zulu.1574.ourworld
UMHLABA WETHU
eQUNU
BONA ZULU September 2008
Umcimbi wosuku lokuzalwa omkhulu kunayo yonke eQunu...
UMadiba noZuma kanye noMbeki.
Viva Madiba! Viva!
MADIBA
U-Will Smith enyakazisa izihlwele.
Asikwazanga ukunibhalela kusenesikhathi ngemigubho yosuku lokuzalwa kukaMadiba egubha iminyaka engu-90 azalwa kodwa ngeke sisale ngaphandle ekumhalaliseleni...
UMadiba nomama uGraca beziqabula ngesiphuzo. Eduze kwabo ngumzukulu uTukwini.
Happy Birthday
IQHAWE LAMAQHAWE
O-Will Smith no-Amy Winehouse babekhona bezoqinisekisa ukuthi ikhonsathi le-46664 elalibanjelwe eHyde Park eLondon liba yimpumelelo. Ngalo kwakuqoqwa iminikelo yomkhankaso kaMadiba wokulwa neHIV/AIDS kugujwa nosuku lwakhe lokuzalwa.
Ukuthi babese-Australia emdlalweni we-Tri-nations akuzange kuwavimbe amaBhokobhoko ukuba ahalalisele uMandela kwi-birthday yakhe yeminyaka engu-90.
Amabhokobhoko
agubha impumelelo
Ziyaduma!
Yonke indawo yaseQunu yaba yingxenye yale migubho.
Nelson Mandela: The Authorised Comic Book ngabo Umlando Wezithombe/Nelson Mandela Foundation (Jonathan Ball, R149)
"QHWA! QHWA! QHWA! kusho kuzwakala izinselo zamahhashi, abafana ababili bejaha ngamahhashi esigangeni. "BOOM!" kusho ukuqhuma kweziteshi zamandla kagesi ngo- 1961. Konke kubekwe kwacaca kule ncwadi yempilo kaMandela. Iphinde isilandise ngowesilisa osemusha eshiya phansi izifundo zakhe zobummeli. Siphinde sizwe nangalabo ababemqaphile esengumongameli wezwe - nokubizwa kwakhe ukuba azothatha ubukhosi endaweni yaseQunu ekubeni ebhekene nomsebenzi wokuhola izwe.
Hunger For Freedom ngu-Anna Trapido (Jacana, R350 [hardback] noma R225 [paperback])
Nayo ishicilelwe ngokubambisana nabeNelson Mandela Foundation kanti isihloko sayo sithi The Story Of Food In The Life Of Nelson Mandela. Lena akusiyo nje incwadi yamaresiphi okudla kuphela, icubungula futhi ukubaluleka kokudla ezimpilweni zethu. Yindaba elandwa ngabangani bakaMadiba neyithinta kakhulu impilo yakhe - kusukela ebuncaneni kuya ekudleni kwasejele kuye kufinyelele kokwemicimbi ebalulekile.
The World That Made Mandela nguLulu Callinicos (STE, R450)
Ongusomlando uCallinicos wabhala nencwadi exoxa ngomlando ka-Oliver Tambo iBeyond The Mountain. Lapha uyilanda indaba ngosizo lwezithombe ecubungula izigigaba eziningi cishe ezingu-70 ezithi mazifuze impilo kaMandela. Noma kanjani izindawo ezifana noMvezo neQunu, iRobben Island nePollsmoor yizindawo ezithintwayo kule ncwadi. Kuphathwa nePark Station okuyisiteshi esikhulu lapho abagibeli besukela khona eGoli sebeya ezindaweni ezahlukene.
Okunye okugxilwe kukhona yiminyaka yo-1960 lapho amehlo amazwe omhlaba ayeseqala ukukhalisa iSouth Africa ngenqubo yobandlululo.
Patricia McCracken
Imigubho yamagugu
Izincwadi ezimbalwa eziyisipesheli zokugubha inyanga yamagugu nomcimbi wokubungaza iminyaka kaMandela
engu-90 azalwa.
IZINCWADI
BONA ZULU September 2008
UMHLABA WETHU
UMHLABA WETHU
LAPHA NALAPHAYA
UNomfundo Ngema eshaye okusawolintshi nesigqoko sakhona.
UMLANDO WEMPILO
SIKHUMBULA UJABU
IMBONI yomculo kuleli yaphinde yagqemeka enye ingozi ngokwedlula emhlabeni kukaJabu Ndaba weMalaika.
UJabu wazalwa ngomhlaka 4 October 1976 endaweni yaseKlerksdorp. Waqala ukuthanda umculo esemncane.
Ngenhloso yokuzifunela amadlelo aluhlaza, yena nomngani wakhe uBongani Nchang balibangisa eGoli.
Sebehlangene noTshedi Mholo, basungula iqembu lomculo iMalaika. I-albhamu yabo ebizwa ngalo leli qembu eyashisa izikhotha yakhishwa ngoSeptember 2003.
Ekanye naleli qembu, bahambela izindawo ezifana nase-UK, Canada, Australia, Malawi, Tanzania nezinye, bacula nasemcimbini we-birthday kamongameli uMbeki bazuza nemiklomelo eminingi.
UJabu wedlula emhlabeni ngomhlaka 14 July 2008. Washiya emhlabeni umama wakhe uLindiwe, udadewabo uBusi nendodana yakhe eneminyaka engu-14 uKeke.
BONA ZULU September 2008
BAGEZILE
Ngezinsuku zobumnandi... uBongani, Tshedi noJabu...
Abasiki bengqephu base-Academy Of Fashion Design uLucky Kobuce noNonkanyiso Maphanga.
Emngcwabeni wakhe umculo wawuhamba phambili.
UFumu noHlengiwe bekhangisa ngengqephu kaShaby.
Izitayela zengqephu kanokusho esazithwetshulelwa nguClive Thompson wakwaBONA emjahweni...
UGuffy Pilane, Bongani Nchang, Khanyi Mbau noSomizi Mhlongo bevalelisa kumhlobo wabo okokugcina.
USlungile Mokoena eshaye isigqoko esiluhlaza.
Okuphambili
Ukusebenzisana nabantu abafana noMzekezeke noZulu Boy kwenze ithalente likaSiya livelele...
Baqhutshwa abantu!
ORISHO kwakungenye yezinto eyayidonsa abavakashi eThekwini. Kodwa abanye bagcina sebengabathandi ngoba bethi behlisa isithunzi sabantu njengoba kudingeka ukuba badonswe ngabantu.
Kodwa lokho kungase kushintshe maduze ngokusungulwa kukaRisho ozohamba ngosizo lokushisa. Lolu hlobo lukaRisho lakhiwa yinkampani ezinze kwelaseLondon iSolarCab nesebenzisa cishe amaphesenti angu-80 okushisa kwelanga okwakhela kuwona lo Risho. Amaphesenti amanye angu-20 aphuma ezishovweni nasemandleni omuntu.
Njengoba u-2010 ususemnyango, singamangali lapho siqala sibona oRisho balolu hlobo emgwaqweni...
ITHALENTE ELISHA
UYIMBONGI ebuye ishaye ne-rap kanti usanda kukhipha iCD yakhe yokuqala ethi Talk Of Da Town. Le nsizwa enguSiyabonga Akhtar Ntola ineminyaka engu-23 kanti kumanje izakhela elikhulu igama emculweni we-hip-hop.
Umculo wakhe ukhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesimame, indlala nobugebengu. "Ngithanda ukudlala ezindaweni zabantu abasha ngoba bayakuhlonipha ngenxa yomculo omnandi owudlalayo."
UNtola uphinde aziwe ngokuthi wuDJ Slwane.
"NjengoDJ ngikhonze ukudlala ebumnandini bomculo we-hip-hop. Ayikho into emnandi njengokubona abantu bejabule bedansa bezidumisa," kusho yena.
UNtola owazalelwa KwaMakhutha ogwini oluseningizimu neKwaZulu Natal uthi ingoma ayithandayo ngethi Emdubane.
"Imayelana neTheku nokuyilapho ngihlala khona nalapho ngaqala khona ukucula."
Wakhula ngaphansi kwenkolo yamaSulumane. "Le nkolo yangisiza kakhulu. Inselelo enkulu engangibhekene nayo wukukhula emphakathini wabantu abangamaKhrestu ayengayiqondi inkolo yami.
"Le nto yangenza ngabandlululeka bahlekisa ngami," kusho yena.
"Ngisayilandela le nkolo yami nakuba ishayisana kancane nomsebenzi wami engiwenzayo njengoba usuku lwangoLwesihlanu kungoluNgcwele kumaSulumane. Mina bangibhuka kakhulu ngoLwesihlanu."
Thandi Zulu
UBUCHWEPHESHE
IYEZA ESOUTH AFRICA?
BONA ZULU September 2008
UMHLABA WETHU
Ezika-
Shinners
UMHLABA WETHU
UYA KUDE
UNEO Jobeta ngumqondisi waseMalahleni Civic Theatre Emalahleni onekhono elimangalisayo ekuvundululeni amakhono.
Ungumculi we-jazz oqeqeshiwe nomdlali wemidlalo yeshashalazi. Manje usesemkhakheni wokuphatha kwezobuciko.
NgokukaJobeta uthi umsebenzi wethiyetha yabo ukhombisa okukhulu ukukhula. "Siye sikhuthaze abantu ukuba bafike nemidlalo yabo emihle. Sizimisele ukubasiza ekumaketheni imidlalo yabo noma ngezimali eziqoqwa emnyango kuma-shows emidlalo yabo."
"Wonke ama-show abalulekile. Okungijabulisayo wukubona abantu abasuke bezobuka kanye nabadlali bethokozile."
Vanessa Grobler/AENS
SIPHUMA KUDE
Ifilimu ngekilabhu yebhola...
UMARK Shinners uhlala eduze kwenkundla yebhola lezinyawo iSuper Stadium endaweni yase-Attrechiville ekubeni nebhola kuyinto ayikhonze kusukela ekujuleni kwenhliziyo yakhe.
Emva kokuthakasela ubuholi bomholi wakwelase-Africa ofana noKwame Nkrumah, uShinners wazithola esengene emzabalazweni wenkululeko.
Ngokweseka indlela yendluzula ekuphoqeleleni abaphathi ukuba bezwe ababekusho, waba ngomunye walabo abahlubuka kwi-ANC ngo-1959 babumba i-PAC.
"Sasingeke sisakumela ukunesana nesimo esithambile se-ANC. Kwadingeka ukuba siphoqe uhulumeni ukuba wazi ukuthi, inkululeko akuyona into engahlehla."
UShinners wadonsa iminyaka eyishumi kuleli jele kusukela ngo-1963 kuya ku-1973. Lapha kulapho kwagqama khona uthando lwakhe lwebhola. Kwazithatha iminyaka iziboshwa ukuba zenze izikhulu zibone ukuthi ibhola akusiwo umdlalo oyingozi nongadala izinkinga.
Ojele baqale bacabanga ukuthi lokhu kuzokwenza ukuba iziboshwa zixhumane kalula bese ziba yingozi kubona zibe nodlame.
"Emva kwalokho ojele bawuvumela lo mqondo baze basithengela izimpahla zokudlala namabhola basivumela futhi ukuba sidlale enkundleni hhayi kusimende," kusho uShinners.
Umphumela walokho kwaba ngukusungulwa kweMakana Football Association eyayiphethwe nguDikgang Moseneke (okumanje useyijaji enkantolo yomthetho-sisekelo).
"IBafana sasiyoyibonisa imihlola," kusho kuncokola uShinners. Umlando wale kilabhu yebhola engajwayelekile yiwo okuxoxwa ngawo efilimini iMore Than Just a Game, nokuyifilimu elinabadlali abafana no-Anthony Suze, Lizo Sitoto, Marcus Solomons noSedick Isaacs.
Pule wa Sekana
BONA ZULU September 2008
Uvumbulula amakhono
UTHI UBUWAZI?
UMakana kwakuyinkosi yakwaXhosa eyaboshwa eRobben Island ngo-1819 emva kokuhola ibutho elaliphikisa umbuso wakwelaseBrithani.
Le nkosi eyayibuye yaziwe ngokuthi yiNxele, yagwetshwa udilikajele kulesi siqhingi kodwa yeqa nezinye iziboshwa ngosizo lwesikebhe sokudoba.
Ngeshwa kwathi lapho besagwedla, isikebhe sagubuqela bonke ababekuso baminza bafa.
Abalandeli bakaMakana babelokhu bekholwa wukuthi usazobuya lapho lesi sizwe sibhekene nezinkinga. Lokhu kwathathelwa kukho isisho sakwaXhosa esithi: "Kukuza kuka Nxele," nokuyinto engasoze yenzeka.
BONA September 2008
UMHLABA WETHU
UMCULO
ZIYADUMA!
BONA ZULU September 2008
Abaculi bakuleli uKB, Loyiso Bala noSlikour bethokozisa ababethamele umculo eGoli eBaseline kwaze kwasa ekuseni. Lo mculo wawuxhaswe ngabakwa-Edgars. Izithombe nguMOLEFI SEBATIE.
Bliksem.
UTumelo Mameja, Khanyi Ndlele noThabo Mooketsi.
USlikour noLoyiso.
UFlabba, Sugasmaxx noDJ Switch.
UKB ecula.
NJENGOWESIMAME osemusha kulo mhlaba onokucwasa abesimame, ngiyithande kakhulu le ncwadi ngoba uPastor TD Jakes ubatusa kakhulu abesimame.
UJakes usitshela ngokukhuthazeka kwempilo yakhe ikhuthazwa wumama wakhe u-Odith, nabanye besimame abenza izinto ezingakholakali ezinhle. Ngicabanga ukuthi le ncwadi baningi ezobakhuthaza besimame bazibone bebalulekile.
UJakes uthi usuku lwakhe lokuqala esikoleni akuzange kube yinto emethusayo ngoba ikhaya lakhe lalifana nekilasi lokufunda kusukela esemncane - njengoba umama wakhe wayemfundisa ngezindlela zokuphila okuyikho nsuku zonke.
Ngokwakhe uthi omama bafana nothisha abafundisa ngempilo. Abasifundisi ngamazwi kuphela, kodwa futhi basifundisa nangezenzo. Lokhu kuyiqiniso. Nomama wami unguthisha onjalo empilweni yami.
UJakes uphinde atuse umkhwekazi wakhe ngokholo analo olujulile. Umkakhe usilandisa ngokwakhe ngobudlelwane bakhe nomama wakhe, nangosizi umama wakhe aluzwa ngesikhathi ebona umyeni wakhe (ubaba wakhe) efa phambi kwakhe ngesifo samaphaphu. Phezu kwalokho, kodwa wabambelela ezifungweni zakhe zomshado kwaze kwaba bahlukaniswa wukufa.
Le ncwadi ihlonipha nabanye besimame okwathi ngobuhlakani nangesibindi sabo basiza bakhulisa abantu abenza izinto ezinhle ezinegalelo ekuletheni uguquko emhlabeni.
Okwangithinta ekufundeni le ncwadi, wukubona ukuthi abesimame emhlabeni jikelele bayefana.
Le ncwadi iMama Made The Difference inezifundo eziphusile nezinzulu ngokuphila okuyikho. Kulokhu sibonga omama abenza umehluko ezimpilweni zezingane zabo.
Neliswa Mzimba
Sikhumbula
uMAMA
IZINCWADI
I-Mama Made The Difference kaTD Jakes (Reality, R100).
BONA September 2008
AFRICA
BEAT
UMHLABA WETHU
BONA ZULU September 2008
UMA uhamba emigwaqweni yase-Accra ubona izitodlwana eziningi eduze kwemigwaqo kudayiswa kuzo amaTV amadala, amafriji namaPCs. Okuningi kwalokhu kuphuma eMelika nokuthi lapho kungasakhandeki kugcine sekuse-Abgogbloshie, okungenye yezindawo zokulahla imfucuza eGhana.
Lapha ubona abafana abancane beshisa izintambo zikagesi namakhebuli ukuze bathole i-copper abazoyidayisa. Ngokwenza lokhu baphefumula le ntuthu esemoyeni eyingozi emaphashini nasezinsweni zabo.
"Kufana nokuzibulala ngokwabo," kusho owezemvelo uGeorge Ahadzie wabeGreen Earth.
Abe-Environmental Protection Agency eGhana sebenomhlahlandlela abaqhuba ngawo ekwamukeleni izimpahla eziphuma kwamanye amazwe.
IMALI yelobolo iya ikhula njengoba abazali befuna izimali ezishisiwe ngezingane zabo - ngokusho komunye wababhali u-Awa Bah. Kafushane nje, njengoba iningi labantu baseGhana kunzima kangaka ukuba baziphilise, amantombazane asetshenziselwa ukuba kutholakale imali nokuyinto engukuphulwa nokuhlukunyezwa kwamasiko abo.
Intengo enkulu kaphethiloli iphoqe uhulumeni ukuba amemezele ukuthi ngeke esaba nesandla ekusizeni abantu ngemali yomxhaso njengoba iziteleka zakamumva e-Abidjan kwelaseCôte d'Ivoire zibe nomthelela omubi kwezomnotho.
Indlela uhulumeni alusingatha ngayo lolu daba yethusa kakhulu - kodwa wagcizelela ongundunankulu uGuillaume Soro ukuthi ngeke uxhaso olufana nalolo lunqanyulwe ngoba abantu bayahlupheka. Kunalokho kwadingeka ukuba amaholo ezikhulu zikahulumeni ehliswe ngo-50% ukuze kutholakale lezi zimali zosizo.
Lona yiwona hulumeni onakekela abantu ngempela.[z]
ONGUMCULI nonguphrojusa uRichard Kawesa nongu-painter uDaudi Karungi basanda kuthatha isinqumo sokusebenzisana ohlelweni lomsebenzi wabo owaziwa ngokuthi yiPaint The Music.
"Sithanda ukusebenzisa ubuciko bokudweba nomculo ukuba senze ulimi lwezobuciko elizoqondwa laziwe yibo bonke abantu emhlabeni," kusho uKawesa.
Uthi ngalolu hlelo lomsebenzi bazimisele ngokuqoqa izimali zokwakha iMuseum Of Modern Art e-Uganda nase-East Africa. Lo museum uzokwakhiwa edolobheni lase-Akright ku-Entebbe Road.
Lolu hlelo luzothinta abangabadwebi abazosebenzisana nabaculi.
Konke lokhu kudweba kuyobe kuqoshwa bese kuhlanganiswa nomculo kwenziwe i-video.
UCWANINGO lukhomba ukuthi ukusoka kwehlisa izinga namathuba okuthola isifo seHIV kanti le ndlela ingasetshenziswa njengesikhali empini yokulwa nokubhebhetheka kweHIV/AIDS. EKenya nokuyilapho cishe u-2,5 million wabantu abangu-32 million kumanje baphila nalesi sifo. Abomnyango wezempilo bazama ukukhuthaza abesilisa ukuba basoke.
Abadala bomphakathi wamaLuo eKenya benqaba ukulwamukela lolu hlelo.
Ukusokwa yinto engahambisani nosiko lwabo, kodwa futhi besabela ukuthi abanye besilisa bazosuke bacabange ukuthi ukusoka kuthatha indawo yekhondomu.
