zulu.1609.corrup
Inkohlakalo yosopolitiki eSA
Bantshontsha ikusasa lethu
Ukugcwalisa amaphakethe abo ngemali, kwenza elikhulu ihlaya embusweni wentando yeningi kukhubaze nomphakathi
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe nguCLIVE THOMPSON
IZWE elinenkohlakalo ukuwedlula wonke emhlabeni yiHaiti ngokwemibiko yabeTransparency International okuyibo abashicilela iCorruption Perceptions Index (CPI) yaminyaka yonke. Bacubungula inkohlakalo yamazwe omhlaba, bawaklelise “ngokwamazinga enkohlakalo yawo ikakhulu phakathi kwezikhulu zomphakathi nosopolitiki.”
Le nhlangano inkohlakalo iyichaza “njengokusebenzisa budedengu ihhovisi lomphakathi ukuze kuzuze wena.” Ngokocwaningo lwayo lwakamumva lwamazwe angu-163, i-Iceland, Finland neNew Zealand iwona mazwe anohulumeni abangakhohlakele kakhulu.
Okumangazayo, izwe lase-UK likleliswe laba ngunombolo 11, kanti iMelika ingunombolo 20, okukhombisayo ukuthi ngisho amazwe amabili anamandla kunawo wonke emhlabeni nacebile, nakuwona ikhona inkohlakalo.
Udaba luka-October 2006 lweWashington Post lwadalula inkohlakalo yosopolitiki baseMelika nokuthi kunama-senators (okuyigama laseMelika esingalilinganisa namaMPs kuleli) okumanje angaphezu kwangu-200 angaphansi kophenyo, ngokwamukela ukugwazelwa nezinye izenzo zobugebengu.
Ngabe iSA yona abeCorruption Perceptions Index bayibeka kuphi?
Ukukleliswa kwethu
Izwe lethu likleliswe laba ngunombolo 51 emazweni angu-163. Lokhu kusibeka phambili kunamazwe angomakhelwane bethu - iMozambique (99), Namibia (55), Zimbabwe (130), Lesotho (79) neSwaziland (121). Abantu abasehlulayo, yiBotswana kuphela yona ekleliswe yaba ngunombolo 37.
Ngakhoke izinto kungenzeka zedlulele – kodwa futhi zingaba ngcono. Ucwaningo lwakamumva lwamahlazo enkohlakalo lukhomba ukuthi ingakanani imali osopolitiki, izikhulu zezezimboni nozakwabo kwezamabhizinisi nakwezinye izindawo basintshontshela kangakanani…
l Pappie Mokoena: Ecaleni okumanje liphambi kwenkantolo yaseBloemfontein, owayeyimeya yaseManguang ubekwe icala lokukhwabanisa nelenkohlakalo lemali efinyelela ku-R150 million.
l Thuso Motaung: Kwelinye futhi icala, nalo eliqhubekayo enkantolo, lona owayengumsakazi weLesedi FM, umkakhe nababambisene naye kwezamabhizinisi babekwe icala lokuqola uSABC imali engaphezu kuka-R30 million.
l Linda Mti: Uma inkampani yakho ifuna ukwenza umsebenzi iwenzela uhulumeni, kufanele ukhiphe i-business plan, ebizwa ngokuthi yi “thenda” nokuyiyo echazayo ukuthi ufuna ukuwenza kanjani lo msebenzi, nezindleko zakhona. Ithenda ngayinye ibhekelelwa ngokwemisebenzi yayo.
Kulolu daba lukaMti, inkampani enobudlelwane nesikhulu samajele yafaka isicelo sethenda yezigidigidi zamarandi kwabomnyango wezokuhlumeleliswa kwezimilo - yawunikwa lo msebenzi.
Kwathi lokhu lapho kutholakala, uMti wesula esikhundleni sakhe.
l Maanda Manyatshe: Kusolwa ukuthi ngesikhathi eseyi-CEO yaseposini, kwakukhona okwakuyimihlomulo ayekuthola kubakhi abathola ikontileka ka-R100-million ukuze bavuselele amagatsha amaposi ezweni lonkana. UManyatshe wayengumqondisi jikelele wakwaMTN ngesikhathi lezi zinsolo zokumnuka ziqhamuka, kanti wesula kule nkampani yama-cellphone ngoNovember nyakenye.
l David Malatsi: Wagwetshwa iminyaka emine ejele emva kokuba inkantolo owayengungqongqoshe wezemvelo nokuhlelwa eWestern Cape amukela “umnikelo” ka-R100 000 eqenjini le-New National Party.
Ukuphatha inhlangano yezepolitiki kuyabiza, ikakhulu lapho sekuziwa okhethweni - kodwa kuyadingeka ukuba kube khona okhokha lezo zindleko zama-poster nezikhangiso zamakhasi aphelele emaphepheni. Kodwa ukwamukela isipho esikhulu kangaka siphuma kumuntu oyedwa kuthathwa njengento engekho emthethweni emazweni amaningi, ngoba lo muntu okunikile uzodinga ukubhekelelwa kuwena sopolitiki noma enhlanganweni yakho okuyiyo ayisiza wayibeka esikhundleni.
l Tony Yengeni: Ngesikhathi owayengusotshwebhu we-ANC eqala efaka izingubo zikanokusho ehamba nangemoto kanokusho eCape Town i-Mercedes Benz ML320 4x4, aqala amahlebezi azwakalisa ukuthi kukhona afumbathiswa kona ngomunye wababefuna ithenda lokuthengiswa kwezikhali ngezigidigidi zamarandi. Ekugcineni wagwetshwa iminyaka emine ejele - wakhishwa ngoshwele ngoJanuary 15 emva kokudonsa izinyanga ezine zesigwebo sakhe.
l Travelgate: AbangamaMPs kudingeka bahambe kakhulu ngemisebenzi kahulumeni - nokuyimali ekhokhwa abakhokhi bentela. Kodwa amanye amaMPs aye athathe amathikithi awo amahhala okuhamba eyowanika abangama-travel agency ngemali - bese wona ayofuna imali kuhulumeni.
Eminyakeni emine iphalamende lakhokha imali engu-R24 million ngama-claim kanti kuze kube manje bangu-14 abenzi bemithetho abakhona nabakudala asebake bavuma amacala ngokusebenzisa budedengu lolu sizo lokuhamba ngale ndlela.
l Jacob Zuma/Schabir Shaik: Usomabhizinisi waseThekwini uShaik owayengumeluleki kaZuma wezezimali watholakala enecala emacaleni amabili enkohlakalo, elilodwa lobuqola wagwetshwa ejele iminyaka engu-15. UZuma yena wabekwa amabili enkohlakalo, kodwa lelo cala lachithwa enkantolo.
l Geophrey Ledwaba/Ayanda Dlodlo: Izikhulu zoFezela zibhekene namacala okweba, ukuqola nenkohlakalo - afinyelela ngaphezu kuka-R1,5-million.
Bayizisebenzi zabantu
Ekuqaleni kukaMarch kulo nyaka, abantu abangu-18 kubandakanya izikhulu ezintathu zomnyango wezenhlalakahle KwaZulu Natal ezaboshwa ngokuthinteka emkhonyovini okukholakala ukuthi wabiza lo mnyango imali engaye ifinyelele ku-R20 million. Lo mkhonyovu wawubandakanya izicelo ezingeyizo zezondlo zokukhubazeka, ngokusho kukaSuperintendent Vincent Mdunge.
Kusukela kulezi zibonelo, kufanele kucace ukuthi inkohlakalo yabezepolitiki ibandakanya okungaphezu kokuntshontsha imali.
Abezepolitiki bayizisebenzi zomphakathi kanti bayahola ngalokho. Ukwenza isibonelo - abangamaMPs bahola phakathi kukaR410 000 noR450 000 ngonyaka.
Osopolitiki babuye bashaye imithetho ebuye idle emalini yethu. Umuntu ongusopolitiki kufanele abe yisibonelo esihle kithina sonke. Usopolitiki oyiqili yiliphi ilungelo analo ekutsheleni thina ngesifanele sikwenze?
Sesingasho nje ukuthi inkohlakalo yezombusazwe yicala eledlula ngisho ukubulala ngoba aliwenzeli lutho umphakathi - lenza nalowo muntu alahlekelwe wukwethembeka nokuyinto engadicilela phansi izwe yenze nempilo ibe nzima emphakathini.[z]
BONA ZULU – June 2007
NGENHLA: Kubukeka bebaningi abangamaMP’s abagcwalisa imali emaphaketheni abo ukuze kuzuze bona kunomphakathi.
u
Ulimi lwenkohlakalo
u Bribery: Lapha usuke ukhokhela umuntu ukuze akusize.
u Graft: Lapha yingesikhathi umuntu ekunika isipho, mhlawumbe imoto kanokusho, ukuze akwazi mhlawumbe ukukucabanga lapho ethatha izinqumo zezikontileka. (EMelika, ukwenza isibonelo, noma yisiphi isipho esibiza ngaphezu kuka-$200 esibhekiswe kumongameli sithathwa njengesipho “sehhovisi likamongameli” hhayi sikamongameli ngokwakhe. Umongameli sekungafanele asithenge uma esefuna ukusithatha.)
u Patronage: Ukukhombisa uzwelo kubalandeli bakho lapho sekukhishwa imisebenzi kahulumeni.
u Nepotism and cronyism: Ukukhombisa ukuzwelana nalabo abayizihlobo (nepotism) nabangani (cronyism) ngenxa yokukusiza bakucabela indlela eya phezulu.
u Embezzlement: Lobu ubusela obungangatshazwa - njengokweba impahla nezimali.
u Kickbacks: Imali etholwa yisikhulu ngokuba sishaye sengathi asiboni lapho kwenziwa ubugebengu.
BONA ZULU – June 2007
t
AmaMPs ahola phakathi kuka-R410 000 no-R450 000
NGENHLA: Ngaphakathi kwalezi zindonga zobulungiswa, ngubani ozolandela, ijaji noma usopolitiki ngenxa mhlawumbe yokugwazelwa?
BONA ZULU – June 2007
Emumva ezinsukwini zakudala…
Kungenzeka singawazi umonakalo owadalwa yinkohlakalo kuhulumeni omdala wobandlululo. Lawo manashinali aba neminyaka engaphezu kwengu-40 ukuze acije ubugebengu bawo, kodwa nakuba kunjalo isimo saphuma esandleni - njengakwi “Muldergate,” eyayibandakanya uDkt Connie Mulder (owayengungqongqoshe wezolwazi) noDkt Eschel Rhoodie.
Ngo-1973 undunankulu uJohn Vorster wavumela ipulani kaMulder ukuba kususwe-R64 million kwibhajethi yezokuvikela ukuze bathathe uchunge lwezinhlelo zomsebenzi kubandakanya nokugwazela abamaphepha aphesheya kwezilwandle nasekuthengeni iphephabhuku iWashington Star.
Asikhoke isidingo sokusho ukuthi ayiningi imali eyasetshenziselwa lezi zinhloso.
UVorster ngokwakhe wathinteka ekusebenziseni izimali ngenxa yokuthenga ukwethembeka kwephephandaba iThe Citizen. Ngo-1979 ikhomishana yophenyo yaphetha ngokuthi uVorster “wayazi konke” ngale nkohlakalo kodwa wayibekezelela. Wesula esikhundleni.
