zulu.1557.careerweb
ezemisebenzi
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguYVETTE WOLMARANS
UKUPHUMA esikoleni enza uGrade 10 nokushiya phansi kwakhe emsebenzini wokuqala, akuzange kuchaze ukwahluleka kuKgotso Lente (23). Le nsizwa eyazalelwa yakhulela eSprings e-East Rand yakhuliswa ngumama wayo onguthisha nobaba wayo ongumakhi wezindlu. Isakhula yayingazi ukuthi ngelinye ilanga iyoke isebenzisane nezihlabani ezifana noZola, DJ Cleo noRJ Benjamin, yenze ama-websites azo ngisho neyenkampani yokuqopha yakuleli iGhetto Ruff.
“Ngiseyingane ngangifuna ukwenza ama-video games ngikhonze nezobuciko,” kuchaza uKgotso. Ama-website abalulekile ngalesi sikhathi se-21st Century njengoba amakhasimende amaningi nezinkampani sebefuna ulwazi neminye imininingwane kuwona. Izinkampani ezifana noGhetto Ruff ziyazi ukuthi i-website enhle idonsa abalandeli ukuze babe nolwazi ngezihlabani zabo.
UKgotso usebenzisa ubuciko bakhe bezamakhomphyutha obaziwa ngokuthi yiHTML, namanye ama-programmes ahambisana nezithombe, umsindo nemidwebo yezilwane imbala ukuze kuphume i-website ezoheha.
Bambalwa abantu abanenhlanhla njengoKgotso ekubeni kulolu hlobo lwemboni yolwazi lwezobuchwepheshe i-IT (information technology) nokuyibhizinisi okukhona kulo abantu abasebasha. Ukuphumelela kulo msebenzi, kulele ekuzimiseleni nokwethembela emakhonweni akho - ikakhulu njengoba uKgotso engazange akufundele ukuba yi-webmaster ekolishi. Kodwa wasebenzisa ulwazi lwakhe lwe-Internet ukuziqeqeshela lo msebenzi.
Emva kokuphuma esikoleni, wenza izifundo zobunjiniyela i-electronic engineering e-technical college, waphothula u-matric wakhe, emva kwalokho wase enza i-programming diploma.
“Ngawuthanda ngoba ngakwazi ukuxuba ezobuciko ne-programming. Ngavele ngabona ukuthi ekugcineni sengiyitholile into engangikade ngifuna ukuyifunda.”
Ulwazi lwe-Internet wasondelana nalo esenza umsebenzi esikhumulweni sezindiza iJohannesburg International Airport.
“Ngithola izifundo zamahhala kwi-Internet ze-Website design. Okufanele ukusebenzise izizinda ongathola kuzo ulwazi ezifana neGoogle noma iYahoo, ucwaninge bese urejistela ukubhala izivivinyo.”
Okulandelayo kwaba ngokujwayelekile kubantu bonke - ukuthola ukuthi uzifaka kuphi emakethe.
“Base bekhona bebaningi abantu ababenza i-website design,” kusho uKgotso. “Umculo ngiwuthanda ngenhliziyo yami yonke, nakuba ngangingazimisele ngokuba ngumculi noma uphrojusa njengabantu abaningi, kodwa ngangibona ukuthi ezobuchwepheshe nomculo kungahambisana kahle kakhulu.”
Ngayenakho emqondweni, uKgotso wabonisana noDJ Cleo owayengumngani wakhe omkhulu esikoleni owayesanda kuvula inkampani yakhe eyaziwa ngokuthi iWheel Of Steel Productions.
I-website ayenzela uDJ Cleo yaba yimpumelelo kangangoba uLance Stehr weGhetto Ruff wamcela uKgotso ukuba ashintshe eyenkampani yakhe endala - okumanje isinama-downloads asefana ne-“wallpaper” ne-screen sekhomphyutha nama-video clips.
Sekuphele iminyaka emithathu lokhu kwaqala ukwenzeka kuKgotso. Njengamanje usenenkampani yakhe i-OG Multimedia, ngaphansi kwabeGhetto Ruff. Yena nethimba lakhe sebenze ama-website ochunge lweZola 7, T Musicman, RJ Benjamin no-I-Ticulate.
Ukusebenza kuma-websites
Zintathu izinhlobo zemisebenzi kwi-website design nokunakekelwa kwayo, kuchaza uColin Thakur, ongumqondisi womnyango wezobuchwepheshe eDurban Institute of Technology.
lGraphic support: Kulokhu kudingeka ulwazi lokuzisungulela izinto. Kumayelana nokwenza i-website ngosizo lwezithombe. Kunokusweleka kakhulu kwalabo abangama-graphic designers lapha eSA, kungakho le mboni inamathuba amaningi, ngokusho kukaThakur.
lContent Management: Kufanele ube ngumuntu onesisoka ekubekeni izinto ngenkulumo mhlawumbe ube ngumuntu owafunda ezobuntatheli noma ezokuxhumana.
lInfrastructure: Lapha kudingeka uchwepheshe woqobo okwazi ukwenza ikhomphyutha ikhulume ne-Internet noma ikwazi ukukhuluma nge-server yenkampani yakho ngokuxhumana ne-website yenye inkampani.
Ungafundela kuphi
lPrivate colleges: Izifundo zabo zeCertified Internet Webmaster zamukeleke kahle kakhulu. Lolu hlobo lokuqeqeshwa lufanele umuntu ovele ukhona kule mboni nokwazi ukusebenza ngaphandle kokugadwa.
lTechnikons: INational Diploma yabo yeminyaka emithathu kwiWeb Development inika isisekelo esihle kakhulu ngakwezobuchwepheshe. Lona ufanele umuntu osanda kuphuma esikoleni.[z]
NGENHLA: Elinye lama-webpages kaKgotso.
BONA ZULU – December 2005
Waphuma esikoleni sabamabanga aphakeme - kodwa engakabi neminyaka engu-25 uKgotso Lente usenza umsebenzi ophambili kwezomculo kuleli
KWESOBUNXELE: “Kuyasiza uma ungumlandeli,” kusho uchwepheshe we-website yeGhetto Ruff uKgotso Lente esimbona ehleli ngezansi komdwebo kaZola emahhovisi abo.
NGEZANSI: Ukuhlale ulalela umculo opholile kuyingxenye yocwaningo lomsebenzi kaKgotso wokuhlanganisa i-website yabeGhetto Ruff.
Owochwepheshe be-website
BONA ZULU – December 2005
