zulu.155.yourlifeguide_heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
Umfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Ngigqokeni esontweni
Ngisemusha, angishadile kanti ezinyangeni ezingu-6 ngijoyine ibandla elisha. Ngisanda kuqondwa ngabadala besonto bengitshela ukuthi abanye abazalwane bakhala ngendlela engigqoka ngayo.
Bangitshela ukuthi izingubo engizigqokayo zimfishane kakhulu kangangoba abanye besimame bathi lokhu kuthatha amehlo abayeni babo. Ngenzenjani. Ngabe UNKULUNKULU Unendaba ngendlela abantu abagqoka ngayo?
Maria, Cape Town
■ Dear Maria: Okugqokayo akumhluphi uMdali. Abantu kuphela abahluphekayo ngalokho ikakhulu besilisa ngenxa yabakubonayo. Izwi likaNKULUNKULU Lisitshela ngokuba singazicabangeli thina njengabantu kodwa sibe nofefe sizwelane nabanye (Phillipians 2: 3-4).
Lolo yilona thando lweqiniso.
Idimoni likasathane
Nginenkinga ngokungazethembi. Ukuphelelwa wukuzethemba kwehlisa umdlandla wokuqhubekela phambili empilweni kunoma yini oyenzayo ngisho nasekukholweni.
Sengizibona ngingelutho ngokucabangela ukuthi abantu bazothini ngami.
Lokhu akungisizi ekungikhuliseni. Uma abazalwane beke bangibuka umoya wami uvele wonakale ngikhohlwe nanokuthi ngisesontweni - ngiphatheke kabi ngisho nangezinsuku ezilandelayo.
Ngizolwa kanjani nalokho? Leli yidimoni likasathane elikhubaza ubudlelwane bami noNKULUNKULU.
CG, Durban
■ Dear CG: Kuyacaca ukuthi uzibukela phansi ngokwakho. Bambelela kuNKULUNKULU kukho konke okucabangayo (Jeremiah 29:11, Psalms 139:14-18).
UMdali Uyakuthanda (Jeremiah 31:3) ngoba Uyazi ubalulekile (Matthew 10:31). UkwaMukela njengoba unjalo (Ephesians 1:6) Ukuthanda njengoThando Lwakhe eNdodaneni Yakhe uJesu (1 John 4:16; John 17:23).
Uzozidicilela phansi
Indodakazi yami encane ayisawunaki umsebenzi wayo wesikole. Inesoka elidala kunayo kanti ngiyesaba ukuthi izokhulelwa ingasiqedi isikole idicilele impilo yayo phansi.
Onekwesaba, e-mail
■ Dear Wena Onokwesaba: Ufanele wesabe. Khuluma nendodakazi yakho.
Abantu abasebasha abaningi bayathanda ukuxoxisana nabadala ngezinto ezibalulekile kodwa abakhululeki. Khuluma kahle nayo ungayithethisi - kungcono uyibonise ngokuyitshela ngobungozi obungase buyehlele ngokwenza kwayo. Ungakhohlwa futhi ukuyikhulekela.
Ngabe yisono?
Inqubo yokuzindla ngokujulile (meditation) yindlela yasempumalanga. Iyasiza ekukhululeni umqondo ukuze uxhumane noNKULUNKULU wakho. Kodwa abanye bathi akusiyo eyamaKhrestu njengoba ingeyasempumalanga. Ngabe lokhu kuliqiniso? Ngabe le ndlela ingangisondeza kuMdali?
KM, Soweto
■ Dear KM: IBhayibheli liyayikhuthaza le ndlela eZwini naseMisebenzini kaNKULUNKULU (Joshua 1:8; Psalms 77:12). Le ndlela ikukhuthaza ekusondelaneni noMdali.
Iyakusiza futhi ekutheni uvuleleke nasezintweni ezingahambisani nezikaMoya OyiNgcwele.[z]
NGINGUMZALWANE - YENA AKAYENA, NGIMSHIYE?
Ngaba nguMzalwane oZelwe kaBusha ngesikhathi ngithandana nowesilisa olungile. Ngifuna ukuqhubeka nokuzwana nalo mlisa nakuba engagxilile kakhulu esontweni. Ngabe lolu thando nemikhuleko yami izomenza lo mlisa akholwe?
Okhathazekile, Rustenburg
■ Dear Wena okhathazekile: Asikwazi ukukukhethela umuntu okufanele. Isoka lakho lingaMthola uMsindisi, noma lokho kungenzeki. IBhayibheli lithi akufanele kube khona ukungalingani kwejoka nomuntu ongakholwa (2 Corinthians. 6:14-15). Ngamanye amazwi, abangakholwa akufanele baphathwe ngokwahlukana noma bathwaliswe umthwalo onzima. Ungamphoqi, uma engowakho, uyoze amthande uJesu.
BONA ZULU June 2009
SONDLA UMPHEFUMULO
Okugqo-kayo akumkha-thazi uMdali
Write to
Pastor George:
Heavenly Help,
Box 473014,
Parklands, 2121
