zulu.1608.legalaug
INKINGA: Engangisebenza naye wayishiya inkampani kodwa kwaqashwa omunye umuntu esikhundleni sokuba kunikwe mina lowo msebenzi.
Ngineminyaka engu-15 ngisebenzela le nkampani. Angikaze ngilenze icala kanti nomsebenzi wami ngiwenza kahle.
Ngabe kufanele ukuba ngithole le mpatho- Ngabe kukhona engingakwenza-
ISELULEKO SOFEZELA:
Kufanele kukudumaze lokhu. Kuyenzeka esimweni esinjengalesi ukuthi umqashwa abone kufanele ukuba akhushulelwe kwesinye isikhundla noma kukhethwe yena esikhundleni sokuba kuqashwe omunye umuntu.
Ngeke ukhushulelwe kwesinye isikhundla uma kungekho sigatshana esivumelwaneni sokuqashwa kwakho lapho umqashi ethembisa khona ukuthi uyokukhuphulela kwesinye isikhundla uma kunesidingo.
Khumbula ukuthi ibhizinisi elomqashi kanti unegunya lokuqasha umuntu amthandayo.
Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele ayishaye indiva imigomo ye-Labour Relations Act ethi kufanele alandele imithetho efanele uma eqasha.
Umqashi kufanele enze okufanele uma eqasha - uma kungenjalo, usuke ephula imithetho ye-Labour Relations Act.
Umthetho uthi umqashi kufanele aqinisekise ukuthi uqasha umuntu ozowenza kahle umsebenzi.
Kufanele aqhathanise ikhono lomuntu ofake isicelo somsebenzi nelomuntu amqashile.
Kuvame ukuba kusuke umsindo mayelana nesinqumo esithathwa ngumqashi ngoba lowo nalowo ofake isicelo somsebenzi ubona kufanele ukuba kuqashwe yena. Kuleso naleso sicelo kufanele kubhekwe obonakala engawenza kahle umsebenzi.
Ngeke kube lula ukuthi sikunike owethu umbono ngoba asinayo imininingwane yalowo othole umsebenzi futhi asazi ukuthi umqashi umqashe phezu kwaliphi iphuzu.
Kodwa ekugcineni, kusemahlombe omqashi ukuqasha lowo muntu amfunayo. [z]
uthini umthetho
Ngabe wawuthola kungafanele-
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
BONA ZULU - August 2007
