zulu.1558.queen
Sishaya i-rap noQueen!
Unomzimba omuhle nekhono elimangalisayo. Uyisibonelo kwabesimame sokuthi ungaba muhle ukhombise impilo yize umkhulu.
Lo mculi wesimame odlala efilimini iMad Money futhi ongusomabhizinisi unomzimba ome kahle kakhulu ofiswa ngabaningi besimame.
Wazalelwa eNewark, eNew Jersey ngoMarch 18, 1970 waqanjwa ngokuthi nguDana Elaine Owens. Umama wakhe uRita wayenguthisha, ubaba wakhe uLancelot eyiphoyisa.
UDana wayeneminyaka engu-8 ngesikhathi umzala wakhe eqala embiza ngo "Latifah," okuyigama lesi-Arab elisho ukulunga.
Wayeneminyaka engu-19 ngesikhathi i-albhamu yakhe ethi All Hail The Queen, ikhishwa. Le-albhamu yalandelwa ngethi Nature Of A Sista nethi Black Reign, ebandakanya umucu owawina i-Grammy ethi U.N.I.T.Y.
Uyazethemba
Kusukela nje ekuqaleni uLatifah wanika umculo we-rap isithombe esihle waphakamisa negama labantu besimame. I-U.N.I.T.Y., ukwenza isibonelo - idingida eyokubizwa kwabesimame ngamagama amaningi angasile emculweni we-rap.
Kusukela ekuculeni, wedlulela emafilimini nakwiTV.
Kusuka ngo-1993 kuya ku-1998, wathola indawo efilimini iLiving Single, kanti nguye futhi owabhala umculo wayo.
Wadlala futhi kwiJuice nakwiJungle Fever - wethusa abaningi esedlala indawo yenkonkoni kwiSet It Off ngo-1996.
Lokho kwenza amaphepha akhuluma okuningi ngesimo sobulili bakhe.
"Kuyakuthunaza lapho umuntu ekubuza ukuthi, 'Uyinkonkoni yini?'" kusho uLatifah.
Waqokelwa owe-Oscar - kwiBest Supporting Actress edlala indawo kaMatron "Mama" Morton kwiChicago.
Wadlala futhi kwiLast Holiday nakwiHairspray. Ngo-2007 uLatifah wathola umklomelo wakhe wokuqala weGolden Globe Award, edlala indawo yowesimame ophethwe yi-AIDS kwiLife Support.
Okungakholakali
Kuningi le ntokazi esikwenzile. "Kwabesimame abayizigidi emhlabeni wonke ungomunye wabayisibonelo esihle," kubhala uLynn Norment we-Ebony.
Ngonyaka odlule uLatifah wethula iDana O okuluhlelo lwezingubo zemfashini yakhe zabesimame abakhulu.
"Esikhathini esiningi, yonke into eyayenzelwa thina bantu abakhulu yayenziwa iba nkulu futhi isikwe kabi.
"Akanamahloni okukhuluma avuleleke ngokuhlinzwa kwakhe encishiswa amabele.
"Amabele ami ayelokhu emakhulu phezu kokuzivocavoca. Ayefana nama-E-cups amakhulu, esinda."
"Ayedonsa amahlombe ami ekubeni futhi o-bra abaningi ngaleso sikhathi babenamabhande amancane. Mina ngangidinga abanamabhande abanzi ngenxa yesisindo.
"Angisibo labo bantu abazonda amabele abo. Ngiyawathanda," kusho yena.
"Ngangingajabula ukube abawanciphisanga kakhulu nokuyinto okwaba nzima ukuphila nayo. Ngiyakukhumbula ukubukeka kwami kwakudala."
Impilo
Maduze nje, ekuqaleni kwalo nyaka uLatifah waba ngomunye wamakhasimende ayizihlabani ngaphansi kwenkampani enkulu ebhekele impilo nesisindo somzimba eMelika iJenny Craig Inc.
Umyalezo wakhe uthi, ukwehlisa isisindo somzimba kungathuthukisa impilo yomuntu akwazi futhi lowo muntu ukugwema uhlobo lukashukela iType II nezinye izifo ezincikene nokukhuluphala.
"Ngokwehlisa isisindo somzimba wakho ngo-7% ukhuphule nezinga lokunyakazisa umzimba masonto onke, ungehlisa amathuba okungenwa wuhlobo lukashukela i-Type II ngo-58%," kusho yena.
Lesi yisona sizathu esiphilile sokwehlisa isisindo somzimba - umuntu kufanele azimisele ngokuphila impilo ekahle kunokunciphisa osayizi bezingubo.
ULatifah uyayamukela inselelo yokuba ngumuntu oyisibonelo esihle kwabaningi, nakuba ethi kwakungesiyo inhloso. "Inhloso enkulu kwakuwukuba ngenze iTV show, ngenze amafilimu ngiwaphrojuse, ngiphrojuse namarekhodi," kusho yena.
Umculo uLatifah iyona into ayithanda ngenhliziyo yakhe yonke. Ngo-2004 wathatha ikhefu emculweni wakhe wohlobo lwe-rap wasebenzisa igama lakhe aliqanjwa ezalwa waqopha iDana Owens Album. Le albhamu ibophele izingoma ze-blues, eze-jazz kanti yamenza waqokelwa kweyamaGrammy.
Eyalandela kwaba ngeyeR&B ethi Trav'lin' Light, okuboshelwe kuyo isihlabani uSteve Wonder.
"Ngiyabonga ukufinyelela lapha. Ukusebenzisana naye kwaba ngenye yezinto eyangithokozisa kakhulu empilweni yami," kusho uLatifah.
Ubusisekile
Ngabe uthini ngekusasa? ULatifah uhlale enesifiso sokuba nomndeni wakhe nakuba engakabi nazingane. Ucabanga ukuzikhulisela izingane angazizali.
"Abantu bahlale benabakucabangayo ngabesimame abakhulisa izingane abangazizali nokuyinto engeyinhle. Ngaphandle kokuba ungu-Angelina Jolie - bacabanga ukuthi yingoba ungenandoda, noma mhlawumbe uyinkonkoni.
"Ukukhulisa ingane ongayizali ngenye yezinto ongazenza ezikhombisa ukungabi nomona. Mina ngaba nenhlanhla ngabusiseka, nami-ke ngifuna ukubuyisela lokho kwabanye abantu. Ngicabanga ukuthi kungayinto ejabulisa kakhulu ukuba nendlu enomsindo wezingane eziningi. Lokho kungaba yindlela yami engikhombisa ngayo ukubonga kwami.[z]
BONA ZULU - May 2008
INDABA NGU-ISAAC KWELA ISITHOMBE NGABE-NU METRO & GALLO
Efilimini lakhe lakamumva iMad Money, udlala ngokubambisana no-Diane Keaton noKatie Holmes bentshontsha ama-bill ama-dollar ayesezoshiswa. Ukubamba kwabo inkunzi bakwenza bephindelela kodwa manje bayaseshwa ngalokhu...
Asemancane kakhulu manje. Ngangifuna abe mancane kahle.
EZAMAFILIMU
u
BONA ZULU - May 2008
t
Uthi ubuwazi?
Umfowabo kaLatifah omdala uLancelot washona ngo-1992 engozini yesithuthuthu uLatifah ayesanda kumthengela sona. Namanje uLatifah usawugaxa emqaleni wakhe njengomgexo ukhiye waleso sithuthuthu.
Kuze kube yinamuhla, uLatifah ungomunye wezihlabani ze-hip-hop ezimbili ukuqokelwa ama-Academy Award emkhakheni wokudlala emafilimini. Omunye nguWill Smith owaqokwa nge-Ali neThe Pursuit Of Happyness.
NgoJanuary 4, 2006 uLatifah waba ngumculi wokuqala we-hip-hop ukwamukelwa njengesihlabani kwiHollywood Walk Of Fame.
Emafilimini e-Ice Age uLatifah nguye oyizwi lika-Ellie i-mammoth enoboya.
Enye yezindlela zakhe zokuzivocavoca, wukudlala i-kickboxing.
