zulu.1585.cycle
BONA - August 2005
Nakuba iqhawe lakhe kwezamabhayisikili, uLance Armstrong, seliwine izicoco eziyisikhombisa zeTour de France - okwakhe kuhlukile kokuka-Armstrong onemilenze emibili...
NGENHLA: Iqhawe elingu-Emmanuel nonkosikazi walo u-Elizabeth, nendodakazi, uLinda.
WAZALWA engenamilenze yomgadli ebholeni, amahlombe ombhukudi noma amaphaphu omgijimi we-marathon... Wayengeke akwazi ukushaya amagoli, ukufaka ama-try, noma ukuthatha ama-wicket...
Wazalwa enomlenze wangakwesokudla okhubazekile wakhulela ekhaya elalingenawo ugesi namanzi kodwa isibindi sakhe nokulangazelela impumelelo kwamenza wazinqoba lezi zinkinga.
Njengoba bebaningi abasubathi asebekhombisile ukuthi ukukhubazeka akusho ukuthi awube usakwazi ukuzenzela, bambalwa abake babhekana nezinselelo u-Emmanuel Ofosu Yeboah ahlangabezane nazo okubalwa kuzona nokuphila ezweni elisabiza abakhubazekile ngesiqalekiso.
Kule ndawo abahlala kuyona kubuye kungabi khona nazinto eziwusizo kwabakhubazekile.
Isimo sasinjalo ngaphambi kokuba u-Emmanuel efikelwa umqondo wokuthi angakwazi ukugibela ibhayisikili yize noma ekhubazekile...
I-GHANA, izwe elinabantu cishe abangu-20 million elisogwini olusentshonalanga, ibalwa kulawo mazwe athuthukile e-Africa. Yizwe lokuqala leli eningizimu yeSahara elathola inkululeko kanti lisabusa ngokwentando yeningi namanje.
Kodwa abantu abakhubazekile, abacishe benze u-10 percent, abanakiwe neze.
Nakuba kumthetho-sisekelo waseGhana kukhona isigatshana esikhuthaza ukuvikelwa kwabakhubazekile, abazalwa bekhubazekile basehliswa isithunzi - imindeni yabo ibavalela emakhaya noma ibathume ithi abahambe becela imali.
U-Emmanuel wazalelwa ebuphofini empumalanga yeGhana, umlenze wakhe ungaphelele. Unyawo lwakhe lwalumile ngemuva kwedolo. Ubaba wabo wabalahla ngoba enamahloni okuba nengane ekhubazekile.
Umama ka-Emmanuel, uComfort, wayenabangani ababemluleka ngokuthi akayidlise ushevu indodana yakhe noma ayishiye ehlathini. Akabalalelanga.
Wenza isiqiniseko sokuthi indodana yakhe uyayifundisa. Esikoleni eyayifunda kusona kwakunezingane ezingu-239 ezazingakhubazekile.
U-Comfort wayeyibeletha indodana yakhe ahambe ibanga elingamakhilomitha amane eyiphelezela uma iya noma ibuya esikoleni. Yaqala ukuzihambela ngaphandle kwakhe isikhulile.
"Ngangigxuma ngize ngifike esikoleni," kusho u-Emmanuel.
Wafunda waze waba neminyaka engu-13 kanti umama wakhe wayengathandi ukuba asiyeke isikole. Wayegula umama wakhe kanti nomndeni wakhe wawuyidinga imali.
Waya e-Accra, enhloko-dolobha yeGhana lapho ahlangana khona nabantu abakhubazekile behamba becela imali. U-Emmanuel akabajoyinanga labo bantu phezu kokuba ayezothola imali engaphezulu kuka-R5 ayewuthola ngokupholisha izicathulo zabantu.
Usizi alubona kulabo bantu lwamthinta kakhulu u-Emmanuel. Wahlatshwa nangamazwi umama wakhe awasho engakadluli emhlabeni kunguKhisimusi ngo-1997: "Ungavumi abantu bakwehlise isithunzi ngoba nakhu ukhubazekile."
"Ngalawo mazwi, umama wangipha isipho. Ngangazi ukuthi kumele ngenze okuthile ukuze ngikhombise abantu ukuthi siwutho," kusho u-Emmanuel.
ABANGANI bakhe abakholwanga ngesikhathi eseqala ukwenza okuthile ngempilo yakhe. Wamemezela ukuthi uzohamba ngebhayisikili cishe ibanga elingu-600 kilometres ehamba emgwaqweni obuye ube wubhuqu.
Empeleni u-Emmanuel wayeseke wazama ukugibela ibhayisikili. "Ngangineminyaka engu-12 ngesikhathi ngithatha isinqumo sokufunda ukuhamba ngalo," kusho yena.
"Umama wayengathandi. Wayethi ngizolimala. Umngani wami owayenebhayisikili wangisiza wangifundisa ukulishova. Emva kwalokho ngazishovela mina ngokwami."
U-Emmanuel wakubona ukubaluleka kokuthi naye abe nelakhe ibhayisikili. Umfundisi owayevakashele kule ndawo wamtshela ngeChallenged Athletes Foundation (CAF) eseCalifornia. Wababhalela incwadi ecela ukuba bamsize ngebhayisikili elalizomsiza ukuze ashintshe okwakucatshangwa abantu ngabakhubazekile.
U-Bob Babbitt, owasungula iCAF wathinteka ngesikhathi efunda incwadi ka-Emmanuel. "Kukhona abantu abacabanga kangcono ngaphezu kwethu. U-Emmanuel uyingxenye yalabo bantu," kusho yena.
Walithola ibhayisikili lakhe elalihambisana nezikhindi, amasokisi, ama-glove ne-helmet.
U-Gordon Adoboe, umngani ka-Emmanuel wayengakholwa ukuthi umngani wakhe angakwazi ukugibela ibhayisikili ehamba enqamula amazwe. U-Gordon nozakwabo asebenza nabo bamtusa kakhulu sebembona ehamba ngalo okokuqala ngqa.
UKUHAMBA kuka-Emmanuel ngebhayisikili - akuqale ngoSeptember 2001 - kwamenza isihlabani kwelaseGhana. Babekhona ababemngabaza kodwa lokho kwaphela sekubonakala ukuthi uhlose lukhulu.
Wayebonakala enqamula izinkalo ngebhayisikili lakhe ayelishova ngomlenze owodwa izingane ezazibonakala zimangele zigijima emva kwakhe.
AbeCAF bamcela ukuthi abe yingxenye yomqhudelwano wabashova amabhayisikili owawuhlukaniswe izigaba ezintathu owawuzobanjelwa eMelika. Wayeqala ngqa empilweni yakhe ukugibela ibhanoyi u-Emmanuel.
Ekufikeni kwakhe eMelika, abasebenzi ababili baseLoma Linda Medical Center bacela ukuba ake ahlolwe odokotela.
Bathola ukuthi umlenze wakhe unganqunywa kancane kuxhunywe owokufakelwa. Isibhedlela asibizanga mali ngalolo sizo.
Abasebenzi babuye bamqoqela umnikelo owawuzosiza umndeni wakubo ekhaya ngesikhathi yena esahleli eMelika.
"Ngizwa umehluko omkhulu kabi manje njengoba sengishova ngemilenze emibili," kusho u-Emmanuel ngentokozo. "Sengibaleka kakhulu!"
Izinto seziqala ukuhleleka kahle kule nsizwa eneminyaka engu-28...
KWENZIWE i-movie esihloko sithi Emmanuel's Gift, emayelana nempilo yakhe enesasasa elikhulu. AbakwaNike batusa isibindi sakhe bamhlonipha ngeCasey Martin Award nesheke lika-$25 000. U-Emmanuel washada no-Elizabeth kanti banomntwana wentombazane abamqamba ngelikaLinda belisusela egameni lesibhedlela esasiza u-Emmanuel ngomlenze wangakwesokudla.
U-Kofi Annan, ongunobhala jikelele we-UN, ungumlandeli ka-Emmanuel omkhulu, kanjalo neNkosi u-Osagyefuo waseGhana owammema esigodlweni sakhe. Kwakuqala emlandweni walesi sizwe ukuthi kumenywe umuntu okhubazekile esigodlweni.
U-Emmanuel usesungule i-Emmanuel's Educational Fund, kanti zingu-15 izingane ezikhubazekile azifaka esikoleni njalo ngonyaka.
Angu-800 ama-wheelchairs awanike abakhubazekile eGhana asebehlukene nokugaqa ngamadolo.
Njengamanje ulwela ukuba kuphasiswe umthetho ePhalamende ozobuyisa isithunzi sabakhubazekile kanti uyena ohola umkhankaso wokusungulwa kweqembu labakhubazekile baseGhana iGhanaian Paralympic team eliyobamba iqhaza eBeijing ngo-2008.
"Uyibekile induku ebandla," kusho uGordon Adoboe.
U-Emmanuel usanda kubalwa kwabathola i-Arthur Ashe Courage Award.
Akayikhohliwe nemfundo. Njengamanje kukhona omfundisayo ukuze aqedele imfundo yakhe.
"Ngifuna abafowethu nodadewethu bazi ukuthi ukuba ngumuntu okhubazekile akusho ukuthi sekuphelile ngempilo," kusho yena.
"Bonke abantu kumele babe nolwazi lokuthi ukukhubazeka kuyisibusiso.
Ngesikhathi abeCAF bezwa udaba lwami, bangisiza ukuze ngifeze izinjongo zami. Kusukela ngaleso sikhathi, baningi abaseGhana asebexhumene nabo becela usizo ngenxa yami. Abasesimweni esinjengesami ngibanike ithemba.
"Kuhle ukuthi sonke sizame ukwenza okungangamandla ethu sisize abanye. Ngifuna ukususa umthwalo osemahlombe abakhubazekile basizakale ngezigameko engidlule kuzona," kusho u-Emmanuel Ofosu Yeboah." [z]
BONA ZULU - November 2005
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
izithombe nguKWASI KPODO
KWESOKUDLA: Kufanele awunakekele umzimba wakhe... U-Emmanuel ehamba ngebhayisikili e-Accra.
Ukukhubazeka kwami kuyisibusiso
Indoda u-Ali ayibiza "ngesibusiso esivela kuNkulunkulu"
KWESOBUNXELE: U-Emmanuel nezinkomishi nezindondo aseziwinile.
BONA ZULU - November 2005
u
t
Mukhulu umehluko engiwuzwa manje njengoba sengishova ngemilenze emibili - sengigijima ngesivinini esikhulu!
BONA ZULU - November 2005
Lide ibanga aselihambile... Isithombe sephephandaba esathathwa ngesikhathi lo mgibeli wamabhayisikili ehamba eGhana.
NGEZANSI: U-Emmanuel noLinda, indodakazi yakhe kanye nekati elibizwa ngo "Hope."
BONA ZULU - November 2005
KWESOBUNXELE: I-albhamu enezithombe ezimkhumbuza izinsuku esezadlula... U-Emmanuel esikhombisa izithombe zikamama wakhe.
