zulu.1560.telephone
Indlela YOKUZIPHATHA
ocingweni!
Ungenza umsebenzi wakho usimame noma udicileke phansi ngendlela oziphatha ngayo ocingweni. Nakhu okufanele ukwenze nokungafanele... indaba ngu-Inkosazane Sithole
UCINGO yiyona into ebaluleke kakhulu ehhovisi - uma umsebenzi wakho ubandakanya ukusebenzisa ucingo, ufana nomuntu omele inkampani yakho emphakathini. Ukuthi abantu bayibuka kanjani inkampani yakho kulele kuwena.
Ukusebenzisa kahle ucingo kwenza nabaphathi bakuqaphele. Iphimbo okuyilo elikhuluma ocingweni yinto engayakhela isithunzi inkampani yakho noma kuyidicilele phansi.
Zama lezi zindlela zokusebenzisa ucingo nokuyizindlela ezifundiswa emakolishi aqeqesha abazokuba ngonobhala. Lokhu kungakwenza ukhushulelwe nemali...
Ukuphendula izingcingo
Unga...luyeki ucingo ehhovisi lukhale lungaphendulwa.
Lu...zame ukulibamba ngaphambi kokuba lukhale ngaphezu kwezikhathi ezintathu.
"Bingelela" bese usho igama lenkampani - nele-department yakho uma kuyimboni enkulu.
Ukuxhumana
Unga...zwakali ukhathele noma sengathi ujahile.
Ma...kube nokumamatheka ezwini lakho - kube sengathi ukhuluma nomuntu osendlini yinye nawe.
Ukwedlulisa izingcingo
Unga...mshiyi esikhaleni umuntu engazi noma usumxhumile
yini kulo muntu afuna
ukukhuluma naye.
Phe...ndula esicelweni somuntu
ngokuthi, "Ngizobona ukuthi uMr Mkhize uyatholakala yini. Ungangibambela?"
Uma oshayayo engakakutsheli igama lakhe, mbuze. "Ngicela ukwazi ukuthi ubani okhulumayo?"
Uma kudingeka ukuba oshayayo umbambise kancane, khuluma naye uxolise ngokumbambisa.
Ukusiza
Unga...sho ukuthi, "uMr Mkhize ubhizi ngeke akwazi ukukhuluma nawe" - lokhu kukhombisa ukuthi akabalulekile njengoba enganakwa. Ungasho futhi ukuthi, "Ngiyaxolisa uMiss Mchunu usaye ngasese" - ulwazi olungenasidingo.
Yi...sho uthi, "Ngiyaxolisa uMr Mkhize akekho, noma ngeke akwazi ukuthatha ucingo lwakho, "Ngiyaxolisa uMr Mkhize akekho."
Lusebenzise lolu lwazi ngendlela ezokuba lusizo kuwena. "Ngingakusiza, noma ngingamcela uMr Mkhize ukuba akushayele uma esekhululekile?" Lokhu kusho ukuthi ungaxazulula inkinga encane ngokushesha - nokuzokwenza ubukeke kahle kumphathi wakho.
Uma okade eshayile umthembisile ukuthi nizomshayela ucingo njengoba udaba lwakhe luyaphuthuma, qiniseka ukuthi lokho uyakwenza.
Ukuthatha imiyalezo
Unga...cabangeli ukuthi uzwa kahle ukuze udlulise umyalezo oyiwo.
Mfu...ndele umyalezo wakhe ukuze ubone ukuthi usuku, isikhathi, indawo, izibalo - konke kuyikho yini. Cela ukuba akutshele indlela abhalwa ngayo amagama ongawajwayele. Bekela umphathi wakho umyalezo edeskini.
Mhloniphe umuntu okhuluma naye ngisho ngabe ungamboni.[z]
BONA ZULU November 2008
AMANDLA OMSEBENZI
