zulu.1598.consumer
Kwenziweni uma izidingo ezibalulekile njengesinkwa, ubisi nama-vegetables sezimba eqolo kangaka eminye imindeni ingasakwazi ukumelana nazo" Nazi izeluleko zikaBONA...
Siphe isinkwa sethu sanamuhla
WAKE wazithola usumangala lapho ubheka amaresidi akho egrosa" Lapha asikhulumi ngezinto ongaphila ngaphandle kwazo - sikhuluma ngezinto ezibalulekile ezifana nesinkwa, ubisi, amaqanda okuyizidingo zansuku zonke.
Izinto namuhla zibiza ngendlela exakayo.
NgokweNational Agricultural Marketing Council (NAMC) Food Price Monitor Report, amanani asenyuke ngokungaphezu kuka-13% kusukela ngoJanuary 2007.
Amanani esinkwa esinsundu nesimhlophe akhuphuka ngo-16% no-19%.
Inani lika-5kg lempuphu lakhuphuka ngo-22% (okuyi-super) no-28% (isipesheli).
Imikhiqizo yasemadeleni yakhuphuka ngo-33% kwathi ama-vegetable akhuphuka ngo-38%.
Ukubiza kwenyama nakho kwakhuphuka kodwa kancane kunokokunye ukudla.
Thina yini okufanele siyenze njengabathengi ngalokhu kwenyuka kwamanani kangaka"
Mhlawumbe indlela entsha wukuhlela kabusha indlela esisebenzisa ngayo imali.
"Singena esikhathini esinzima sezimali nokudingeka ukuba abathengi bayiqikelele kakhulu imali yabo ngokugwema izikweletu zesikhathi eside," kusho uDkt Mohammad Karaan wabeDepartment of Agricultural Economics e-University Of Stellenbosch.
Ungasebenzisi i-credit card yakho ukuthenga ukudla, izinto eziphambili ezingenasidingo noma izingubo.
Ukuthenga ngesikweleti kungabukeka njengomqondo omuhle ngaleso sikhathi, kodwa imiphumela yesikhathi eside...
Ukusebenzisa isikweleti sika-R5 000 nge-credit card, usikhokhe esikhathini sezinyanga ezingu-12 ngokwezinga lama-rates amanje, kungakwenza ugcine usukhokhe R5 760 esikhundleni sika-R5 000.
UKaraan uphinde wengeza ngokuthi ukwehlisa izindleko ngokuyeka izinto eziphambili ezingenasidingo kangako kungaba negalelo ekongeni.
Zibuze ukuthi izinto ezifana nezaphulelo, ukuzikhipha uyodla ngaphandle ngabe kufanele.
Kungcono futhi ukubheka amanani ubone ukuthi yikuphi lapho kungabizi kakhulu khona.
Okukufanele
Ngesinkwa uJannie De Villiers oyi-executive director yabeNational Chamber Of Milling uthi kunomehluko omkhulu emananini ezinkwa.
"Sithola amanani esukela ku-R4,50 aye ku-R8 ngesinkwa," kusho yena.
Ngaphezu kwalokhu, abadayisi bezinkwa abaningi baye babeke izinkwa zabo endalini ngezimpelasonto. Abathengi abanemali bathenga zibe ziningi bazifake efrijini kuze kube kufika isikhathi sokuzidinga.
Isinkwa esinsundu sibiza kancane kunesimhlophe ngaphandle kokuba kube wuhlobo olunempilo olungangeni ngaphansi kwentela.
UProf Andre Jooste weDepartment Of Agricultural Economics e-University Of The Free State uthi kufanele sibhekisise ngaphambi kokuba sithole okufanele imali yethu.
Isinkwa, ukwenza isibonelo sithengiswa ngo-600g noma 800g olofu - ngakhoke kufanele ubheke ukuthi yisiphi esifanele imali yakho.
UJooste uphinde wathi abantu kufanele kubhekwe nasezinkweni ezibhakwayo ukuthi zingesize yini kulokhu.
Zilula
Ocwaningeni lwakamumva lwabeSouth African Bureau Of Standards (SABS) u-23% wezinkwa ezahlolwa zatholakala zinesisindo esilula kunokufanele.
Isisindo sesinkwa sigunyazwa sisuselwa kuleso esitholakala emva kokubhakwa ngoba emva kwesikhathi siyehla. Umehluko wesisindo abantu kufanele bawubike kwabeSABS.
UNgqongqoshe wezoLimo uLulu Xingwana ukusungulwa kwama-baker amaningi kwenzelwe ukusiza umphakathi ukwazi ukuthola isinkwa kalula.
UDe Villiers naye uthi lokhu kungasiza ekwehliseni amanani.
Ngisho kunjalo, ama-baker amaningi amancane kwadingeka ukuba avalwe noma mhlambe anezinkinga zokuqhuba lo msebenzi.
Ukuziqalela i-baker yakho yinto ebizayo, kusho uProf Hester Steyn weDepartment Of Consumer Sciences e-University Of The Free State.
"Iningi labantu abathatha lo mzila bathola sebengenayo imali esele yokuthenga ufulawa nokunye kokuqhuba lo msebenzi."
Ngokwenyuka kwemali yama-vegetables, ukuzitshalela awakho akusona isixazululo esitheni ngoba ngesinye isikhathi ungazithola ususele nenqwaba yongasazi ukuthi uzowenzani.
Kunzima kakhulu ukonga ngobisi. USteyn uthi ubisi oluyimpuphu noma i-long-life milk kungabiza kakhulu kunezinye izinhlobo zobisi.
Ukwengeza kulokho, ubisi oluyimpuphu alunambitheki njengobisi olufreshi ekubeni i- long-life idinga ukufakwa efrijini uma uke wayivula.
UJooste weluleke ngokuba kuthengwe ubisi lapho uhamba khona uye nento yakho yokulufaka ukuze kwehle izindleko kodwa kuphela uma wazi ukuthi lolo bisi alunamagciwane.[z]
(ngoba asisakwazi ukusimela)
IZELULEKOZABATHENGI
Ungakha-thazeki!
Kufana nokungabizi
Abanye abantu bakholwa wukuthi umsoco esinkweni esingabizi awufani njengakwesibizayo. UJannie De Villiers wabeNational Chamber Of Milling uthi lokhu akunjalo. "Bonke ofulawa abasetshenziselwa ukubhaka izinkwa bagqunyisiwe nokuchaza ukuthi izinkwa ezithengiselwa umphakathi zisezingeni elifanele elinomsoco," kuchaza yena.
"Izinkwa ezingabizi azihlali isikhathi eside emashalofini kunezibizayo, kodwa lokhu akufanele kube yinkinga emndenini omkhulu ongadinga ukudla ulofu wonke ngosuku."
