zulu.106.muthi
Ngizizwa ngiyindoda
ENGAPHELELE
NGABE asiyichazi kahle inkinga yale ndoda uma sithi "yimbi". Ayisakwazi ukukhipha umsebenzi njengendoda kanti ithi inkinga yayo yaqala emva kokuhlangana nentokazi ethile ngeminyaka
yo-1990.
Yama emgwaqweni yagibelisa emotweni yayo owesimame eyagajwa wuthando lwakhe iqala ukumbona.
Kwathi uma ibona ukuthi iyahluleka wukuzibamba, yahamba nale ntokazi baya lapho babengeke baphazamiseke khona.
"Sagajwa yimizwa yothando sakhumula..." (Wenza ubuwula wangayifaka ikhondomu.)
Lo mlisa uqhuba athi induku yakhe yavuka kodwa yabuye yawa. "Induku yami yawa ithinta isitho sakhe sangasese," kuchaza yena eqhuba ethi kwaba sengathi induku yakhe iyesaba!
"Ngenza imizamo yokuyivusa kodwa ngahluleka," kusho yena.
"Ngamangala uma ngizwa le ntokazi ithi maningi amadoda aseke azama ukuya nayo ocansini kodwa induku iwe esathi ayaqala ukulala nayo.
"Yathi isola ukuthi isoka layo lenza okuthile kuyona okwenza ukuba ingakwazi ukuya ocansini namanye amadoda."
Le ndoda ithi inkinga yokungavuki kwenduku yayo yaqala lapho.
"Ziningi izangoma esengiye kuzona ngaphuza namakhambi ngachatha kodwa angisizakali," kusho yona.
Nemithi yodokotela ayimsizi ngalutho. "Sengiphuze amaphilisi, ngajova ngaya nasemitholampilo yamadoda kodwa induku yami ayivuki," kusho yona.
Ngesikhathi ihlangana nalona wesimame yayingakashadi kanti isinezinyanga eziyisithupha ishadile. "Uma ngibe nenhlanhla kuyenzeka induku yami ivuke kodwa isheshe iwe.
"Unkosikazi wami sengimtshelile ukuthi inkinga yami idalwa yini kodwa akayizwa incazelo yami. Uthi inkinga yami isengqondweni kuphela akekho umuntu ongithakathile."
Ngabe uqinisile"
Ngabe unkosikazi wale ndoda uqinisile" Le ndoda ithi, "angisoze ngazizwa ngiyindoda ephelele uma induku yami ingavuki ngisho noma sengibona unkosikazi wami egqoke okwangaphansi okuhehayo noma elele engagqokile eduze kwami."
Uma le ndoda ikholwa wukuthi yathakathwa kufanele ithole umuntu ozobona ukuthi kwasetshenziswa muphi umuthi entokazini eyagcina ingakwazanga ukulala nayo.
Kungenzeka ukuthi leyo ntokazi yacushwa ngelumbo.
Abantu abafuna ukucupha abantu abathandana nabo baphuza umuthi abazocupha ngawo ngaphambi kokuya ocansini nabantu ababacuphayo ngoba ilumbo lithelelana ngokocansi.
Ziningi izindlela zokucupha abantu njengalapho kusetshenziswa khona izintwala zengulube.
Kulokhu akudingeki nokuthi uze ufake isitho sakho sangasese kwesowesimame. Ukuhlangana noketshezi lomuntu ovalwe ngelumbo kwanele ukuthi kungadala "ukufa" okuthikameza ukuvuka kwenduku.
Uma umfundi ekholwa wukuthi wathakathwa, akaye esangomeni esibhula ngamathambo.
Uma isangoma sesitholile ukuthi yimuphi umuthi owasetshenziswa sizokwazi ukumsiza. Nonkosikazi womfundi kuzodingeka ukuba elashwe ngendlela efana nezosetshenziswa kumfundi ukuze kuqinisekiswe ukuthi umuthi osetshenziswe kumyeni wakhe uphelile ngeke umfundi awuthole ngokuya ocansini nonkosikazi wakhe.
Ukukhetha isangoma
Kuhle ukuthi sixwayise iziguli ngokuthi akukuhle ukushintsha izangoma nezinyanga. Iya ezangomeni ezintathu ezizokubhulela ukhethe esisodwa esizokwelapha.
Khumbula ukuthi umuntu akasindi ngosuku olulodwa. Kuyenzeka usinde emva kwezinyanga.
Isexwayiso sokugcina: ukungavuki kwenduku kungabuye kube wuphawu lokuguliswa yisifo sikashukela. Umfundi ngingabuye ngimeluleke ngokuthi makaye kudokotela. Makamtshele ukuthi yini aseyizamile ukuze asizakale.
Nalapho makabekezele angazitsheli ukuthi uzosheshe asinde. Akaphindele kuyena uma kuphela isikhathi asinqumile umehluko engawuboni. Kunemithi angayizama kanti ukhona ongamsiza.
Okumqoka kakhulu kodwa wukuhlolwa udokotela. [z]
Ukungavuki kwenduku kungabuye kudalwe
nayizifo ezinjengesifo sikashukela
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
BONA ZULU December 2008
'
'
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
EZEMITHI
