zulu.1576.BEC feedback
IBONA Empowerment ka-2006 ihlose ukuvula amabhizinisi angu-1 000 amasha
U-VICKY Masuku woKhozi FM, odume ngegalelo lakhe emphakathini waKwaZulu-Natal, wayewuphethe ngesikhulu isizotha umcimbi we-empowerment wokuqala onyakeni ka-2006 owawusePietermaritzburg.
Wakhumbuza amalungu ale-club ukuthi injongo ye-forum wukuhlomisa abafundi ukuze bavule amabhizinisi abo, bazethule kwabanye abantu, bathole izeluleko bakhuthazwe ukuze baphumelele.
“Sithemba ukuthi kulo nyaka sizovula amabhizinisi angu-1 000 amasha,” kusho yena enanelwa ngelikhulu ihlombe. Izimisele ngalolo hlobo le-club okuthe ngo-2005 amalungu ayo abe eseqale amabhizinisi angu-500.
KwiBONA Empowerment Club sizishaya isifuba ngempumelelo yamalungu ethu. Siyakhuthazana sicobelelane ngolwazi. Kulo nyaka obukeka uzoba nama-workshop angcono, abafundi bazofunda imisebenzi yezandla enjengokuthunga, ukutshala ama-veg, ukufuya nokwakha.
U-Force Khashane, onguMhleli weBONA akasali emicimbini yethu. Iziyalo nezeluleko zakhe zangokomoya zihlale zithakaselwa abafundi.
UThamsanqa Zimu, oyiShoprite Checkers/SABC 2 Woman of the Year ka-2005, owawina esigabeni seBusiness Entrepreneur wabuye wadla umhlanganiso njengeDepartment of Agriculture Female Farmer of the Year ka-2004, wayeyisikhulumi sosuku.
Wavula ipulazi ebambisene namadodana akhe amabili kanti wachaza ngokubaluleka kokubekezela nokuzikhandla. Ngokusho kwakhe, wazinqoba izinselelo ayebhekene nazo ebhizinisini lakhe.
Uma ubheka imiklomelo aseyiwinile, uyabona ukuthi ukubekezela kwamsiza ngempela. UThamsanqa uyisibonelo esihle nobufakazi bokuthi ukuzikhandla kunembuyiselo.
Amalungu eBONA Empowerment Club angumgogodla wayo. Ukuxhasana kwawo kuyavuselela. Isiqubulo sethu esithi: “South Africans have no business being poor!” sichaza ukuphokophelela empumelelweni. Abaxhasi bethu sebevulele amalungu e-club amathuba amabhizinisi. Siyazi ukuthi injongo yethu yokuvula amabhizinisi angu-1 000 kulo nyaka izofezeka.
Wonke ama-forum agxila “ekuzihlomiseni ngokwebhizinisi nangokwempilo.”
Amalungu asePietermaritzburg abuye athola nethuba lokubona uJoyce Skefu wodumo luka “You must never!” ozoba nguMC ka-2006. Ubuso bukaJoyce bujwayelekile kwiTV kanti waqokwa kwiDuku Duku Awards njengeBest Actress Drama ngokudlala kwakhe indawo kaDoris kwiMuvhango.Njengamanje ulingisa kwiScandal ku-e-tv.
Le micimbi iphetha ngokuwinwa kwemiklomelo kudanswe kube mnandi. UShopi, umculi odumile KwaZulu-Natal kanye nabaculi ahambisana nabo abanethalente baphetha ubusuku ngokuthokozisa abantu ngomculo wesintu.
BONA ZULU – May 2006
UVicky Masuku woKhozi FM nguye owayephethe uhlelo lwe-forum yabeBona Empowerment Club eyayisePietermaritzburg.
U-Force Khashane, uMhleli weBONA, evula i-forum ngeculo.
Isikhulumi sosuku, uThamsanqa Zimu, oyiShoprite Checkers/SABC 2 Woman of the Year ka-2005, nowawina esigabeni seBusiness Entrepreneur wabuye wawina njengeDepartment of Agriculture Female Farmer of the Year ka-2004.
Bake and Cook for Profit
KwiBake and Cook for Profit workshop uVicky Khubeka wakhombisa abafundi indlela yokwenza amadombolo ngeMageu Number 1, i-bunny chow, i-rum neMageu Number 1 banana tart.
Amalungu akwaZulu afundisana indlela engajwayelekile yokubhaka... uthatha i-Emere (ubhavu kathayela), isivalo sebhodwe lesiZulu, amalahle nezinkuni. Beka isivalo emlilweni, ibhodwe phezu kwesivalo, inhlama esivalweni, umboze nge-Emere ukuze kuhlale kushisa, bhaka kuphume isinkwa sakho! Yizindaba ezifuze lena ezenza ama-workshop ethu abe mnandi afundise ngoba awuphawu lokuzinikela sibone namakhono abafundi bakaBONA.[z]
La ma-workshop ayafundisa kanti kuyalalelwa kubhalwe!
BONA ZULU – May 2006
Ophatha uhlelo emicimbini yeBONA Empowerment nguJoyce Skefu olingisa kwiTV esimbona ethula inkulumo ekhuthazayo.
