zulu.1581.yourceleb_shower
‘
I-baby shower
kaPalesa!
Kwakukuhle kudelile ephathini eyayiseFourways
YINTOMBAZANE!’ lalifundeka kanjalo ikhadi lesimemo elatholwa abakwaBONA bemenywa emcimbini wokuhlelela ukufika kwengane engakazalwa kaPalesa Mocuminyane owayedlala kwiGenerations. Yize noma uPalesa ekhulelwe ingane yesithathu, udadewabo omncane uBonolo Modisakwe wenza konke okusemandleni ukwamukela ilungu lomndeni elisha.
Lo mcimbi walolu hlobo wenzelwa eFourways eGoli okuyindawo enhle eyabonakala iwufanele. Nakuba kwakubukeka sengathi izulu elalihlomile lizophoxa, izimenywa ezingu-22 ezazigqoke okumhlophe azilishayanga mkhuba.
Phakathi kwazo kwakukhona no-Uyanda Mbuli owayethwebula izithombe nge-camera ye-phone yakhe.
U ‘singaye’ wayemuhle egqoke ingubo emhlophe. “Abantwana bami abakaze babe bakhulu. Isisindo somntwana engimkhulelwe singu-2,6kg kodwa sengathi lo ‘sisi’ uzoba mkhulu,” kusho uPalesa ehleka.
Izimenywa zazijabula zithathekile uPalesa evula izipho ‘zikasiyeza’ wakhe. Sebedla uPalesa wathi usezogxila emndenini wakhe manje. “Inkampani yami elungiselela imishado ayimatasa okwamanje kanti ngicabanga ukuthi ngiyoze ngidlale ekuqaleni konyaka ozayo.”
Singakahambi, sabuza ukuthi ngabe uPalesa nomyeni wakhe uJake sebelikhethile yini igama abazoqamba ngalo ingane?
“Kuzoba nguZoë – ochaza impilo,” kuphetha uPalesa. [z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: George Mahashe
UMCIMBI OKHETHEKILE
1. U-Sharon (Kagiso Rakosa) weGenerations noPalesa. UKagiso wafika umcimbi usuqalile emva kokulahleka cishe ihora lonke. Wafika ephethe inqwaba yezipho!
2. U-Uyanda Mbuli ethathekile ebona lezi zicathulo ezilingana nesandla sakhe athi zenza afise ukuthola owakhe umntwana.
3. UPalesa ejabuliswa wukuchitha usuku nabangani bakhe.
4. Izulu lacishe lawona lo mcimbi njengoba uPalesa nezimenywa zakhe babedlela ngaphandle.
5. Kwakudliwa ama-sandwich nophaya, i-custard pastry, izithelo ezifreshi ne-chocolate brownies.
6. UPalesa noBahumi indodakazi yakhe eneminyaka engu-14, nendodana uThato oneminyaka emihlanu.
