zulu.1577.career
SIYAKUSIZA UKUZE UZISIZE ihlelwe nguPatricia McCracken
Imfihlo yamakati asendle
Kukhona isifundo ongasithola kuwona
IZWE lifana nendawo enenhlabathi elingana nesikwele esingamakhilomitha amahlanu emakatini asendle - usuku lwawo aluchitha ngokudlelana umona ngezikhundla, ngokuncintisana, ukulawulwa kwabaqashiwe kanti alwela ukuphila ngaphezulu kwanoma yimuphi umuntu osebenzayo kuleli.
"Ahlala ebhekene nezinkinga," kusho u-Estienne de Beer owethula izinkulumo ezikhuthazayo etshela abe-Old Mutual Soul Sessions. "Kodwa alwela ukufa nokuphila ukuze aphumelele."
Nakhu uDe Beer athi kwenzeni nifunde emakatini asendle ukuze izinto zinihambele kahle...
1. KHUTHALA
Amakati asendle amba asuse inhlabathi enesisindo esiphindaphindeke ka-50 kunesisindo sawo! Nawe khuthala ebhizinisini lakho ukuze ugweme ukuhlangabezana nezinkinga ngokusho kukaDe Beer.
2. ZINIKELE UZITHUTHUKISE
Amaqembu akhuthele aba yizinhlangano ezinomdlandla ezifundayo. Azivuselela ngokufunda ukubhekana nezinselelo ezintsha - ulwazi aludlulisela kwamanye ngokuwaqeqesha ukuze afunde.
3. YIBA NESIBINDI
Cishe zonke izidalwa azizwani nokuncintisana - amakati asendle ayahlangana alwe nabancintisana nawo abaxoshe.
4. SEBENZANI NGOKUBAMBISANA
Amakati asendle aphila ngokwabelana imisebenzi - kukhona agada izitha, afuna ukudla navikela isizukulwane esisha. Ukuqinisa ubudlelwane bawo ngale ndlela kwenza athembane nokuyinto ayidinga lapho izinto sezingasahambi kahle.
5. YIBANI NOMHOLI ONOLWAZI
Amakati asendle asebenza ngobuchule. Asebenza kahle uma eholwa abahlome ngolwazi bese kuthi abeza ngemumva basize abaholi babo.
Patricia McCracken
BONA ZULU November 2008
KULOLU SHICILELO
92 Odinga ukukwazi ngeHDTV 95 Ukongela amathikithi ka-2010
96 Ukusebenzisa ucingo ngokuyikho 98 Ukutshala 100 Ukubhekana nesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe 102 Buza kuSis Sarah 104 Ezemithi 107 UFat Charlie nokufezwa kwezinhloso 110 Izeluleko zabazali
