zulu.1618.today March
Sebenzisa lo mhlahlandlela ukuze ubone izinyoni
Amakhasi ephrojekthi
kaBona
BONA ZULU - March 2006
I-South Africa idume ngezitshalo nezilwane zayo kanti ziningi nezinyoni futhi.
Ezinhlotsheni zezinyoni ezingaphezulu kuka-950 ezise-Africa eseNingizimu, ezingu-177
zisezindaweni ezithile kuphela emhlabeni. Ngamanye amazwi, cishe zingu-20 percent izinyoni ezise-Africa eseNingizimu ongeke wazithola kwenye indawo emhlabeni! Kule phrojekthi yeSayensi yeMvelo sizobheka izinhlobo zezinyoni sikweluleke ngokuthi ungazihlola kanjani.
endemic lokhu kusho ukuthi zitholakala endaweni ethile kuphela emhlabeni
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweScience TODAY eshicilelwe abakwaMaskew Miller Longman. Uchunge lweTODAY lulungele abenza uGrade 7 kuya kuGrade 9.
Iyini i-ornithology?
I-Longman Active Study Dictionary i-ornithology iyichaza njengocwaningo lwezinyoni.
Isiqhova
Umsila awumude kunomzimba
Ubude beMalachite Kingfisher bungu-13cm kanti yinyoni encane lena. Inomlomo onokubomvu noku-orange kanti umbala o-metallic blue ongenhla emzimbeni wayo utholakala kulezo zinyoni esezindala.
Umsila mude kunomzimba
I-Blue Crane
Lolu hlobo lwenyoni ubude bayo obungu-one metre lutholakala eSouth Africa kuphela. I-blue crane inombala o-blue-grey, inomqala omude oweseke ikhanda eliyisigaxa, imilenze emide namaphiko amahle alengela phansi. Le nyoni idla imbewu, izinambuzane nezilwane ezihuquzela ngezisu. Amaqanda iwazalela endaweni evulekile eduze kwamanzi. Yande kwiKaroo, kodwa ungayithola nasezindaweni ezinotshani KwaZulu-Natal kanti zivame ukuhamba ngazimbili noma zibe yimindeni.
Ubude bungaphezu kuka-20cm
Izinyoni
Umzimba ungapha-
nsi kuka-20cm
Umlomo osontekile
Umlomo omnyama
Ngabe bewazi?
I-blue crane yinyoni etholakala kulo lonke elaseSouth Africa.
Ngabe bewazi?
Kungukuphula umthetho ukugcina izinyoni
zendabuko endaweni evalekile ngaphandle kwemvume.
Ayinasiqhova
Umlomo oqondile
Umlomo obomvu
Okulungele izingane zeminyaka engu-8-14
I-Yellow-billed Hornbill iyinyoni ephakathi nendawo ngobukhulu, ubude bayo buphakathi kuka-48 no-60cm, umlomo wayo mude uphuzi.
Ukubheka izinyoni
Qaphela lezi zinto ezilandelayo uma ubheka izinyoni:
n Ubukhulu - ngabe iyalingana ne-sparrow, ijuba noma i-guinea fowl?
n Umlomo nezinyawo - bheka ubude bayo, ukuma nombala wayo.
n Umbala wezimpaphe - unjani umbala wekhanda, isifuba, amaphiko nomsila?
Ngabe inamachashazi noma imithende? Ngabe inesiqhova (crest) ekhanda?
n Ezikwenzayo - ngabe yenzani inyoni? Ihamba phansi noma iyagxuma?
n Indawo ekuyona - uyibonephi? Uyibone endaweni evulekile noma ehlathini?
n Igama layo - thola igama layo: ungabuza kwabanye noma ubheke ezincwadi
ni e-library yangakini.
I-Knysna Lourie itholakala emahlathini aseSouth Africa kuphela. Le nyoni yinkulu inombala oluhlaza nomlomo omfishane nezimpaphe ezibomvu ezibonakala kahle uma indiza.
Izinyoni zinokuningi okufanayo ngazo.
Bheka izinyoni ezingakini
Uzodinga: incwadi echaza ngezinyoni,*
i- notebook, ipeni lomsizi.
a. Yiziphi izinyoni ezitholakala lapho uhlala khona?
b. Ngabe izinyoni ziningi ngakini noma ngasesikoleni?
c. Ngabe kutholakala uhlobo olulodwa lwezinyoni unyaka wonke?
* Vakashela i-library yangakini uthole incwadi echaza
ngezinyoni.
I-African Hoopoe
isebenzisa umlomo wayo ukugola imisundu
nemihlwa. Igama elithi Hoopoe yalithola ngomsindo wayo ewubangayo othi "Hoop-hoop".
Ngabe bewazi ukuthi?
Kungcono ukubuka izinyoni ekuseni noma ntambama.
Ngabe bewazi ukuthi?
Intshe ingagijima u-70km ngehora.
