zulu.1611.muthi
ezemithi yesintu
UCANSI lungadala izinkinga eziningi emshadweni. "Imizwa yami ayisebenzi uma ngithintwa wumyeni wami," kusho owesimame waseSiphingo oshadile oneminyaka engu-33. Esikhathini esedlule sike sabhala ngenkinga yokungavuki kwenduku kwabesilisa - izinkinga eziphathelene nezocansi abesimame abahlangabezana nazo zingaba nomthelela omubi othandweni nakuba ezabo zingagqami njengezabesilisa.
"Umshado wami usuphenduke isihogo," kusho lo wesimame waseSiphingo onengane eyodwa.
"Akuthi shu uma ngiqatshulwa noma ngidlaliswa ngisho noma kungathatha isikhathi eside kangakanani. Kuba buhlungu ngendlela emangalisayo uma ngiya ocansini!"
Umakoti osibhalele useke walufuna usizo. "Sengiye kodokotela abambalwa bangiyalela amaphilisi angangisiza kodwa umehluko angiwuboni.
"Empeleni angizwa bumnandi uma ngiya ocansini. Kunalokho kuba buhlungu. Ukuya kwami ocansini sengikufanisa nokudlwengulwa. Ngabe ngithakathiwe" Ngingalutholaphi usizo""
Owesimame oneminyaka engu-20 waseLadysmith uthi yena eyakhe inkinga yaqala emva kokuba esongelwe owesimame owayethandana nobaba wengane yakhe.
"Uma ngiya ocansini kuba buhlungu sengathi nginezilonda esithweni sami sangasese."
Lokhu kungikhumbuza isisho sesiZulu esithi - "Awumbiwa ndawonye." Lokhu kusho ukuthi umuntu kumele asukume afune usizo lokwelashwa ezindaweni ezihlukahlukene.
Iphuzu lami lithi, laba bafundi nabanye besimame abanenkinga efanayo kumele baye okungenani ezinyangeni ezintathu.
Ngaleyo ndlela bangathola umsuka wenkinga yabo.
Ukwesekwa
Mabangabashiyi abakhwenyana babo nezihlobo zabo uma sebeyofuna lolo sizo.
Ukuba khona kwabo ngeke kugcine ngokumnika uxhaso lowo onenkinga kodwa bangakwazi nokukhipha imininingwane ngomlando walowo mndeni mhlawumbe kuvele nesithombe esimayelana nembangela yenkinga yalowo muntu wesimame.
Empeleni izinkinga zalolu hlobo kufanele zilungiswe abazali balowo wesimame onenkinga ikakhulu umama kusukela ingane iseyintombazane isakhula.
Kusemqoka ukuthi omama bakhulume nezingane zabo zamantombazane ngezindaba zocansi zingakathombi. Ngokosiko lwethu, obaba bona bakhuluma namadodana abo ngalezi zinto.
Kodwa kuvame ukuthi umthwalo wonke ubekwe emahlombe kamama. Sesifikile isikhathi sokuba obaba nabo bakhulume nezingane zabo ngalezi zinto.
Uma sibuyela ezinkingeni zabafundi bethu abasibhalele, izinkinga zocansi kungenzeka zidalwe yimicabango yomuntu kanti kulokho isangoma naso singasiza.
Iseluleko
Kodwa ezinye zidalwa wubuhlungu umuntu asuke ebuzwa emzimbeni. Kuyangihlupha ukuthi ababili esibhale ngabo bakhala ngezinhlungu abazizwayo uma beya ocansini kanti kulokho bangasizwa wudokotela noma wumtholampilo.
Kuzodingeka ukuba baye kodokotela abambalwa ukuze bathole usizo bangayi koyedwa.
Ngabe lona othi usaya kodokotela abambalwa wachaza kahle ngesimo sakhe noma wayenamahloni" Ngabe wawaphuza kahle amaphilisi akhe"
Nasi iseluleko sami. Uma uzwa ubuhlungu ngesikhathi uya ocansini, iya kudokotela ngokushesha. Ungabi namahloni. Inkinga yakho izoxazululeka kalula uma uyisukumela ngokushesha. [z]
Uma ucansi
lubuhlungu
BONA ZULU - March 2008
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
