zulu.159.yourfamily_child
Sixoxa nodado
UKUBHEKANA NEZINGANE EZINGALIYEKI IBELE
Izingane ezincane kakhulu nesezikhulile zisuke sezilazi igama elithi "cha" - ngakhoke qala ngokuzichazela ukuthi sezikhulile ngeke zisalincela ibele.
Bambelela kokushilo. Ukuthi "yebo" namhlanje, uthi "cha" kusasa kuzobadida abantwana.
Ungadatshukiswa yizinyembezi. Khombisa uthando uyibambe uyiqabule.
Yiphazamise ngokuthile ngezikhathi ejwayele ukuncela ngazo. Sebenzisa lesi sikhathi ngokuba uyinike amathoyizi ezowathanda noma wenze owazi ukuthi iyakuthanda.
Ezinye izingane ziziduduza ngebele, ngakhoke thola ezinye izindlela zokuziduduza - njengokuziculela noma ukuzihlikihla ezinqeni.
Zinike okokuphuza nama-snack ngaphambi kokuba zilambe.
Ezimweni ezinzima qala ukuncelisa kancane ngaphambi kokuyeka. Tshela ingane yakho ngemibandela yokuyincelisa kwakho. Ukwenza isibonelo: "Sincelisa kuphela uma sekumnyama emnyango."[z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
(Sources: www.minti.com and www.babycentre.co.uk)
Kulokhu sikhulumisane noLesedi Maseko waseSprings eGoli
Njengoba bekuyi-birthday yakho, yini oyithandayo ngama-birthday?
Ngiyawathanda ama-birthday ngoba kusuke kuyiphathi yami ngithola namaswidi amaningi, ijusi nezinto zikaBarbie.
Ama-birthdays asho ukukhula, yini ofuna ukuba iyona uma usukhulile?
Ngifuna ukuba ngumama ngoba kumnandi ngizoya naseSprokies (okuyinkulisa yakhe) ngifike ngibafundise i-homework.
Yini enye emnandi ngokuba ngumama?
Omama bafaka izicathulo ezinkulu bashayele izimoto zabo baye esontweni.
Nawe futhi uyalithanda isonto?
Yebo, ngoba kudliwa amabhisikidi kuphuzwe nejusi futhi ngiyaMthanda noNKULUNKULU ngifuna UkuMbona.
Ubani omunye omthanda njengoNKULUNKULU?
Ubaba wami ngoba akangibizi ngoLesedi, ungibiza ngo "mabhebeza" ngihleke.
INGANE YAKHO
Uma ufuna ukuba "sikhulume" nomfana wakho omncane noma intombazane, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona ngezikhathi zasemini.
Izindlela zokulala
Izindlela ongazilandela zokulala zibalulekile. Lokho kunganika wena nengane yakho imithetho eminingi eningayilandela njalo ebusuku. Lokhu kuzokuba nomphumela wokuba kube lula ukulalisa umntwana wakho futhi kuzokuba yinto enhle kinina nobabili, ngokusho kukaJacqui Flint wabeBaby Love okuyinkampani egxile ekwethulweni kwama-workshop ezindlela zokulala kulabo abazokuba ngomama nabazali bezingane zeminyaka emibili kuya phansi.
Izindlela zokulala zingaqala ukusebenza kusukela ngosuku oyilethe ngalo ingane yakho ekhaya iphuma esibhedlela, kuqhuba yena. Uma usuyitholile indlela ezonisebenzela nobabili, okubalulekile wukuba ubambelele kuyona njalo ebusuku ngaphandle kokuba ingane igula.
Izeluleko zikaJacqui zezindlela zokulalisa umntwana:
Ungakwenzi
Ungamshushuzeli noma umzungezise endaweni ukuze umenze alale.
Ukumenza alale ngebele noma ngebhodlela.
Ukumlalisa emva kwesikhathi ebusuku ngethemba lokuthi uzokhathala bese elala ubusuku bonke. Uzosuke aqwashe bese kuba nzima ukulala.
Ungamphoqeleli ukuba ahlale ebhekile ngisho yingasiphi isizathu. Kubalulekile ukuba alale ngokwanele nokulingene iminyaka yakhe.
Ongakwenza
Mbeke phansi engalele ukuze azifundele ngokwakhe ukulala.
Mdedele akhale isikhashana ukuze afunde ukuzithulisa.
Mkhuthaze ukuba adle ngokugcwele.
Funda umehluko ekukhaleni kwengane yakho ukuze ukwazi ukubhekana nezidingo zayo - wazi lapho ifuna ukulala, ilambile noma ifuna ukudlala.
Ukuba nesikhathi sokuphumula ngaphambi kokuba umntwana wakho alale, ukuze umnike ithuba lokuphumula ngokomqondo nangokomzimba.
