zulu.1550.motivation
Ungapheli
AMANDLA!
Abantu abaphumelelayo empilweni yilabo abangapheli amandla. Impumelelo yakho iqhakanjiswa yizinkinga ozinqobayo
ABANTU asebephumelele bake bathwala kanzima. Abazange baphele amandla ngisho noma sebengasakuboni ukubaluleka kokuqhubeka nokulwa.
Kunomthetho engiwubiza "Ngomthetho Wokuvuna". Uma utshala amazambane bese uyawahlakulela, kungathatha isikhathi eside ukuthi amile, kodwa uzothola isivuno esihle.
Zimisele ubekezele kunoma yini oyenzayo ukuze uphumelele. Akusho lutho ukuthi ungubani, uzothola imiphumela egculisayo uma wenza okufanele. Kufanele ukhuthale ngoba ukungapheli amandla kunomahluko phakathi kokwahluleka nokuphumelela.
Isizathu esenza ukuthi abantu baphelelwe amandla kalula wukuthi baziqhathanisa nabanye bazitshele ukuthi abakaze bahlangabezane nezinkinga. Lokho kungubuwula ngalezi zizathu ezimbili:
Okokuqala, awunalwazi olugcwele ngempilo yomunye umuntu. Abantu ocabanga ukuthi kwabahambela kalula kungenzeka ukuthi babhekana nezinselelo ongazazi. Awunalwazi olwanele ngomunye umuntu olungenza ukuba uziqhathanise naye!
Okwesibili, sonke sinomsebenzi okumele siwenze empilweni kanti imisebenzi esabelwe yona ayifani. Yingakho nje kungafanele ukuba uzame ukuphila impilo yomunye umuntu. Uyazibopha ngokwenza okwenziwa omunye umuntu. Unesiphiwo owabelwe sona ukuze uphile impilo yakho.
Enye ingxenye emqoka empumelelweni wukuba nothando lwento oyenzayo ngisho noma izinhlelo zakho sezifike emaphethelweni.
Abantu abaningi abavula ibhizinisi elisha, ukwenza isibonelo, bayajabula uma besanda kulivula. Bavuka ekuseni ngovivi bavale ilanga selishonile. Kodwa injabulo yabo isheshe iphele. Balahla ithemba uma abakujahile bengakutholi ngokushesha. Yingakho nje kuphumelela ibhizinisi elilodwa kwangu-10.
Uma ufuna ukuphumelela kufanele uzikhandle ngokuphindaphindwe ka-10 kunokujwayelekile.
Uma kungabonakali mehluko, bekezela ungalilahli ithemba. Izinto ezinhle zenzeka ungasazilindele!
Amagwala awaphumeleli.
Baningi abantu abasheshe bazitshele ukuthi izinto azihambi kahle kube sengathi bamosha isikhathi. Ngeke uphumelele uma uyeka. Ungabalaleli abathi ngeke usaphumelela. Isihlahla owawuzositshala eminyakeni engu-20 edlule ungasitshala namanje. Ungaqala kabusha ngisho noma ungachitha isikhathi ulahle amathuba.
Shintsha ukwenza uma kunesidingo kodwa ungayeki.
Kungenzeka uphelelwe amandla ukhathale, kodwa ungayeki! Uma uyeka, uNKULUNKULU ngeke akusize!
Uma kwenzeka ufikelwa umcabango wokuthi yeka,
phendula ngokuthi: "Ngeke ngiyeke!" [z]
Indaba: Mfundisi George
SIYAKUKHUTHAZA
Ama-gwala akaphu-meleli.
Unga-balaleli abathi ngeke uphu-melele
IZINTO OKUFANELE UDLINZE NGAZO
Kuthatha isikhathi ukuphumelela. Kuthatha isikhathi ukwakha umsebenzi omuhle, ibhizinisi noma umshado. Yingakho nje iningi labantu abayizinjinga namuhla lineminyaka engu-61!
Awazi ukuthi sekuseduze kangakanani ukuthi kufezeke amaphupho akho. Indoda ekhaliphile yathi: "Uma uhlose ukuma isikhathi eside ngeke usama isikhathi eside."
Kwesinye isikhathi empilweni izinto ezinhle nezimbi zenzeka ngesikhathi esisodwa. Abantu badela emva kokuphumelela ohlangothini olulodwa empilweni kanti kokunye bayeka emva kokuhluleka kakhulu. Iqiniso lithi ukuphumelela kuwukufunda ukwahluleka.
