zulu.1616.hair
Izitayela zasehlobo
BONA ZULU November 2008
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
Uma kushisa, kungaba ngumsebenzi ukususa izinwele ebusweni - zisuse kalula wenze lezi zitayela kuleli hlobo. Indaba nguFaith Seuoe, izithombe ngu-Ivan Naude, umkhangisi: Dora
AWUFUNI ukubukeka ukhathele unezinwele ezingabukeki kahle kodwa okufunayo wukwenza isitayela esizosusa izinwele ebusweni njengoba kushisa - izinto zokubamba izinwele zizokusiza. Ngazo uyakwazi ukwenza okuthandayo ezinweleni zakho ubukeke kahle. Ngabe yikuphi ozokukhetha njengoba ziziningi izinto ongahloba ngazo"
Khetha ezimbalwa uhlobe ngazo isikhathi eside. Zikhethe zihambisane nesitayela osenzile, impilo oyiphilayo, izingubo ozigqokayo nemibala oyithandayo...
Okuhle kakhulu
Le headband emnyama oyibona esithombeni kwaba yisibusiso ukuyithola ngoba ihlala kahle ezinweleni, yenziwe ngopulasitiki othambile nelasitiki engemuva ekhavwe ngendwangu eyenza ukuba ihlale kahle ezinweleni.
Ikahle ngoba ungayisebenzisa kunoma iyiphi i-hairstyle - ungayifaka emsebenzini noma uma ushaywa wumoya nabangani.
Amabhande ezinwele
Ama-Alice bands angenza ube muhle ngaphandle kokuzizwa sengathi usuphindele ebuntwaneni. Atholakala ngezitayela ezihlukene kanti kukhona akhavwe ngendwangu anobuhlalu, i-crystal noma i-pearl.
Esiwasebenzisile akhavwe nge-satin kanti atholakala ngamasethi amathathu.
Amalasitiki
Iqhinga lokuthola amalasitiki amahle lilele ekuqinisekiseni ukuthi akhavwe ngendwangu ukuze izinwele zingaphuki. Wasebenzise kwi-ponytail eqoqene noma ehlakazekile ukuze ibukeke kahle.
Esiwasebenzise kumkhangisi wethu mahle kanti ahlotshiswe ngobuhlalu.
Amaribhini amahle
Amaribhini atholakala ngemibala ehlukene, enziwe ngezindwangu kanti ayashiyana nangobude - okuhle kakhulu ngawo wukuthi awabizi. Wasebenzise njenge-headband, njengoba senze kumkhangisi wethu, wafase nge-brooch, ngezinkinobho noma ngophini ukuze aqhakaze.
Ungawasebenzisa nakwi-ponytail noma uhlanganise amabili noma amathathu anemibala ehlukene ukuze ube muhle. Uma ufuna ukuwaqinisa kahle, hlanganisa amathathu...[z]
BONA ZULU November 2008
