zulu.1552.sibusisoNEW
KWAKUMHLOPHE qwa! Ubumhlophe lobu obuxhophayo beqhwa elalingasika izingubo ozigqokile lishise isikhumba sakho. Umoya wawuphephula iqhwa ulijikijele kuwena kuhle kwemikhonto eyisigidi wena owabona isikhonyane. Lokhu kuyakuphoqa ukuba uhambe ubheke phansi. Kunjalo udonsa i-sled esiyisisindo esingu-120kg.
Okunye wukuthi phansi akuqinile, uma uhamba ungathi uhamba odakeni kokunye uzithole usukhalakathela emgodini.
Amazinga okubanda ayengaphansi kuka:-30 C, nokuyilapho uSibusiso Vilane (37) wayecabanga esho ethi: "Ekugcineni sengize ngafika lapha!"
Lokhu wakufisa esakhula eShongwe Mission eduze kwaseNelspruit, elusa izinkomo ngaphansi kwelanga lakwelase-Africa elifudumele.
Ukuya kwiSouth Pole ngaphandle kosizo, bengekho abanye abantu, ngisho nezinja zokudonsa ama-sled, ngokunye ukuphumelela angasoze akulibala.
Ngo-2003 waba ngumuntu wokuqala ngqa omnyama ukuqwala intaba i-Everest - waphinda futhi wayiqwala yona le ntabakazi enkulu kunazo zonke emhlabeni okwesibili ngo-2005.
Kwakungesikhathi sokuqwala intaba i-Everest okwesibili uSibusiso nozakwabo u-Alex Harris baqala babhunga ngokuthatha uhambo oluya kwiSouth Pole.
Kwakunzima
"Ngazilungiselela ngokugijima kuma-marathon amabili, ngashova namabhayisikili kanjalo nanokudonsa amasondo asindayo emabangeni amade," kusho yena.
Njengoba ayeseke wayiqwala intaba i-Everest, lokho kwasiza kakhulu - ikakhulu ekukwazini ukubhekana nesimo sokubanda okushubisa umnkantsha.
Le nsizwa engu-1,6m ubude ngeke uyinake ngoba ayinakho engakhombisa ngakho ukuthi ingumuntu wokuqala ngqa omnyama ukuqwala i-Everest nokuya kwiSouth Pole - ngendlela ezehlise ngayo.
Akuzuzile
"Njengomuntu owasebenza njenge-ranger esiqiwini, lokho kwangiqinisa kakhulu," kusho kuchaza le nsizwa engubaba wezingane ezine. "Kwangakha ngokomzimba nangokomqondo ngoba kwakudingeka ngihambe amabanga amade ezinkalweni eziyingozi.
"Njengoba futhi ngakhula emaphandleni ngilusa izinkomo, ngikha amanzi emfuleni, ngihamba amabanga amade ngiya esikoleni ngidlala nemidlalo enzima - konke lokho kwangiqinisa."
UVilane uyakhuthazeka ukwenza izinto ezingakaze zenziwe nangoyedwa umuntu omnyama nokuyinto emfaka ugqozi ngisho ngabe umzimba wakhe usukhathele ungasavumi - kodwa aqhubekele phambili.
Ekhuluma ngohambo lwabo lwaseSouth Pole wathi: "Kwaba buhlungu ngoba akekho umuntu omnyama owake wafika kuleyo ngxenye yomhlaba - njengoba ngingowokuqala ngqa, ngangingeke ngingaphumeleli ezinhlosweni zami."
Umkhovu
Ngaphandle kwamakhaza nezingozi uVilane ayebhekene nazo kulolu hambo lwabo, wabuye wathola ukuthi indodakazi yakhe encane iphethwe yisifo sofuba ekubeni isimo sayo sasiqhubeka siba sibi.
"Lokho kwacishe kwangiqeda. Ngase ngifuna ukuqeda lolu hambo ngiphuthume ekhaya ngiyoba nengane yami egulayo," kusho yena.
"Ngase ngilapho ngokomzimba hhayi ngokomoya. Ngase ngifana nomkhovu, ngidwanguza nje."
Nesimo sezulu sasisibi kangangoba uVilane no-Harris babengakwazi ukuxoxa bobabili ngesikhathi behamba.
"Sasikhuluma kuphela uma sithatha ikhefu silungisa esizokudla."
Ukuzabalaza
Bobabili baqala uhambo lwabo ngoNovember 2007 behlele ukuluphothula ezinsukwini ezingu-60. "Ngenxa yeqhwa nemimoya enzima kwasithatha izinsuku ezingu-65," kusho uVilane.
"Kwakhithika amasonto amabili wonke kukhona nemimoya eyayishaya ngesivinini esingu-20km/h. Kwakuwumzabalazo onzima ukubambelela ohlelweni lwethu lokuhamba amahora ayishumi ngosuku.
"Emva kokukhithika, kwakuba nzima ukuhamba. Usuku nosuku lokhu kwakufana. Sasivuka ekuseni sibophe itende lethu nemigodla yethu siqale sihambe phezu kwalawo makhekheba eqhwa."
Bameseka kakhulu
Isimo sendodakazi yakhe sase singcono ngesikhathi uSbusiso esebuyela ekhaya.
Umndeni wakhe umeseka ngayo yonke indlela - unkosikazi wakhe uNomsa (32) nezingane uSethabile (15), Bhekiwe (13), Bavukile (7) nothumbu uSiphosethu onezinyanga ezingu-14.
"Kunzima ukumvumela ahambe, kodwa futhi siziqhenya kakhulu ngaye," kusho umkakhe uNomsa.
Ngeshwa abanye abantu emphakathini wakhe abanendaba nakancane nempumelelo yakhe "Kubona umuntu ubonakala ngezinto asezizuzile ekubeni mina ngiseyilowaya Sibusiso Vilane osahlala lapho ayehlala khona ngaphambi kokuqwala intaba i-Everest nokuya kwiSouth Pole.
Lokho akusho ukuthi abekho abayitusayo impumelelo yakhe.
"USibusiso ngumuntu ozimisele nozinikele kakhulu. Ukhombise isibindi kanti futhi akusiye umuntu okhalazayo ngisho ngabe unikwe umsebenzi onzima kangakanani," kusho uSfiso Nkosi, owayesebenza naye esiqiwini. "Futhi ungumuntu onothando okhonze umkakhe nezingane zakhe."
Azimisele ngakho esikhathini esizayo uVilane...
Ukunqamula i-Alaska. Emva kwalokho, yena no-Alex kungenzeka baye kwi-Empty Quarter, okungolunye logwadule olukhulu emhlabeni oluyingxenye yeningizimu ye-Saudi Arabia nase-Oman, e-United Arab Emirates naseYemen.
Ngesikhathi engixhawula sesihlukana, ngezwa sengathi ngibanjwa wu-vice-grip, ngacabanga izimo eziningi ezinzima lezi zandla esezidlule kuzona.[z]
BONA ZULU - May 2008
INDABA NGUSTEVEN MAKHANYA IZITHOMBE NGUSIBUSISO NO-ALEX HARRIS
Ungowakuleli onesibindi
Useqwale intaba i-Everest kabili - wahamba waya kwiSouth Pole. Wanconywa ngisho nanguNelson Mandela wathi wakhela abamnyama igama emhlabeni. Ngabe yini ekhuthaza le nsizwa enguSibusiso Vilane?
IMPILOYOQOBO
BONA ZULU - May 2008
u
t
Lakhithika amasonto amabili nemimoya ishaya ngo-20km/h
BONA ZULU - May 2008
Uthumbu kaSibusiso uSiphosethu. Kwadingeka ukuba abekezele ezwa ukuthi akaphilile.
Esicongweni sentaba ende kunazo zonke emhlabeni i-Everest.
Yiba nesibindi
Amacebo kaSibusiso empumelelo...
Gxila kohlele ukukwenza uqhubeke ukwenze.
Phokophelela ukuwina.
Zilungiselele kuqala.
Cabanga ngokwakhayo njalo.
Enza izinto ezingeke zikululaze, nabanye abantu.
Melana nesimo ohlangabezana naso.
Hlela kusekude.
Impumelelo ungayikali ngemali.
