zulu.1614.stars
BONA ZULU – November 2007
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Njengoba uqhuba kahle emsebenzini nomsebenzi uwuqeda ngesikhathi uzozakhela ugazi. Yisikhathi sokuba uzithokozise uzijabulise noma ingayiphi indlela.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Lesi yisikhathi esihle kakhulu kuwena. Kungenzeka kube khona oyisihlobo sakho ongase akusize ngemali. Lesi sikhathi uzosithokozela nabangani. Uma ufuna ozozwana naye, ungaba senhlanhleni.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Lesi yisikhathi soguquko. Uma ungumuntu ozizwa ekhululekile, uzothola ukuthi uzophumelela uma uqhuba ngokwezifiso zakho. Izifiso zakho zizokuba yimpumelelo...
CANCER
(Jun 22 – July 22)
Ubukeka usenhlanhleni, ngakhoke kufanele uqhubekle ufeze izinhloso zakho. Ukuhlelela isikhathi eside yiyonanto esiyikhuthazayo nokufanele yenzeke kalula. Qiniseka ukuthi usebenzisa isikhathi sakho ngokuyikho nangendlela yobuhlakani.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Chitha lesi sikhathi ngokuzihlalela nabantu abangaba wusizo. Yisikhathi esihle sokwakha ubudlelwane kwezamabhizinisi nokuba uzithuthukise ngokwamakhono akho. Baningi abazothakasela izinhlelo zezinhloso zakho.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Abangani abasha nabadala namalungu omphakathi bazoletha injabulo empilweni yakho. Lesi yisikhathi esihle sokuhlanganisa amabhizinisi nenjabulo ukuze uphumelele kunoma yini ozimisele ukuzuza ngayo.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Lesi yisikhathi sembuyiselo ezintweni ezithinta umndeni wakho kanjalo nasemsebenzini. Gxila kokuthinta wena uqobo - lena iyona ndawo ebalulekile ekuphumeleleni kwakho.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Uzozakhela imali uma uwabamba ngezandla zombili amathuba akuvelelayo. Gxila emathubeni amasha kwezamabhizinisi - ngoba yiwo azokulethela imali. Uma uqashiwe, lesi yisikhathi sokucela ukukhushulelwa imali emsebenzini.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Uzophumelela uma wenza izinto ngokucophelela. Yisikhathi esihle sokuhlelisisa izinto ngendlela ephusile. Xhumana nabantu abangakusiza ngakwezamabhizinisi, kanjalo nabantu abaphezulu.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Yisikhathi esihle sokuzwana nabomndeni. Kubalulekile ukuba ukhombise abomndeni wakho ukuthi ungumuntu onobubele nesihawu. Uzothola iseluleko esihle kumuntu omdala uma kunesinqumo esikhulu okudingeka ukuba usithathe.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Lesi yisikhathi esihle impela ngakwezothando nakwezemidlalo. Izinto zizokuhambela kahle uma ukhombisa ukuzinikela kokwenzayo, ungenzi izinto ngoba uqophisana nabanye.[z]
SCORPIO
Oct 23 – Nov 22
CYRIL RAMAPHOSA
(NOVEMBER 17, 1952)
UKUPHATHELENI UNYAKA
Lona kungaba wunyaka lapho ungabona amaphupho akho efezeka. Qhubeka nezinhlelo zokufundela ulwazi, uhambele nezindawo ukuze ube nolwazi oluningi - uma lokho kuyisifiso sakho. Bambelelisisa lapho ukhona. Uthando lwakho luzokwedlula esikhathini esibalulekile, kanti nomphumela walokho uzonanelisa nobabili. Emizamweni yokwenza amaphupho akho abe yimpumelelo, uzosithola futhi nesikhathi sentokozo nokuyinto ezokwakhela ugazi. Esingakusho wukuthi unyaka ukuphathele okuhle kodwa.
BONA – July 2007
