zulu.1600.legal
UTHINI UMTHETHO
INKINGA:
Umsebenzi wami owokuqasha osonkontileka abazosebenza esibhedlela. Ngaxhumana nomakhi owangifakela amakhabethe ekhaya ngacela ukuba angenzele i-quotation yokufaka amakhabethe esibhedlela. Kwathi uma ngiyidlulisela kumphathi wesibhedlela, wathi kudingeka ama-quotation amabili ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo.
Ngalwedlulisela kumakhi wamakhabethe lolo daba, wathi uzokwenza okujwayele ukwenziwa ezinye izinkampani angenzele ama-quotation amabili angekho azobiza imali engaphezulu kweyakhe. Emva kokuba sengivumile, wathi uzosula isikweleti engangimkweleta sona ngamakhabethe awafaka ekhaya.
Umqashi wami wagcina etholile ukuthi ama-quotation angamanga. Ngabona sekufika umphathi wesibhedlela namaphoyisa ekhaya lami wathi ngikhwabanisile. Wathi uma ngingasuli emsebenzini ngizoxoshwa. Ngavuma ukuthi ngizobhala incwadi yokusula uma bevuma ukuthi akukho zinyathelo engizobuye ngithathelwe zona.
Emva kwezinsuku ezimbalwa, umqashi wathi incwadi yami bayayemukela, kodwa abakwemukeli ukuthi udaba lwami ngeke lusathathelwa zinyathelo. Anginikwanga nothisi kanti ngatshelwa ukuthi ukusula kwami kuzothathwa njengokufingqiwe. Ngakhokhelwa imali eyaphelela osukwini engagcina ngalo ngaphuma esibhedlela ngiphelezelwa onogada.
Angiphathekile neze kahle ngoba ngibona sengathi ngiyekiswe umsebenzi ngempoqo kanti angikholwa wukuthi ngikhwabanisile.
Ngingabuyela emsebenzini ngikhokhelwe nemali yezinyanga eziyisithupha engizichithe ekhaya?
Okhathazekile, Durban
ISELULEKO SOFEZELA:
NgokweLabour Relations Act, akwenziwanga phenyo olufanele ngalolu daba ngoba awubizelwanga nasenkundleni yokuqondiswa kwezigwegwe. Umqashi wakuncisha ithuba lokubeka olwakho uhlangothi mayelana nokwenzeka kanti nendlela owakhishwa ngayo emsebenzini yengeza ekuxoshweni kwakho ngendlela engafanele.
Ukufika komqashi wakho namaphoyisa osukwini lokuqala kwakwenzelwa ukukusabisa ukuze uvume lokho umqashi wakho ayekufuna - ukuthi uphelelwe umsebenzi. Lokho nje kukodwa kuwukungaziphathi kahle komqashi.
Ngokwamaphuzu osinike wona, sikholwa wukuthi "waxoshwa ngokuyimpoqo" nokuyilapho umqashi enza ukuthi ukusebenza kungabekezeleleki.
Ecaleni elifana naleli elisanda kwethulwa kwiCCMA kwatholakala ukuthi umqashwa wayexoshwe kungafanele ngoba isinyathelo esathathwa umqashi sasingenabulungiswa. Umqashwa wanxeshezelwa ngo-R35 840.
Umqashi akahambisananga nesinqumo udaba waludlulisela kwiLabour Court ukuba ilubheke kabusha, wakhala ngokuthi umqashwa akathembekile phezu kokuba engazange atholwe enecala lokukhwabanisa ngesikhathi sokuqondiswa kwezigwegwe.
I-Labour Court yabheka bonke ubufakazi yathola ukuthi okwenziwa umqashi ukuthi asabise umqashwa ngokumxosha uma engafuni ukusula, kanye nokumsabisa ngamaphoyisa, kuthathwa njengokuxoshwa ngempoqo. Ukwamukela komqashwa ama-quotation amabili angamanga kwathathwa njengokungaziphathi kahle, hhayi ukukhwabanisa.
I-Labour Court yabuye yabheka nokunye njengokuphela kokwethembana phakathi komqashi nomqashwa, kanti ngisho noma ngabe kwakunobufakazi bokuthi umqashwa akathembekanga, yathola ukuthi lokho kwakungeke kuholele ekuthathweni kwesinyathelo sokuba axoshwe ngesikhathi sokuqondiswa kwezigwegwe.
Isicelo sokuba icala liqulwe kabusha sachithwa, kwadingeka ukuba akhiphe isinxephezelo nezindleko zecala.
Ngokwalolu daba, sinesiqiniseko sokuthi uma uxhumana nommeli kuthathwe izinyathelo zokuba icala liqulwe yikhomishana yeCCMA, kuzotholakala ukuthi waxoshwa ngempoqo uthole isinxephezelo esifanele. [z]
Nethulelwe nguBONA neScorpion Legal Protection.
BONA ZULU September 2008
Kuthiwa NGIKHWABANISILE
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
BONA ZULU August 2008
