zulu.1589.lettermar
Ewine uR100
FUNDA LE NCWADI!
Izoguqula impilo yakho!
EMPILWENI kufanele ufunde ukuqaphela, ukhethe okuhle kokubi ungabi nezaba. Lokhu ngikufunde ezigamekweni engidlule kuzona...
Ngihlala no-anti owaphelelwa wumsebenzi ngonyaka odlule. Sasingenamali esasiyilondolozile, wangishiya ePolokwane walibangisa eGauteng eyofuna umsebenzi. Isimo sasimuncu kakhulu!
Abangani bami abangisizanga ngalutho. Nabo babezixakekele kanti bangitshela ukuthi imali bayithola ngokuqwayiza bathi nami angenze lokho abaziphilisa ngako.
Ngangilamba ngaze ngonda nasemzimbeni. Ngazama ukucela imali ezitaladini...
Kwafika isikhathi sokuba ngibhekane nesimo sami. Ngaya kwamakhelwane ngacela ukuba angiqashe angiholele ngokudla.
Wangizwela wanginika ukudla noR100 ngenyanga izinyanga eziyisithupha.
Ngenhlanhla u-anti wawuthola umsebenzi isimo sabuyela kwesijwayelekile. Kodwa ngasithola isifundo. Ngeke ngiyeke ukufuna umsebenzi noma usizo ukuze ngiphucule impilo yami.
Manje nginebhizinisi lami ekhaya ukuze ngithole imadlana ethe xaxa.
Abangani bami sebeke bafika kimina baxolisa ngeseluleko abanginika sona. Ngeshwa abanye sebadlula emhlabeni bashiya izingane ziyizintandane.
Ukube ngalalela iseluleko sabo mhlawumbe nami ngabe sengafa. Kungcono ukuzakhela ikusasa kunokulibulala kanti okuhle wukuthi uyakwazi ukuzikhethela. Khetha okuhle.
Qaphela abangani abakudukisayo. Ungayi ocansini ngoba ufuna imali. Uma ukhetha ukuphila ngobugebengu uzozifaka enkingeni enkulu.
Cabanga wenze okuphusile. Sebenzisa izandla nomqondo wakho ulwele ikusasa!
Molosadi Modiba, Segopje
Izincwadi
Baphatheni njengabantu
Ngikuthola kudumaza ukubona indlela abantu abakhubazekile abaphathwa kabi ngayo.
Bayagconwa uma begibela ematekisini nasemabhasini kanti abantu abababekezeleli.
Bantu baseSouth Africa masinakekele abakhubazekile. Bayafana nami nawe!
Thando Ntombela, Dobsonville
Ukuthuthukiswa kwezindawo zasemaphandleni
Uma kukhulunywa ngokuthuthukiswa kwezindawo zasemaphandleni, okokuqala okufanele sikwenze wukufunda ukusebenzisana.
Masikubonge uhulumeni asenzele kona. Masikusebenzise esikunikwa nguhulumeni.
Ngeke sibe nogesi, amanzi, imigwaqo nezindlu kanye kanye.
Kukhona abantu abahlala ezindlini abazakhelwe nguhulumeni ezinogesi, kube khona abahola imali yokondla abantwana kodwa basakhala ngokuhluleka kukahulumeni ukufeza izidingo zabantu.
Masifunde ukubekezela sikhumbule ukuthi sonke sizohlomula kuhulumeni uma isikhathi sesifikile.
Othisha, ucansi nentsha
Sinenkinga enkulu yothisha abathandana nabafundi ezikoleni zethu.
Othisha abenza lo mkhuba basuke beqhutshwa yinkanuko hhayi uthando!
Kwenzeka kanjani lokhu" Wena njengomzali ocabangayo ingane yakho uyithumela esikoleni ukuze ithole imfundo kodwa uthisha agcine eseyenze isigqila socansi.
Kuyicala ukuthandana kukathisha nomfundi ngisho noma kungathiwa bebevumelene. Umfundi akanagunya lokuthandana nothisha wakhe.
Othisha abenza lo mkhuba bayafana nabadlwenguli.
Rantlo Mlangeni, Soweto
BONA ZULU - March 2007
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Izincwadi
Masisukume sizenzele. Kukhona izinhlelo imiphakathi yasemaphandleni ezibandakanye kuzona kanti zikhona nezimali ezibekelwe ukusimamisa lezo zinhlelo.
Abantu mabaphaphame babheke ukuthi yini eyenziwa emphakathini.
N. Mbobo, Mount Fletcher
Ningazigqilazi izingane
Iningi lothisha lifuna ukuba abafundi bahlome ngolwazi bazimele, kodwa kumele sigade ukuthi asiziniki umthwalo ongaphezulu kwamandla azo izingane.
Zingazixazulula kanjani izinkinga zezepolitiki uma nazo ngokwazo zisahluleka wukuxazulula ezazo"
Zizozazi kanjani izinto ezithinta ezemvelo uma nazo zingakabi nalwazi olugcwele ngenhlanzeko"
Zizoyiqonda kanjani eyobumbano lwezinhlanga ezihlukene uma zisahlushwa yiziqhwaga ezibukisa ngazo ezikoleni"
Izingane zethu sizifaka ukwesaba impilo uma sizigqilaza ngezinkinga. Lokhu akusho ukuthi kumele sishaye sengathi azikho lezi zinkinga. Masingaziniki izingane umthwalo ongaphezulu kwamandla azo kodwa masibe nesineke sizifundise kahle.
Uma ufuna ukufundisa ingane eneminyaka eyisithupha noma eyisikhombisa ngemvelo, qala ngokuyifundisa ngokunakekelwa kwendawo elondoloza izinhlanzi.
Andrew Noge, Lyndhurst
Ungesabi!
Sesifikile isikhathi sokuba uphumele obala utshele abasondelene nawe uma uneHIV. Yisinqumo esiphusile lesi ngoba abantu bazokusiza bakududuze.
Ngiyazi ukuthi kuwugqilaza kangakanani umqondo ukufihlela abantu abasondelene nawe ukuthi uneHIV.
Ungabi namahloni!
Batshele abantu ngesimo sakho! Qala ngokutshela abantu abanjengabazali bakho nabafowenu nodadewenu. Uma bekhombisa ukungaphatheki kahle, ungenzi isimo sibe muncu kakhulu ngokuthi nawe ubonakale ungaphathekile kahle.
Bashiye ubanike isikhathi sokuba bayetshise kahle inkulumo yakho. Okunye, isifo esikuphethe masingakuvimbeli ukuba ufunde.
Zokwana Papikie, Mogoto
Izangoma zisengozini
Ngikhathazekile ngokwenziwa abantu uma benobizo lobungoma. Ezinye izangoma zibeka impilo yazo engozini ngokungagcini amasiko okufanele ziwagcine.
Uyagula uma ungaluhloniphi ubizo lobungoma kanti kukhona izangoma ezikwenzayo lokhu.
Uma usugula kufanele kugcinwe usiko oluyisipesheli. Kodwa umuntu ogcina lolo siko kufanele athathe ogulayo aye naye emfuleni ayothola iseluleko kwabaphansi sokuthi yini angayisebenzisa ukuze kwelashwe ogulayo.
Emva kokuba esekwenze konke lokhu, angenza lokho okufanele kwenziwe kumuntu onobizo lobungoma.
MM, King William's Town
BONA ZULU - March 2007
AKUNANKINGA ukuthandana nesiboshwa
Uvo lwesiboshwa...
ASIDLALI NGOTHANDO:
UMBONO WAKHO: Ngabe wake wathandana nesiboshwa" Kwenzekani" Ngabe uthando lwenu aluzange lube nazinkinga esephumile ejele" Sibhalele sizwe udaba lwakho! [z]
NGITHANDA ukuphendula labo abavame ukubhala bathi abantu akufanele bachithe isikhathi sabo ngokuthandana neziboshwa.
Angiyiboni inkinga uma umuntu ethandana nesiboshwa ngoba nazo zingabantu kanti kuzona kukhona lezo ezisuke zingadlali ngothando nalezo ezisuke zizidlalela.
Akekho owaziyo ukuthi uyoshada nobani kanti kuvamile ukuba abantu baqale ngokuba abangani bagcine beshadile.
Masikhumbule ukuthi iziboshwa azikhohlakele. Ukuba nomuntu othandana naye uma uyisiboshwa kuyasiza ekuvuseleleni isimilo sakho ngoba usuke wazi ukuthi abantu abakulahlile.
Albie Ncama, Patensie Correctional Services
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
