlwengulwa ngo-October 2000. Ngangithi kuphelile ngami. Kodwa ngabuye ngasukuma ngazithatha. Inkungu emehlweni ami yambuleka sengibone ukuthi ngizobe ngimenza iqhawe umuntu ongidlwengulile uma ngikhohlwa yimpilo yami. Sengifunde ukuphila naleli gciwane.
Manje ngishadile, ngiphila kahle. Ngicela ukuthi bonke abantu aba-HIV-positive bangalilahli ithemba.
Ungaphila iminyaka eminingi naleli gciwane inqobo nje uma uzozinakekela.
Nosisi Mpepho, Alice
Zikhandle
Nakhu engithanda ukukwedlulisela entsheni yaseSA - akukho okwedlula ukuzikhandla. Okufunayo uzokuthola ngokuzikhandla.
Ngeke usizwe yizidakamizwa notshwala.
Uzosizwa wukuya esikoleni ufunde.
Khumbula ukuthi kukhona enye impi esibhekene nayo yokulwa ne-AIDS. Singayinqoba leyo mpi ngokuzivikela uma siya ocansini noma sikhohlwe wucansi.
AS, Soweto
Sebenzisa amathuba
Sinenkinga yabantu abangafuni ukusebenzisa amathuba avelayo.
Gxila ezinjongweni zakho usebenzise amathuba avelayo.
Andrew Noge, Alexandra North
Ukulangazelela
Ulindile ulangazelela impilo ozoyiphila...
Kungenzeka ukuthi unovalo... kungenzeka ukuthi uhlalele ethembeni... noma weneme...
Kungenzeka ukuthi udangele...
Mhlawumbe usukhohliwe wukuthi amandla akho alele kuwena.
Khumbula ukuthi nawe uyingxenye yokwenzeka ezweni nokuthi izwe lakho liyakudinga.
Thabiso Joseph, Bloemfontein
Makukhulunywe ngocansi
Abazali mabafundise izingane ngocansi. Akufanele sibasole abantu abasha uma bekhulelwa singazange sibatshele amaqiniso sabafundisa ngokuziphatha.
Kukhona nenkinga "yokungazivikeli" uma kuyiwa ocansini...
Ake siyeke ukuba namahloni okukhuluma ngezocansi.
Asihlale phansi nezingane zethu sidingide lolu daba sihloniphe nemibono yazo ngoba ngeke zisizwe uma singazinaki. Kufanele sibe nesiqiniseko sokuthi izingane
zethu azesabi ukukhuluma nathi ngezocansi.
Ngalokho sizobe singenzi imizamo yokulwa ne-AIDS kuphela kodwa sizobe senza nesiqiniseko sokuthi izingane zethu zizokwazi ukuzivikela ekuhlukunyezweni ngokocansi!
F Lily, Mdantsane
Masisukume sakhe
Njengomuntu omusha, ngithanda ukukhuthaza intsha yaseSA ukuba isukume izakhele ikusasa layo. Sinawo amathuba, okufanele sikwenze wukuwasebenzisa!
Masiyeke ukudlala ngempilo
yethu!
Taelo Mabasa, Phalala
Masenze imigwaqo yethu iphephe
Mhlawumbe izingozi zomgwaqo zingancipha uma uhulumeni ebhekana nabadayisa amathayi ashibhile noma angesiyo ikhwalithi.
Manas Sefala, Moetladimo [z]
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, fax: 031-912-2720
e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
u
Esinye isikhathi lesi
UVO LWETHU
LWASIMANGAZA udaba lwethu oluthi Badlala Ngabazali (ikhasi 44). Uma usemusha ubona kumqoka kakhulu ukwenza izinto ezenziwa ontanga! Kodwa njengoba nodaba lwethu luyibeka kahle indaba, kubonakala sengathi intsha esithi iyikusasa lethu isengozini yokuba yisizukulwane esitotoseke kakhulu.
Ukufunda e-varsity kukubonisa kukwenzise izinto obungazenzi. Uthola abangani abasha unikwe igunya lokuzijabulisa. Kodwa akufanele sikhohlwe wukuthi sisuke siyofuna ulwazi.
Yingakho nje abazali bethu bedela konke babeke imali yokusifundisa. Sidlala ngabo uma sibabonga ngokubakhokhisa imali yokuthenga ifeshini.
Ngabe intsha yakithi ayizicabangeli ngalolo hlobo? Lokho kulibekaphi ikusasa lethu? Ngabe lokho kwakha siphi isithombe ngathi?
Imbangela yokuthanda kwethu izinto ezingathi shu idalwa nawukuthi sithathwa yizikhangiso zeTV ezisikhuthaza ukuba sithande izinto sihalele nezinto zabantu. Kodwa singayisiza intsha yakithi ukuze ithathe izinqumo ezifanele.
Abantu bakhala ngokwehla kwezinga lempilo kuleli lizwe - lokho kuliqiniso. Uma ubheka indlela amaqembu ezemidlalo adlala ngayo uyabona ukuthi wukuthanda imali osekumandla kakhulu kunokuzihlupha ngokudlala kahle.
Udaba olunjengalolu esilubhalile lusitshela ukuthi inkulu inkinga esibhekene nayo. Kufanele sihlolisise okungamagugu ethu uma intsha ikholwa wukuthi wukuba ne-cellphone okumqoka kunokuthola ulwazi.
Kungenzeka ukuthi baningi abafundi ababona sesifikile isikhathi sokugxila ezintweni eziligugu. Masibakhuthaze.
BONA ZULU November 2008
u
Q
Uvo Lwakho
Kube semthethweni ukuqwayiza ngo-2010?
YEBO. "Uma kwenziwa kwamanye amazwe, thina singavinjwa yini? Kuyafana nje ngoba abantu bazoqhubeka balukhokhele ucansi."
John Cele,
othela u-petrol
CHA. "Angihambisani nalowo mthetho ohlongozwayo. Yizinto ezinjengalezi ezibulala izwe lethu."
Nokukhanya Madlala,
osiza ezindlini
CHA. "Ukuqwayiza akukuhle futhi akufanele kube semthethweni. Kusabalalisa i-AIDS. Akukuhle ngisho noma sekusetshenziswa amakhondomu."
Zinhle Ngubane, uweta
CHA. "Abesimame bayinsika yezwe. Kuzophela ukuthi babe amagugu esizwe uma bedayisa ngomzimba. Asikho isidingo sokusebenzisa umzimba ukuze uthole imali."
Bongi Nkosi,
ozisebenzayo
CHA. "Akulungile. Sinenkinga ye-HIV! Izingane zethu zizothola siphi isifundo kule nto? Akukuhle nje."
Lee Gehihe, okhanda izicathulo
CHA. "Ngeke kulunge. Uma udinga imali, funa umsebenzi, ungadayisi ngomzimba wakho. Khumbula ukuthi umzimba uyiThempeli likaNKULUNKULU."
Zolani Makaula, odilivayo
CHA. "Ngicabanga ukuthi umthetho ukhuthaza ukuxega kwezimilo. Ngabe u-2010 umqoka kangangoba sesingaze sehlise isithunzi sethu?"
Gift Kunene,
osebenza ebhange
CHA. "Akukuhle ukuthola imali ngokudayisa umzimba. Ngincamela ukufa ngibulawe yindlala kunokuqwayiza!"
Sipho Khaba,
ogrila inyama
BONA ZULU November 2008
Ubugebengu
Abafundi abane bayaphawula...
ISELULEKO KUBENZI BOBUBI
Zama lokhu - thanda abantu. Cabanga umthelela wezenzo zakho zobubi. Sihlukile ezilwaneni ngoba sinengqondo! Uma ungabathandi abanye abantu, umubi ngaphezu kwezilwane.
CW, Welkom
UMTHETHO OWODWA
Asikhumbule ukuthi eSA kunomthetho owodwa, emadolobheni akusebenzi umthetho ongafani nalowo osebenza emaphandleni.
MRN, Flagstaff
AKUHLATSHWE UDLAME
Osopolitiki babavumela kanjani abalandeli babo ukuba basabise ngokuthi kuzoba nodlame uma izinhloso zabo zingafezeki? Ngabe lokhu kuhle? Ngabe sizophenduka izwe elibulalayo uma intando yethu ingenzeki?
AK Khaya, Durban
BAZOSINAKEKELA KANJANI?
Izigelekeqe zibulala abantu mihla namalanga kanti amaphoyisa kumele azikhandle abophe laba bantu. Ave kubuhlungu ukubona iphoyisa elinesikhundla esiphezulu lihluleka wukuphendula kwiTV uma libuzwa ngobugebengu. Bazosinakekela kanjani la bantu?
MR Ngcobo, Greytown
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi ongamele ezobuciko:
Esthera van Wyk
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000
Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700
Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600
Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith Ucingo: 011-248-3500
Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
