zulu.1613.cassius
ISIBHAKELA
UTHI lapho uqala umbuka umfanise nomuntu omaziyo. Ungumuntu ozithobile obukeka enamahloni. Akukho okukutshela indaba ngaye kuze kube umbukela eduze. Kulaphoke umbona ukuthi yisidlakela sensizwa ephile ngokomqondo nangokomzimba. Lowo ngumshayi-sibhakela osivulelayo isibhaxu.
Njengoba umbona engumuntu othule, yingenxa yokuthi izibhakela zakhe yizona ebezimkhulumela cishe yonke le minyaka engaphezu kwengu-20.
Leso yisikhathi eside kakhulu kubashayi-sibhakela, kodwa uCassius Baloyi akusiye umshayi-sibhakela ongamthatha noma yikanjani - lo mdlalo wawuthanda esemncane.
"Uthando lwami lwesibhakela ngaluthatha kubaba," kusho yena. "Ubaba wayakha indawo yokujima egcekeni - nami ngisakhula ngimbuka eshaya i-punchbag. Ngawuthanda laphoke umdlalo wesibhakela."
UBaloyi ngaleso sikhathi wayesese-primary school. Kusukela ngaleso sikhathi esangcweka nabafowabo nomzala wakhe waqhubeka waze wayowina imendlela yegolide emqhudelwaneni wesibhakela owawubanjelwe eGermany ngesikhathi esese-high school.
"Ngo-1993 ngisalwa ngaphansi kwama-amesha, ubaba wami nami sahamba sayobona uNick Durandt. Wangimema ukuba ngizomjoyina eJozi nokuyilapho ngangizojima endaweni yokujima engcono.
"Impi yami yokuqala esibhakeleni esikhokhelayo ngayilwa no-Isaac S'khosana," kusho kukhumbula lo shampeni. "Ngeke ngiyikhohlwe leyo mpi ngoba kulapho ngaphuka khona iqupha."
Kumanje ezimpini ezingu-39 engumshayi-sibhakela esikhokhelayo, uBaloyi usewine ezingu-35 wehlulwa kwezintathu walwa ngokulingana kweyodwa.
Namhlanje unendodakazi yakhe endala athi iyazifela ngesibhakela. "Ize ingivuse ebusuku uma kukhona isibhakela kwiTV," kusho uBaloyi.
Yini uBaloyi angayenza uma indodakazi yakhe nayo ingadlala isibhakela?
"Ngeke nakancane ngime endleleni yayo, kodwa ngiyoyexwayisa ngokuthi isibhakela yinto eyinselelo enkulu neyingozi. Sekuyoba kuyona uma ngabe ifuna ukudlala isibhakela noma cha."
UBaloyi ushade noNomagcino aqala ukuthandana naye ngo-1995, kanti kumanje banamadodakazi amabili.
"Ungumzalwane osiNdisiwe," kusho uBaloyi echaza ngomkakhe. "Noma kunini uma ngizolwa uyangithandazela.
"Usaba nakho ukwesaba uma ngilwa - noma esekwazi ukumelana nalesi simo kanti ungeseka kakhulu.
Yikho lokho kumeseka kwakhe okwasiza uBaloyi wakwazi ukubhekana nesimo sokuba ngomunye wabahlukumezeka ngobugebengu.
Lowo kwakungu-2001, ngesikhathi bemdubula ethangeni esigamekweni sokuzama ukuduna imoto.
Wayenempi eyayisamlindele kangangoba washeshe wabuyela ejimini.
"Ngangingeke nakancane ngivumele izigilamkhuba zikhubaze umsebenzi wami engiziphilisa ngawo. Ngaphila futhi ngemithandazo kankosikazi wami..."
Omunye umuntu onegalelo elikhulu empilweni nasemsebenzini walo mshayi-sibhakela ngu-Nick Durandt obeke kanje ngoBaloyi: "UCassius uzinikele kanti isibhakela usithanda ngenhliziyo yakhe yonke futhi ungumuntu owenza kube lula ukusebenzisana naye."
"Enye into emangalisayo ngaye, wuthando analo ngomndeni wakhe nomkakhe ekubeni bobabili bangabazalwane abazelwe kabusha abasebenza ngokuzikhandla ukuze baphile impilo enhle."
Nasesibhakeleni usebenza kanzima nangokuzimisela. "Sasazi ngesikhathi sizolwa noMzonke Fana ukuthi sizonqoba nokwadingeka ukuba sisebenze kanzima.
"UCassius ukholwa wukuthi uma uzibekela imigomo, akukho okuyoma endleleni yakho," kusho kuchaza uDurandt.[z]
Usewine izicoco ezingu-12 eminyakeni engu-14. Kumanje ungushampeni we-IBF Junior Lightweight - lowo nguCassius Baloyi othi asekhona amandla asasele ezibhakeleni zakhe... indaba nguSteven Makhanya
BONA ZULU August 2008
Udalimede wezibhakela
BONA ZULU August 2008
UCassius Baloyi kusukela kude kwesobunxele ejulile ecabanga; ematasa elwa; enendodakazi engumlandeli wakhe omkhulu uCasionela, eyaqanjwa kusukela egameni lakhe.
UCassius Baloyi noMr Boxing wakuleli uNick Durandt bethokozela ukuwina ndawonye.
