ZULU.1570.teens
Feza
AMAPHUPHO
akho
NJENGOBA ukuphela konyaka sekusemome, kuhle ubheke emumva uziseshe. Hlehla njengenkunzi
uyothatha amandla okuqhubekela phambili.
Bafowethu nodadewethu, ngiyazi ukuthi abanye benu kumanje bazongena esigabeni sokukhula, mhlawumbe kumanje bayaqala esikoleni samabanga aphakeme.
Akusho lutho ukuthi ulaphi, wenzani nokuthi uneminyaka emingaki. Luselude ukhalo ngaphambi kokuqeda ukufunda nangaphambi kokuqala impilo.
Kokuhlosile - mhlawumbe uzimisele ngokwenza ngcono esikoleni, ngokuba nemali ucebe noma ngokushada ube nezingane? Noma uzimisele ngokudlalela iBafana noma ukuba ngumculi? Ngisho ngabe iphupho lakho lincane noma likhulu kangakanani, kodwa indlela yokulifeza yinye. Isihlabani somdlali webhola nowemidlalo yeshashalazi, umuntu onemali, nengane yesikole ephasa kahle - bonke bafinyelela lapho bekhona ngendlela efanayo. Awudingi ukukhalipha okwedlulele ukuze ufinyelele lapho nabo bekhona. Nakhu okufanele ukwenze...
Qhakambisa izifiso namaphupho akho ukubhale phansi.
Lokhu kucacile, kodwa bangaki abakwenzayo? Ukubhala phansi ngozimisele ukuphumelela kukho, wuphawu lokuqala olukhomba ukuthi uzofinyelela kanjani lapho.
Lokhu futhi kuzokwenza amaphupho akho abukeke eyiwo, ngaleyo ndlela, kube lula ukubambelela kuwona. Kuzame lokhu uzobona.
Zibuze uziphendule
Endleleni yakho yempumelelo, baningi ozohlangana nabo abangeke bakukhuthaze. Abanye babo bazokuhleka ngokuzinikela kwakho kokwenzayo. Ngakhoke ungadikibaliswa yibona. Bhukula ubambelele ezinhlosweni zakho ozibhale phansi.
Zibuze ukuthi ngabe lokhu okufunayo yikho uqobo? Noma ukukhethe ngoba ukhohlisa abantu?
Ngabe ufuna ukuba ngummeli ngempela - noma udokotela - noma ukwenza lokhu ohlale ukubona kwiTV ukuthande?
Ufuna ukwehlisa isisindo somzimba ukuze uzizwe uphatheke kahle - noma ngoba mhlawumbe isoka lakho likwesabisa ngokukushiya?
Usuke uzichithela isikhathi sakho uma ungazibekeli imigomo ezokwenza ukuba ukhuthazeke.
Qhuba ngokwezinhlelo zakho.
Ukuthi ufuna ukwehlisa isisindo somzimba noma uzimisele ngokuba nemali, lawo akusiwo amaphupho. Lezi yizifiso. Izifiso ziba amaphupho uma wenza uhlelo ozoqhuba ngalo ukuze uphumelele. Lolo hlelo lunamaphupho abalulekile. Esikhundleni sokuthi uthi ufuna ukuba mncane ngomzimba, ithi ngizokwehla ngo-10kg ngoFebruary 1, 2009. Lokhu yinto ezwakalayo enika umqondo.
Okulandelayo, bhala izinto odinga ukuzenza ngokulandelana kwazo ukuze uphumelele kuleyo nhloso yakho. Ngale ndlela ngeke nakancane uphambuke emigomweni yakho.
Kwenze kube lula.
Njengamanje usunezinhlelo zokuphumelela ezinhlosweni zesikhathi eside, nasezindleleni ozofinyelela ngazo kuleyo mpumelelo.
Ukuphumelela kuncike ekubekezeleni nasekusebenzeni kanzima.
"Uma inhloso yephupho lakho inkulu, kuvamile ukuba kungabi lula ukuphumelela nokuyinto ebuhlungu," kusho omunye wochwepheshe bezengqondo.
Akulula ukugibela iladi elingenazo ezinye izitebhisi. Uma uhlanganisa ndawonye lezo zitebhisi ezikhona, kulula ukufinyelela phezulu.
Amaphupho anamuhla kufanele uwasusele kulawo amakhulu.
Qala ngokubalulekile.
Ngawo wonke lawa maphupho, kufanele ubone ukuthi yikuphi okufanele uqale ngako. Lokhu kuyakusiza ukuba ugweme ukubamba izinto eziningi ngesikhathi esisodwa, kukusize ukuba ugxile kokubalulekile kuqala.
Zihlole
Njengezivivinyo zasesikoleni (noma enyuvesi), lezi yizindlela zokuhlola ukuthi uqhuba kanjani - ngakhoke udinga ukulokhu uzihlola njalo ukuthi uyakwazi yini ukwenza amaphupho akho afezeke.
Uma ungaphumelelanga kufanele uvuke uzithathe uqine. Bhukulela ukwenza ngcono ngesikhathi esizayo, usebenze kakhulu kunakuqala. Chitha amahora amaningi phambi kweTV kunakuqala.
Khumbula, ukungaphumeleli akusho ukuthi uyisahluleki. Akusikho ukuzama okukwenza ube yisahluleki.
Azi okuningi.
Izinhloso namaphupho akho kuzoshintsha ngokuhamba kwesikhathi. Kuhlele ngendlela ezokhombisa ukukhula ngokomqondo. Ongasenalo uthando kukho, kushiye.
Zethembe
Gxila emaphusheni ozimisele ukuwafeza, nendlela ozowenza ngayo. Ngabe lokhu kusho ukuthini?
Okokuqala, uma ungakwazi ukukhahlela ibhola, mancane amathuba okuphumelela kulo mdlalo. Uma ibhola libalulekile kuwena, funda kuqala ukulidlala kahle.
Okwesibili, lezi zindlela zizokusiza kozimisele ngakho.[z]
UNGESABI UKUBA NAMAPHUPHO!
Kufanele uqale ufeze iphupho lakho engqondweni. Ukuhlale uyicabanga into oyifisayo, yikho okukukhuthazayo. Kuzokuba njani lapho usulifezile? Yini ozoyenza? Lokho kuzoshintshani? Ungesabi ukuba namaphupho...
Ukuzibekela imigomo yokufeza amaphupho yindlela enhle yokubona ukuthi yikuphi okubalulekile empilweni ozimisele ukuphumelela kukho...
BONA ZULU November 2008
FAT CHARLIE
"Zama ukuthatha isinyathelo esibheke ekufezeni iphupho lakho, usuku nosuku"
BONA ZULU November 2008
UNGAKHOHLWA...
Yiba namaphupho ozimisele ngawo. Ngamanye amazwi, gxila ekufezeni amaphupho okwaziyo ukuwalawula ngokwakho. Ayikho into ekhubazayo emoyeni njengokungaphumeleli entweni oyifisayo ngenxa yokungakwazi ukuyilawula. Kwezemidlalo, ukwenza isibonelo, lezi zizathu zingabandakanya ukungayibuki kahle into, isimo esingesihle ohlangabezana naso empilweni noma ukungabi nanhlanhla.
