zulu.156.yourceleb_mytownship
UKHULE
NGOMCULO
UBONA uthole ukuthi umkhondo wezimpande zomculo kuNhlanhla Nciza useKagiso eWest Rand lapho akhulela khona
UKUCULA KUSEGAZINI LAKHE
Emva kokuchitha imizuzu embalwa ekhaya uNhlanhla Nciza akhulele kulona, kulula ukubona isizathu esenze ukuthi umculo ugcine usuyingxenye ebalulekile empilweni yakhe.
Wasiyisa ekamelweni alikhonze kakhulu kuleli khaya, i-lounge enhle enezimbali zikababa wakhe.
Kukhona i-ogani kuleli kamelo kanti ngesikhathi uNhlanhla esehleli phansi edlala le ogani, wasitshela ukuthi umndeni wakubo ngumndeni owuthandayo umculo nokuthi ubaba wakhe wayecula ebhendini.
"Le ogani kade saba nayo," kusho yena. "Ubaba wayithenga ngineminyaka emihlanu.
"Umndeni wonke wawuhlala eduze kwayo sibukele ubaba uma eseyidlala. Ngaze ngafunda ukuyidlala kanti manje sengiyidlala kangcono kakhulu," kuqhuba uNhlanhla.
Abafowabo nabo bayazifela ngomculo.
UBongani (25) udweba amapulani ezindlu nawamabhilidi kodwa ubuye acule ebhendini. Omunye umfowabo uMusa (21), wavuma naye ukuthi umndeni wakubo uyawuthanda umculo kanti uthi uhlose ukuzakhela igama ngokuphrojusa umculo we-hip-hop.
ABANGANI ABADALA
Sasuka kaNhlanhla saya ekhaya likaFezeka umngani wakhe akhula wafunda naye. Babefunda ndawonye e-primary nase-high school kanti sekuphele iminyaka engu-20 bengabangani.
"UFezeka wayengazwani nokugqama kodwa ngangimphoqa ngithi asingenele imincintiswano yokuvunjululwa kwamathalente kanti sasicula ekhwayeni sisafunda e-primary nase-high school," kusho uNhlanhla.
Basahlala esitubhini ababehlala kusona besebancane balalele umculo noma bose inyama nabangani.
Babekhulumela phansi behleka kubonakala ukuthi ubungani babo busaqinile namanje.
"Manje sesishadile. Ngangiyi-maid of honour kaFezeka ngesikhathi eshada yena waba yimpelesi yami sengishada. Sesinezingane kanti ngike ngimvakashele nendodakazi yami," kusho uNhlanhla.
Sacela uFezeka ukuba asitshele into ehlekisayo ayikhumbulayo ngoNhlanhla esemncane. Akachithanga sikhathi wasihlebela wathi: "Wayeyinuku!"
U-ANTI KANHLANHLA
Sisamile ngaphandle uNhlanhla wabona u-anti wakhe uManana eme esangweni. "Nginenhlanhla namuhla," kusho uNhlanhla ngesikhathi kungena u-anti wakhe amkhonzile egcekeni.
Phambilini uNhlanhla wayesikhombise isithombe sakhe esemncane edansa i-ballroom ekanye no-anti wakhe.
"Yile ntokazi esesithombeni. Yayihlala nathi ekhaya sidansa nayo i-ballroom. Sasingahlukani," kusho uNhlanhla.
ISONTO LAKHE
I-Methodist Church eyakhelene neThembile Primary ingenye yezindawo eyasimamisa ithalente likaNhlanhla. "Kwaphela iminyaka emine ngicula ekhwayeni yesonto. Sasizilolonga kathathu ngesonto uma sesiphumile esikoleni."
Nakuba ayengakaze acule phambili noma yedwa, uyabona ukuthi ukucula kwakhe ekhwayeni kwamqeqesha wawufunda kahle umculo.
UBUYELA ESIKOLENI
I-Thembile Primary School nayo ibalwa kulezo zindawo ezaqeqesha uNhlanhla emculweni.
UNkk Thabatha owayebhidisa ikhwaya yabo (ngenhla kwesokudla) wajabula uma ebona uNhlanhla.
Uthi nakuba uNhlanhla wayekhuthele uma kukhulunywa ngomculo, wayengazi ukuthi ngelinye ilanga uyoduma ngenxa yawo.
"Wayenamahloni kanti ngiyamangala njalo uma ngimbona ecula."
UNkk. Thabatha wasiyisa ehhovisi likathishanhloko wasikhombisa izinkomishi ezawinwa yikhwaya yoNhlanhla.
Kwakukhona noNkk. Simons (ngenhla kwesobunxele). Ungomunye wothisha ababefundisa uNhlanhla kanti wathokoza uma ebona lo mculi. Banikezana izinombolo zama-cellphone bakhumbuzana ezakudala.[z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Shaun Smith
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
UNGAKHOHLWA YIFESHINI YAKHE!
UNhlanhla unefeshini yakhe ebizwa ngeNN Vintage, kanti kubukeka sengathi ifeshini waqala ukuyithanda esemncane.
Wayejabula kakhulu uma ehamba nomama wakhe beya edolobheni ngoba wayazi ukuthi uzothengelwa izingubo nezicathulo ezintsha.
Umama kaNhlanhla, u-Elize Mafu, ungu-supervisor esitolo sezingubo uNhlanhla asebenza kusona emva kokuqeda ibanga leshumi.
Umama wakhe uthi kwakumnandi ukuya noNhlanhla edolobheni!
"Wayeziphatha kahle kumanelisa engangimthengela kona.
"Wayezifela ngezingubo azibuke esibukweni uma esegqokile."
