ZULU.1564.sis sarah
buza kusis'sarah
ISOKA lami lineminyaka engu-27, mina nginengu-23. Sinengane eneminyaka eyisithupha kanti sesibe ndawonye iminyaka eyisishiyagalombili.
Ngonyaka odlule ngathola ukuthi kukhona owesimame eselithandana naye.
Ngesikhathi lingicela ukuba ngilixolele, ngavuma - kodwa angazi ukuthi ngilixolele ngempela yini ngoba angikwazi ukukhohlwa yinto elayenza kimina.
Nalo liyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kuthi lapho lingibuza ukuthi kwenzenjani ngivele ngiqambe amanga ngithi akukho lutho. Ngenzenjani"
ZZ, Kempton Park
Kunganzima ngempela ukuxolela umuntu okuzwise ubuhlungu ngale ndlela. Wamxolela ngoba umthanda futhi ungafuni ukuba uthando lwenu lube kulesi simo.
Kulula ukusho ukuthi uyamxolela - okunzima wukufunda ukumethemba futhi.
Lokhu kuthatha isikhathi, kodwa kufanele wenze imizamo yokumethemba. Naye kufanele azame ukukukhombisa ngezenzo ukuthi ungumuntu ongamethemba futhi.
Uma ungakwenzi lokho, kuyothi noma yinini lapho engekho emehlweni akho, umcabangele ezintweni ezimbi zokungathembeki.
Ngakolunye uhlangothi, uma ubona ukuthi ngeke kube lula ukuphinde umethembe, usubona ukuthi sekungukuphela kothando lwenu, kungakuhle umtshele kanjalo.
Ngesinye isikhathi kuyasiza ukuxoxa ngezinkinga zakho. Uma ungenaye umuntu emndenini onomqondo ophusile ongabonisana naye ngalokhu, kungangcono ufune usizo lokwelulekwa kochwepheshe.
I-FAMSA yinhlangano ekhona ezweni lonkana enika usizo olubalulekile. Ungabonana nonguchwepheshe ekwalulekeni. Kungakuhle nophathini wakho ahambe nawe.
Ukukhuluma nomuntu ongazi lutho ngempilo yakho kukwenza ukhululeke. Uma uphathini wakho ekanye nawe, uzobona naye ukuthi mungakanani umonakalo awudalile ezimpilweni zenu.
Ekugcineni, konke kukuwena. Ngabe usafuna ukuba abe yingxenye yempilo yakho... noma cha"
Funda ukuxolela nokukhohlwa!
110 BONA ZULU - December 2007
Ungakuvumeli ukuhlukunyezwa!
Ngineminyaka engu-35, umyeni wami unengu-41, kanti sashada ngo-2002. Uyangihlukumeza ekubeni akanginiki uthando. Njengamanje asisalali ndawonye sengizilalela phansi.
Ngicabanga nokumdivosa, kodwa ngikhathazwa wukuthi ngeke azondle izingane zethu uma sesihlukene.
Unentombi futhi anengane nayo.
Uyangishaya. Ngikhuluma nje angiboni kahle emehlweni ngenxa yokungihlukumeza kwakhe.
Ngenzenjani"
ME, Middleburg
Asikho isidingo sokuhlala kulo mshado. Akekho umuntu wesimame okufanele abekezelele ukuhlukunyezwa.
Ngabe usuke wambika lo mlisa emaphoyiseni" Iningi labesimame liye lingabiki ngoba lizitshela ukuthi mhlawumbe amaphoyisa ngeke enze lutho, noma licabanga ukuthi mhlawumbe owesilisa uzoba nesihluku ngokwedlulele. Nakuba kunjalo kufanele ukubike lokho khona kuzokwaziwa kube nobufakazi bokuthi uhlukumezekile.
Njengobaba wezingane zakho, kuyisibopho sakhe ukuba akhiphe isondlo somntwana ngisho senidivosile.
Zama ukuthola ushicilelo lukaBONA lwenyanga ka-October 2007.
Kulona kwakukhona umhlahlandlela wabesimame abake bahlangabezana nokuhlukunyezwa, kubandakanya nokuthi usizo ungaluthola kuphi, yini okufanele uyenze esimweni esinjalo nokunye.
Ungaphili nokuhlukumezeka! Thola usizo! Izinombolo ongazishayela:
u Advice Desk For Abused Women: 031-262-5231
u Women Against Women Abuse: 011-331-3134
u Rape Crises: 021-447-1467
u Family And Marriage Society Of South Africa (FAMSA) (ihhovisi likazwelonke): 011-975-7106
u The Black Sash Advice Offices (ihhovisi likazwelonke): 021-461-7804
u Life Line: 021-461-1111
u Network Opposing Women Abuse: 021-376-2780
u Legal Resource Centre: 021-423-8285.
Anganelisekile
Ngineminyaka engu-36 kanti ngithandana nowesimame oneminyaka engu-31. Empeleni angigculisekile neze ngothando lwethu.
Sengike ngakhuluma naye ngale nkinga wavuma ukuthi uzoyilungisa, kodwa mina ngisabona ukuthi akangithandi ngendlela mina engilindele ukuba angithande ngayo.
Noma kunini lapho ngifuna ukuba abe nami, akatholakali. Ungivakashela kuphela uma kukhona akufunayo kimina. Uma esekutholile akufunayo, uyanyamalala.
Ngamethembisa umshado, kodwa wathi lokho siyokuxoxa ngesinye isikhathi. Manje uma ngifuna ukukhuluma ngayo eyomshado, uvele ashintshe esisuke sixoxa ngakho.
Ngikhathazekile kangangoba angisalali ebusuku. Angisadli nakahle kanti futhi lokhu kuyangikhubaza nasemsebenzini.
Angifuni ukufuna enye intombi ngoba lokho kuzongenza ngingathembeki kuyena. Ngicela usizo.
MAME, Malmesbury
Kubukeka sengathi lona wesimame uyakuxhaphaza. Kuyacaca ukuthi akanazwelo lakho.
Wethembisa ukwenza izinto, angazenzi. Akafiki uma wena ufuna ukumbona kanti ukuvakashela kuphela uma kukhona akufunayo kuwena.
Lezi yizimpawu ezikhombisa ngokusobala ukuthi lona wesimame akanandaba nawe phezu komusa wakho.
Into engubufakazi balokhu, yindlela ayithatha ngayo eyomshado. Njalo uma ufuna ukukhuluma eyomshado yena uyakukhipha kuleyo ngxoxo. Iningi labesimame yiyona ndaba eliyithanda kakhulu leyo, kodwa lona wesimame akafuni nokuyizwa. Ngisho wena uzibona usukulungele ukushada... kodwa lona wesimame akusiye umuntu ongashada naye.
Akusiye owakho. Encwadini yakho uqale ngokuthi uthi niyathandana naye. Lokho kungaba yiqiniso, kodwa yena akakuthandi. Ukube wayekuthanda, ngabe nawe lokho uyakwazi. Nawe uma uthembekile kuwena uzokubona lokhu.
Kuzokuthatha isikhathi ukuba ulamukele iqiniso, kodwa kungcono usheshe ulazi.
Baningi abantu besimame abakhona, ngeke kukuthathe isikhathi ukuba umthole ozozwana nawe.
Sekuyisikhathi sokuba umshiye lona wesimame kuphele izinkinga zokungadli kahle, zokungalali bese wenza kahle umsebenzi wakho.
Akuhambi kahle othandweni"
Ngineminyaka engu-27 kanti ngishadile nginezingane ezintathu. Ngaboshwa izinyanga ezingu-18 nokwathi lapho ngikhululwa ngathola umkami eseqale ukwenza izinto ezingasile kubandakanya nokuphuza. Ngiyamthanda umkami nezingane zami ngifuna ukuhlala nabo kodwa umkami uthi izinyanga ezingu-18 yisikhathi eside kakhulu ukulinda umuntu. Yini okufanele ngiyenze"
MMP, Grootvlei
Wena nomkakho nidinga ukuthola izeluleko zochwepheshe. Kuyacaca ukuthi wena wakwazi ukubhekana nesimo sakho ejele kodwa umkakho akazange akwazi ukusimela.
Ngeke kwenzeke yini ukuthi wahlangabezana nomuntu owamtshela ukuthi makaphuze - manje njengoba usubuyile ejele akasafuni ukukwamukela ekhaya.
Uma wayekuthanda ezimisele futhi ngokukulinda, wayezozinikela ekunakekeleni izingane kuze kufike isikhathi sokukhululwa kwakho. Thola ukwelulekwa ngochwepheshe ukuze ukwazi ukulungisa le nkinga.[z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi. Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye. Ikheli lithi: Ask Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060
BONA ZULU - December 2007 111
