zulu.1617.BEC success-tips
NGOKULAWULA isikhathi ngendlela efanele okwenzayo ukwenza ngempumelelo, umsebenzi wakho uwubekele isikhathi ozowuqeda ngaso ugweme nokugcina usunenqwaba yomsebenzi.
Nakhu okuzokusiza ukuze ulawule isikhathi sakho ngokuyikho.
1 Khuthala ungachithi isikhathi
Kusemqoka ukuba nesikhathi sokubheka izinto ezibalulekile ugweme ukuzenza emva kwesikhathi. Uma kukhona okumele ukwenze, kwenze! Zikhona izinto esiziyekayo esizenza isikhathi singasekho kumosheke esinye isikhathi lapho sesizenza.
Cabanga ukuthi kungani kungavumi ukuba wenze eminye imisebenzi ngesikhathi uthathe izinyathelo zokuyenza.
2 Yenza umsebenzi wamaphepha
Uma wenza umsebenzi wamaphepha, ungawubeki uze wande kakhulu. Lokho kuzokuthikameza ngoba uzogcina usunomsebenzi omningi okumele ngabe kade wawenza, wawudlulisela kwabanye noma wawulahla.
Uma kukhona iphepha elibekwe edeskini lakho, yenza okunye kwalokhu okulandelayo:
n Hlala phezu kwalo ngokushesha.
n Lidlulisele komunye ozolibheka.
n Lifake kwi-file ulibheke ngolunye usuku.
n Lifake emgqomeni.
3 Ungakuvumeli ukuphazamiseka
Qiniseka ukuthi okukuphazamisayo kuyingxenye yomsebenzi. Zama lokhu okulandelayo:
n Tshela ozakwenu ukuthi ningabonisana ngomsebenzi ngesikhathi sekhefu noma emva komsebenzi.
n Uma kungenzeka, izingcingo ezingenayo azingene kophendula izingcingo. Akakuthathele imilayezo ukuze uthinte obekushayele ucingo usunesikhathi. Mtshele ukuthi ufuna ukukhuluma nobani nokuthi uzobhekana kanjani nabanye abashaya ucingo.
Uma kungelula ukwenza lokho, xoxisana nozakwenu ukuba athathe izingcingo zakho ngezikhathi ezithile ukuze ube nesikhathi sokwenza eminye imisebenzi ebaluleke kakhulu.
4 Ukusizwa umuntu owaziyo umsebenzi konga isikhathi
Ungazitsheli ukuthi onikwe kona kumele kwenziwe uwena. Umsebenzi owunikwayo wuhlole ukuthi kumele wenziwe uwena yini noma ungakwazi ukuwudlulisela komunye.
Uma ucela usizo lomunye umuntu, qiniseka ukuthi uyakwazi okumele akwenze, isikhathi okudingeka ngaso, kudingwa ubani kukuliphi izinga. Akeze kuwena azobuza uma ehlangabezana nezinkinga.
Kugweme ukwenza umsebenzi womunye umuntu. Lokho kungenzeka kalula uma uvumela abantu ukuba badlulisele izinto zabo kuwena. Yikangaki uthi, "Kushiye kimina ngizobuye ngikwenze""
5 Ukuhlelela umsebenzi makuhambisane nezinjongo
Kuzwakala kulula. Kodwa ngabe yikangaki uthola ukuthi kunolwazi oludingayo ongakwazi ukuluthola uma kukhona umsebenzi okumele uwenze" Lokho kwenza ungasheshi ukuphela lowo msebenzi kanti uma uwuhlelele ngokuzimisela izinkinga ezinjengalezi zingagwemeka. Ngokuhlela uzokwazi nokuqeda umsebenzi wakho ngesikhathi esifanele. Uma umsebenzi owenzayo ungabekelwe sikhathi okumele uqedwe ngaso, zibekele wena esakho. Lokho kuzokunika ithuba lokugxila kokwenzayo ngaphandle kwezingqinamba.
Yenza okukodwa ngesikhathi. Ukugxila emsebenzini obhekene nawo kuzokusiza ngoba uzowuqeda ngokushesha uwenze ngendlela egculisayo.
Nakuba senze konke okusemandleni ukubheka izinto ezithinta lesi sihloko, kungenzeka kube nokunye okudingeka ebhizinisini lakho. Uma kukhona okungabazayo, cela iseluleko kwabazi kangcono.
BONA ZULU - July 2006
Ukulawula isikhathi
BONA - August 2005
