zulu.1601.our world
ABANTU BAKITHI
ABEKHO
abafana nabo
AbaseSA abagunda izimvu baphinde baba ngoshampeni bomhlaba
ABAGUNDA izimvu badla umhlanganiso emqhudelwaneni weGolden Shears World Shearing And Wool Handling owawubanjelwe eNorway.
UZweliwile Hans, owake waba ngushampeni womhlaba waphuma phambili esigabeni sababencintisana ngabodwana. Ayengu-28 amazwe ayebambe iqhaza, kukhona nelase- Australia neNew Zealand kanti elaseSA lawina lalandelwa elaseLesotho.
Okwabuye kwaqhakambisa impumelelo yabo wukuthi izimvu zaseNorway zihlukile kwezaseSA ngoba zinoboya obuqinile.
Emncintiswaneni wokuphathwa kwewuli elaseSA laphuma unombolo 8 kanti lalimelwe nguJohannes de Jager ofunda eGrootfontein Agricultural Institute.
UMHLABA WETHU
◄▲UZweliwile Hans egunda imvu ephethe nomklomelo wakhe.
KUTHUTHUKISWA UBONA
Babesulekile
bebahle
UBusi Motlhasedi owenza umsebenzi wokuthengisa nokuthuthukisa wayephisana ngezipho kwiBONA/Sleek Beauty Promotion eJabulani Mall eSoweto. Abanye abafundi bathola ithuba lokucwalwa…
IZIHLABANI
▲Umfundi kaBONA, uBusi Motlhasedi kanye noConnie Mrali wakwaSleek.
◄UNthabiseng Theletsane wakwaSleek ecwala umfundi kaBONA.
NGABE USEKHULILE?
Ngabe usekhulile uSade Giliberti? Noma ngabe mhlawumbe iSo You Think You Can Dance emnike ithuba lokukhula? EsekwiYoTV wayebukeka ephaphile kunalabo ayethula nabo lolu hlelo. Kodwa manje ungaphika ukuthi nguye lowo!
Ukukhula kwenze waba nesizotha! Kungenzeka futhi ukuthi isenzo sakhe siyiqhinga lokuheha abaqashi bakhe kwiSo You Think You Can Dance.
IMIKLOMELO
RADIO METRO AWARDS
KWAKUSHAYWE umthetho wokuthi izimenywa azigqoke umbala omnyama nosiliva kanti osaziwayo baseJozi bawulalela lowo myalo mhla kwethulwa amaMetro Music Awards. Benza lokho abajwayele ukukwenza batheleka ngezinkani ukuze babalwe ohlwini losaziwayo ababekhona. Yizithombe ezizokutshela ukuthi obani ababegqoke kahle ukudlula abanye…
EZALAPHA NALAPHAYA
Babezidumisa
▲U-Chomee no-Arthur.
◄I-Rythmic Elements yaqokwa kufanele.
◄Amawele, uHlelo noNtando Masina.
Kwakubuthene osaziwayo abahle abavame ukubonakalo eMorula Sun kanti kulokhu kwakukhona namawele asakazela iYFM, uHlelo noNtando Masina…
►Babezipholele… uTumi Phaleng, Thato Lethetsa noNqabisa.
◄Babezitika ngobumnandi.
▲UKhanyi Mbau.
◄Baze babahle kulo mbala abawugqokile…
▲USalamina noHouza.
◄U-Lucia Mthiyane noKelly Khumalo.
USIKO LWETHU
Umshado,
ngendlela endala
NGESIKHATHI uMandisa Ntloko noVorster Nkuna bebopha ifindo, indlela yokugqoka eyayimisiwe kwakungeyesintu. UDkt Mandisa washiya phansi izipopolo zakhe wangena emvunulweni yesintu wazishayela ngonyawo.
UMandisa uyindodakazi yowayengumshayi-sibhakela owayengushampeni kwi-middleweight uVictor “Silver Hawk” Ntloko, kanti umama wakhe uFreda wayengushampeni womdanso.
■Izithombe: Molefi Sebatie
►Umakoti uDkt Mandisa Ntloko nomkhwenyana uVorster Nkuna besika ikhekhe.
▲U“Silver Hawk” Ntloko ethokozile emva kokuthola ubhulankethi ophuma kwabasemzini wendodakazi yakhe.
▲UJeanette noThabile Ntloko.
►Bashaya umdanso wesiTsonga.
UMHLABA WETHU
▲UMathapelo Mosupi, Thabile Nkosi, Abigail Ntloko noLesedi Ntloko.
▲UNtsiki Maponya, Thandiwe Simelane noLindiwe Mathebula.
▲USeipati Mdlalose, Refiloe Seome no-Olga Motaung.
◄Iziphalaphala zase-Orlando uNonhlanhla Makhubu, Phumzile Nathane, Sibongile Makhubu noNomkhosi Zwane bona bakhetha ukuba bahle ngendlela yabo.
ABANTU BAKITHI
UVusi bani?
Ngabe uhlale umangala ukuthi kwenzekani kuVusi Dibakwane? Lesi sihlabani somsakazo, sasesteji neTV njengamanje sesisebenzela ngemumva kwamehlo omphakathi, siqondisa imidlalo efana noStokvel.
USIKO LWETHU
Kusuka esibayeni kuya ekubukiseni ngengqephu
Ukukhulela emakhaya akusikho ukukhubazeka - ngisho nakumsiki wengqephu imbala
EMINYAKENI engu-15 eyedlule uSimpiwe Gwebusha wayengumfana ofunda esikoleni sasemaphandleni okwakuthi njalo ntambama alandele umkhulu wakhe epulazini lasedKaroo nokuyilapho kukhuliswa khona izimbuzi ze-Angora ngenhloso yokukthola uboya imohair.
Ngesonto eledlule wawina umklomelo wokuqala ngomsiko wakhe wento yokwembatha yabesimame eyenziwe nge-mohair embukisweni wefeshini ePort Elizabeth.
USimpiwe ukholwa wukuthi ukuwina kwakhe sekumbeke endleleni ebange empumelelweni ebange empumelelweni yokufezeka kwephupho lami lokusungula isikhungo sokuqeqesha abantu abangasebenzi endaweni yangakubo eJansenville e-Eastern Cape nokuba azisungulele ilebuli yakhe yezimpahla.
UJansenville kulapho kutyholakala khona i-mohair kuleli lizwe. Ngaphandle kokukhula nomhlambi wezimbuzi nokuzwa umkhulu wakhe ehwebelana nabanye abadayisi nokuyilapho kwakugcina khona ukubona inqubo yalokhu.
“Angazi ukuthi yini abebeyenza ngalokhu emnva kokuba sibadayisele,” kusho yena. Emva kokuzama imisebenzana embalwa, kwakuya yilapho lapho ujmkhuklu ayephinde apcabange indaba ye-mohair futhi - kulokhu ecabanga ngendlela yefeshini. wathola ukuthi i-mohair ihanjiswa emazweni afana no-Europe naseNtshnalanga nokuyilapho ifike idayiswe khona kwenziwe ngayo amasudi abesilisa nabesimame.
“Ngathola ukuthi nginalo ikhona lokuthunga nokuzenzela ezami izinto zokugqoka. Abanye balibona ithalente lami, ngaqal;a ngabathungela. Ngazibona ukuthi ngingaliqala ibhiZinis lami elincane kodwa ngaleso sikhathi ngangisathunga ntgesandla,” kucha uSimpiwe.
Ngezinye izikhathi wayekwazi ukuba awuboleke umshini wokuthunga.
Ugogo wakhe walibona ithalente lakhe, wathi maenze umsebenzi wokuba ngumsiki wengqephu. wamthengela umshini wakhe wokuqala, kwathi lapho uSimpiwe eseneminyaka engu-28 wafaka isicelo sokwenza izifundo zokusikwa kwengqephu e-NMMU ePort Elizabeth.
izikhathi zazinzima kodwa umkhuklu wakhe wakwazi ukumkhokhela ezinye zezifundo zakhe ngosizo lomsebenzi wakhe wokulima, kanti nabeVolkswagen Community Trust kukhona abakuphonsa esivivaneni.
Kulokhu sibonga amamaki akhe aphezulu nokwenza ukuba abeMohair South Africa babe ngabaxhasi bakhe abakhulu. Kungakho ebelokhu egxile ekusebenziseni i-mohair emikhiqizweni yakhe.
USimpiwe uthi umncintiswano weStyle Force wafika ngesikhathi lapho eqala ukutusa ukuxhumana okukhona phakathi kwezinto ezikhona - nokuxhumana esinakho nezinto zokugqoka.
“IMohair wuboya bendalo, akudingeki nokuba uze ubulale ukuze ubuthole. Ungabuthaka nanoma yiluuphi uhlobo lwendwangu ngoba buhlala isikhathi ezide,” kusho yena.
Yini elandelayo? “Unyaka wami wesithathu enyuvesi uzobandakanya uchunge lwe-mohair oluzobiza kakhulu ngenxa yokubiza kwendwangu. Ngizobe ngisikela aabantu beqophelo eliphezulu ngikwazxi futhi nokuxhumana nabantu abakhulu,” kusho yena.
“Kuzokuba yinselelo enkulu engizimisel;e ukubhekana nayo.”
Indaba nezithombe: Roelof Bezuidenhout
Pic 1)
USimpiwe Gwebusha wajabula ngesikhathi emenyezelwa njengowinile. Lapha ukanye noStaci Francis okunguye owayekhangisa ngezingubo zakhe.
Pic 2)
USimpiwe esikhombisa akuwinile okwenziwe nge-mohair - ibhande libe yi-handbag uma seliqaqiwe.
Pic 3)
Lawa mazinyana ezimbuzi zohlobo lwe-Angora afuneka kakhulu emhlabeni kwezefeshini.
Pic 4)
USimpiwe nomkhangisi uStaci Francis.
Pic 5)
Umkhangisi uStaci Francis ekhangisi ngomsiko kaSimpiwe owawina.
EZALAPHA NALAPHAYA
AYOBAH! Kwakumnandi kudelile ephathini yeSmirnoff eGermiston. Okuhle ngalawa maphathi wukuthi ayidalulwa indawo, abaculi kanjalo nabazobe bephethe uhlelo. Okusho ukuthi kufanele uxhumane nabantu abazaziyo izinto ukuze wazi ngayo.
▲Ababethakasela amaGalliova Awards lapho uPatricia McCracken oyisekela loMhleli weBONA awina khona umklomelo weHealth Writer Of The Year: Owayeyijaji uDorah Sithole, uChristina Cambitzis, uGillian MacDougall onguMhleli wezokudla weBONA noPatricia.
IBA YIMFIHLO
UMHLABA WETHU
▲U-Euphonik wayedinga okuzomnika umdlandla ukuze athokosize abantu.
◄UBonang ethatha amathiphu.
▲UPhindi noShiwe beshaya ama “get down”.
UMCULO
Nge-albhamu yakhe ka-8 ethi Ngiyadumisa, ubonga ukuKholwa kwakhe ngezingoma ezithi Aphelile Amathemba, Bawo Wethu, Igama Lakho nethi Sembethe, yizingoma ezizokubusisa.
Esifuna ukuzilalela
NGOKHISIMUSI
RHYTHMIC ELEMENTS: Laba baculi ababili baseNorth West bangenise ngegiya eliphezulu emculweni. Bengeze umculo wesintu kowe-house ukuze bakhiphe okusha esingakujwayele.
CHURCH HOUSE GROOVES VOL7: Yithole noma kanjani lena yeJazmee Records ka-Oskido.
 ESIKHALENI ZONE 5: Yi-albhamu kaDJ Cleo entsha lena.
 DJ JURY VS GUFFY: Le-albhamu ngekaGuffy Pilane onguphrojusa weMalaika. Lalela ingoma yesibili ethi Sikiza, izodlisa kakhulu kulawa maholidi.
■ Joe Khumalo
Ukuza eSA kwalo mculi osezuze inqwaba yama-Grammy kuzohambisana nokukhipha kwakhe
i-albhamu entsha ethi Thy Kingdom Come.
AMASIKO ETHU
Wayelusa manje uyathunga
Ukukhulela emaphandleni akukaze kube yinkinga – nangu ofakazela lokho
EMINYAKENI engu-15 edlule uSimpiwe Gwebusha wayengumfana efunda emaphandleni. Ntambama wayehlala elandela umkhulu wakhe epulazini lakhe eliseKaroo okwakufuywe kulona izimbuzi ze-Angora ukuze kutholakale uboya bazo be-mohair obumhlophe.
Ngesonto eledlule wawina umklomelo wokuqala ngokuthunga kwakhe izimpahla zabesimame ze-mohair embukisweni owawusePort Elizabeth.
USimpiwe ukholwa wukuthi ukuwina kwakhe kumbeke endleleni yokufeza amaphupho akhe okuvula isikhungo sokuqeqesha abangasebenzi kubo eJansenville, e-Eastern Cape enze nemithungo ezobizwa ngaye.
USimpiwe ukhumbula ukuthi nakuba akhula nomhlambi wezimbuzi, wayegcina ngokubukela umkhulu wakhe edayisela ababefika kubo bezozithenga.
“Ngangingakaze ngicabange ukuthi yini ababeyenza nge-mohair uma sesibadayisele,” kusho yena.
Waze wacabanga ngayo emva kokuba esezame imisebenzi eminingi – wacabanga ukuyisebenzisa kwezefeshini. Wezwa ukuthi ifayibha ithunyelwa e-Europe nasemazweni aseMpumalanga kwenziwe ngayo amasudi amadoda nawabesimame.
“Ngathola ukuthi nginekhono lokushintsha nokuthunga izingubo zami,” kuchaza uSimpiwe. “Abanye balibona ikhono lami nabo ngabathungela. Nganginephupho lokuvula ibhizinisi lami kodwa ngaleso sikhathi ngangithunga ngesandla.”
Ugogo wakhe walibona ithalente lakhe wathi akenze umsebenzi wokuthunga. Wamthengela umshini wokuthunga kanti wayeneminyaka engu-28 ngesikhathi enza izifundo zokuthunga eNMMU ePE.
“I-mohair yifayibha yemvelo kanti akukho okubulalayo nokucekela phansi ukuze uyithole. Ithambile kanti ikahle uma uyihlanganisa nezinye izindwangu ngoba ayisheshi ukuguga,” kusho uSimphiwe.
Ngabe uzothungani manje? “Okuningi okwenziwe nge-mohair, kuzobiza ngoba indwangu iyabiza. Lowo msebenzi mukhulu kodwa ngizowenza.”
Indaba nezithombe: Roelof Bezuidenhout
UMHLABA WETHU
▲Omunye umthungo kaSimpiwe owawina.
▲USimpiwe ebukisa ngomthungo wakhe one-mohair – ibhande libuye libe yisikhwama uma lihamba lodwa.
▲USimpiwe nomkhangisi uStaci Francis.
EZOBUCIKO
Bajabulela uguquko
Imifanekiso exoxa indaba
IMICIMBI yemibukiso yezobuciko yenza ucabange ngabantu abagqoke amashethi atashiwe, abaziphaqulile nabaphuza itiye badle nama-sandwich ano-cucumber.
Kodwa eKZN eTatham Art Gallery, bekugqokwe ezesintu embukisweni weCelebrating Change obubonisa “ngemifanekiso exoxa izindaba zaseKZN.”
▲Babehleka kuvele elomhlathi (kusukela kwesobunxele): nguWilna Botha, iCEO ye-Africa! Ignite, uProfessor uJohn Volmink, usihlalo weMiet Africa noMhle Mthimkhulu.
▲Abenza ezobuciko, u-Eunice Mtshali noBhu Bhengu kanye noButi Moloi boMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN bemi ngokuziqhenya phambi komfanekiso weLembe.
