zulu.158.chomee
Sixoxisane noChomee…
U-CHOMEE uthi, “kungenzeka ukuthi indlela engidansa ngayo kwabaningi ivusa uhlevane, kodwa lokho kungumsebenzi wami,” kusho lesi sihlabani se-video ethi Jiver Sexy.
“Ngiba yimi lapho ngifika ekhaya,” kusho uChomee osanda kuwina umklomelo weBest Styled Artist kumaMetro FM awards.
Ungubude obungu-1,73 metre kanti uphendula amakhanda noma kuphi lapho ehamba khona, njengelanga esafika ngalo sizoxoxisana naye - wayeshaye i-jean emhlala ithi ‘ne’, enze ama-braids amade washaya nezibuko zelanga zikanokusho.
AKAZIKHUKHUMEZI, phezu kokuba i-albhamu yakhe entsha ethi Twice As Nice, ithengisa kahle kakhulu.
“Lokho akungenzi ngizithwale. Kuyathokozisa ukuzibona kwiTV nokuthola amakhonsathi nsuku zonke nakuba futhi lokho kungumsebenzi onzima,” kusho yena.
Phezu kwamahlebezi okungaboni ngeso elilodwa noKelly Khumalo uthe. “UKelly nami sasixoxa silungiselela amaMetro. Sasixoxa ikakhulu ngesimo sezulu ePE njengoba kwakubanda ngalobo busuku, ekubeni sasifake izimpahla zethu ezincane esicula ngazo,” kusho uChomee.
“Nakuba singafani nabantwana bandawonye, kodwa siyahloniphana. Impi esikuyo thina sonke abaculi besifazane, wukufaka umculo wakuleli emashadini omculo emhlabeni wonke kulo nyaka.”
Ongumphathi ka-Chomee e-999 Records u-Arthur Mafokate, uthi ukujwayele ukuhlebana phakathi kwezihlabani zabesifazane.
U-Arthur baningi asebakhiqizile njenge-Abashante, uQueen noNestum. Njengamanje sekuyithuba likaChomee. U-Arthur sekumthathe ngaphezu kweminyaka eyishumi nambili epheka le ntokazi.
Wayesese-primary school ngesikhathi u-Arthur embona emakilasini omdanso eMeadowlands – ethatha amehlo abaningi emakhonsathini ayevulela imidlalo emikhulu yebhola.
“Kade ngaba nothando lokudansa. Njengamanje sekungumsebenzi wami ekubeni yiyona mpilo engiyaziyo,” kusho uChomee.
“Ngaqala ukuhlala emahhotela nokugibela amabhanoyi ngineminyaka eyisikhombisa - ekubeni ekhaya emumva umama wayebhekene nomzabalazo wokukhulisa izingane ezine ngokwakhe.”
NGESIKHATHI eneminyaka engu-9, u-Arthur wamsebenzisa njengomunye wabadansi kwamanye ama-shows akhe eTV. Ngesikhathi iqembu lika-Arthur labesimame i-Abashante lenza izimanga emculweni we-kwaito, kulapho uChomee aqala ukuzibonakalisa emakhonsathini nezihlabani ezifana noLebo noThembi, Rebecca noBrenda.
“Ngangiseyingane eyayifunda kuwowonke umuntu, ngihlala nosaziwayo. Abasizi basemabhanoyini babengibiza ngo-‘ma’am’ ekubeni eqenjini labadansi baka-Arthur ngangibalulekile ngiphathiswa okweqanda.
Naye u-Arthur waqala njengomdansi. Uma sekuziwa ngasekuthokoziseni abantu, abadansi bakhe baziqeqesha kanzima njengabadlali bebhola kwiPSL ukuze bakhombise impumelelo kwiTV, estudyo nasemakhonsathini.
UChomee wayeziqeqesha amahora amathathu kuya kwamahlanu ngosuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu eseyingane.
Wachitha cishe iminyaka elishumi efunda izindlela zokudansa, ukucula ngayedwana nezindlela zokukhipha iphimbo nokubhala izingoma esitebeleni somculo sika-Arthur i-999.
“Njalo ngihlale ngibukela ama-video ezihlabani zaphesheya ezifana no-Janet Jackson, Beyoncé noRihanna, kanjalo nezabesimame zakuleli. Ngifunda indlela abadansa ngayo nabagqoka ngayo esteji ngoba yibo engibhekene nabo kwiMTV nakwi-Channel O,” kusho uChomee.
NJENGAMANJE lo mculi uba namakhonsathi amane njalo ngempelasonto aphinde axoxe nabamaphepha zinsuku zonke - kungakhoke ukufika ekhaya ebusuku kuyena kuyinto engcono kunazo zonke kunokuba aye emakilabhini ayozidumisa.
Enye into ayithokozelayo wukufaka ama-sneakers nezingubo ezijwayelekile, ikakhulu ezinombala ophuzi nezi-pink nokuzibukela ama-movie.
“Kumina ukuya emakilabhini kufana nokuya ehhovisi. Kulapho ngifike ngisebenze khona, hhayi lapho ngiphumula khona.”
Ugqoka izingubo eziningi zengqephu ephambili nezicathulo eziphakeme esteji, kodwa akazithengeli zona ngokwakhe kuma-malls.
Izinzipho zakhe zinqunywa zibe zincane ukuze zingangenwa wudoti lapho kwenzeka izandla zakhe zithinta phansi esteji uma edansa. Into aseze waduma ngayo emphakathini wukufaka izibuko ezinkulu zelanga.
Kuyena njengamanje ukuzibandakanya othandweni yinto angayijahile njengoba ematasa ethuthukisa ukuthengiswa kweCD yakhe entsha ukuze ikwazi ukwedlula ezingeni le-gold disc okungamakhophi angu-25 000.
Okunguyena muntu wesilisa osondelene naye empilweni yakhe ngu-Johnny Koloane, okunguye futhi omhlelela amakhonsathi ngokubambisana no-Arthur amhambise ngemoto amuse noma kuphi, amphelezele amhlenge nasema-khonsathini acubungule ngisho nezingcingo zakhe.
“Uma abalandeli befuna inombolo yami yocingo, bayibuza kuyena uJohnny, kodwa futhi akabaniki,” kusho uChomee.
Into futhi amenzisa yona, yizifundo zokushayela imoto nokuyinto ayeyidinga kakhulu uChomee ukuze aphase ukuhlolwa kwakhe kokuqala ngoDecember nyakenye.
“Ngaziqeqesha ekupakeni imoto njengoba ngihlale ngenza ezingomeni ezifana nezithi Jiver Sexy, Tell Me What You Want,” kuchaza uChomee.
“Ukuphasa ukuhlolwa kwami kuchaza ukuthi njengamanje sengingayithola imoto yami yokuqala - imoto encane enhle. I-BMW yona iyoza emva kwesikhathi lapho ukuthengiswa kweCD yami sekufinyelele ezingeni le-platinum.”[z]
BONA ZULU – March 2007
Kwabaningi uma esedansa uvusa uhlevane kangangoba ukhetha ukuzihlalela ekhaya lapho engasebenzi. (Izimpahla zokugqoka: SXY; amacici: Ruby In The Dust; izicathulo: Europa Art.)
Wenza izimanga emculweni
indaba nguDOUG GORDON izithombe ngu-IVAN NAUDE; iziphaqulo nezinwele ngu-FAITH SEUOE; izindlela zokuhlela ngu-MARINA WALSH (Ekhaveni: i-top namacici: Ruby In The Dust; umgexo: YDE.)
Ebusuku uChomee ukhonze ukuzihlalela kusofa athokozele u-ice-cream lapho ezibukela amaDVD
Uyazifela ngokusagolide! UChomee unane-cellphone enombala osagolide yohlobo lwe-D&G. (i-Top nobucwebe: Ruby In The Dust.)
BONA ZULU – March 2007
