ZULU.1615.muthi
NGABE ubona ukuthi abantu bayakuzonda" Ngabe abangani bakho bayakushalazela" Ngabe kukhushulelwa abanye abantu ezikhundleni emsebenzini"
Ngabe anizwani nesithandwa sakho"
Ngabe usola ukuthi uqalekisiwe"
Ngabe ubani omsolayo ngaleso siqalekiso"
Sivame ukukhala ngamadlozi ethu uma izinto zingasihambeli kahle, sithi asifulathele ngoba siwadumazile.
Emva kwalokho sithenga izimbuzi, izimvu, izinkukhu noma izinkomo sihlabe sishweleze kuwona...
Akugcini ngokuthi kube amadlozi kuphela anamandla okusinika izinhlanhla nokuzivala.
Bakhona nabanye abangakwenza lokho - esivame ukungabanaki.
Bahloniphe
Asingawakhohlwa "amadlozi ethu aphilayo". Lapha ngikhuluma ngezihlobo zethu ezinjengomalume no-anti bethu abasazodlula kulo mhlaba. Nabo kufanele sibahloniphe.
Njengoba emiThethweni eliShumi kukhona nothi masihloniphe abazali bethu, isiko lethu nalo liyasho ukuthi bonke abantu abadala kufanele sibahloniphe ngendlela esihlonipha ngayo abazali bethu.
Lalela uma umuntu omdala ekululeka - ziningi izibusiso ozozithola ngokwenzenjalo.
Uzozisola uma umcasulile, umhlukumezile noma umphathe kabi umuntu omdala!
Ukusukumela umuntu omdala esitimeleni noma ebhasini kungabukeka kuyinto encane, kodwa ungaba nezinhlanhla ngaleso senzo nje sisodwa.
Izinhlanhla zizozizela kuwena umuntu omdala engakasho nokuthi, "Ngiyabonga mntanami".
Amashwa azokulandela njalo uma uqhubeka uhlukumeza abantu abadala. Amashwa uba nawo ngisho noma ungamkhuzi umngani wakho ohlukumeza abantu abadala.
Sekuyacaca-ke manje ukuthi akusibo abangasekho kuphela abangakuqalekisa. Njengoba lokho sesikwazi, sisiqeda kanjani leso siqalekiso"
Ungazidonseli ulaka
Masiwaphathe kahle "amadlozi ethu aphilayo". Kodwa nathi njengabazali kumele sibheke ukuthi siziphethe kanjani izingane zethu.
Ungalokothi ubize ingane ngesilima noma ngosathane noma uthi yimbi - ngisho noma ngabe uthukuthele kangakanani.
Amagama anjengalawo aba yisiqalekiso esigcina sihlupha wena kusasa.
Abazali kufanele babheke futhi ukuthi akugcini kuhlukumezeke izingane zabo ngamaphutha enziwe yibona - njengoba obaba bevame ukungabondli abantwana babo ngoba nakhu bengazwani nomama babo.
Singasigwema isiqalekiso uma sibaphatha kahle abadala kanjalo nabantwana bethu, kodwa ake sithi isiqalekiso sisakulandele phezu kokuba uzama ukwenza okufanele empilweni - senzenjani kuleso simo"
Ukulwa naleso siqalekiso, izinyanga ziluleka lowo onaso ngokuthi akageze ngamanzi abandayo axutshwe namakhambi okungesiwo awakule ngabadi atholakala ehlathini.
Umuntu kumele agezele kude nasekhaya, mhlawumbe ehlathini, ilanga lingakaphumi noma lingakashoni.
Le ndlela isasebenza namanje. Uma engatholakali la makhambi esikhuluma ngawo, ungasebenzisa impushana ekhishwe emagatsheni amabili athandelene kunoma yisiphi isihlahla ehlathini.
Okokugcina, ngithanda ukuphinda ngixwayise intsha ngokuthi ayingabahlukumezi abantu abadala.
Ngokuhlukumeza abazali bakho noma abantu abadala, uzozidonsela isiqalekiso esingapheli.
Ungenzi okuzokuqhatha nolaka lwabadala.
Baphathe kahle ithuba lisekhona. [z]
Ezemithi yesintu
46 BONA ZULU - January 2006
Ukuqeda isiqalekiso
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
