zulu.1579.yourstyle_celebstyle
UMHLAHLIWENDLELA
Bukeka
njengesihlabani
■ Izingubo ezimnyama noma ezinsunjwana zingakwenza ubukeke umncane ngomzimba. Khetha izingubo ezinombala ofanayo ukuze uzenze ubukeke umude futhi umncane.
■ Gwema izingubo ezingamile kahle ngoba zizokwenza ubukeke umkhulu. Uma ufaka izingubo ezincane kakhulu zizokwenza ubukeke umkhulu.
■ Gqoka okuyimibala ehlukene nokuzokwenza amehlo abantu asuke kuwe. Ukwenza isibonelo, uma ufuna abantu bangalokhu bebukana namathanga akho, faka ijakhethi ezowafihla.
■ Izikibha ezingo-V-neck zikahle kakhulu ukuze indawo esesiswini ibukeke incane ekubeni iziketi ezinde zingasiza ekufihleni ama-hips zibambe nokhalo.
Isitayela si-Oprah sikhulu sihle njenge-akhawunti yakhe yasebhange nomzimba wakhe!
NAKUBA lesi sihlabani sokwethulwa kwezinhlelo kwiTV sihlale situswa ngokukhuluma kahle kwasonangokukhetha kwakhe izincwadi, siyatuswa futhi nangendlela esigqoka kahle ngayo. Lesi sihlabani esineminyaka engu-55 siyazi ukuthi yini esifanelayo ukuze sibukeke kahle singabhori.
Eminyakeni embalwa eyedlule, u-Oprah ubengumhlahli wendlela kwabaningiabanomzimba owondlekile, wavula nolayini kwikhomphyutha nokuyilapho abalandeli bakhe bengathola kabanzingezingubo zokugqoka azikhethayo.
Akafani nezinye izihlabani u-Oprah ngoba aikanazo izingubo ezibizayo nokusho ukuthi nawe ungaenza ukuba ubukeke njengaye.
Lapha sikukhombisa izingubo ongazigqoka zikwenze ubukeke umncane ngomzimba.
Indlela yokubukeka umncane
1. Amabhengela (R180 lilinye), Accessorize.
2. I-top ebubende ehlotshiswe ngokucwebezelayo, (R320),Truworths.
3. Ibhande (R290), Foschini.
4. Isiketi se-cotton esinsundu (R60), Camelion.
5. Ama-wedges abubende (R250), Foschini.
6. Isikhwama esimnyama (R220), Foschini.
7. Amacici eChandelier (R150), Ruby In The Dust.
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
(Ngolunye ulwazi: www.ehow.com)
Bukeka kahle
IZITOLO: Accessorize: 021-447-7718; Camelion: 072073-3233; Foschini: Ezitolo ezweni lonkana; Ruby In The Dust: 011-325-5111; Truworths: Ezitolo ezweni lonkana
