zulu.154.yourlifeguide_motivation
ZIMBILI izinhlobo zabantu - labo abayithandayo abayithokozelayo impilo yabo nalabo abayiqalekisayo nabangayithandi eyabo. Ngabe wena ukubaphi? Abokuqala ngabathokozile, abesibili abangathokozile. Yini leyo abantu abathokozela impilo abanayo thina esingenayo? Ngabe yini imfihlo yabo?
Ngeke kube yimali ngoba iningi labantu abacebile abanakho ukuthokoza. Akulona udumo, ngoba iningi labantu abadumile bayazibulala.
Abanye babantu abathokozile emhlabeni bacebile kodwa kwabanye akunjalo.
Pho ngabe yini imfihlo?
Kungenzeka zibe ziningi izimfihlo, kodwa okwanamuhla ngithanda ukucobelelana nani ngeyodwa.
Kulula kakhulu, nakuba iningi lethu lingakuqapheli lokhu.
Lokho wukukwazi ukukhumbula.
Ngenyanga edlule ngakhuluma ngokukhohlwa njengento ebalulekile empilweni. Lokho kufanele kuhlanganiswe nokukwazi ukukhumbula.
Ukukhohlwa yizinto yinto ebuhlungu kabi. Isehlukanisa noNKULUNKULU, nabemindeni kanjalo nanomlando.
Kuyindida exaka ngisho nososayensi abasazama ukuyithola.
Lapho siphuma khona kuyinkomba enhle yokuthi siphokophele kuphi. Uma sehluleka wukukhumbula, lokho kuchaza ukuthi asizazi ukuthi singobani, asikwazi ukuzilawula.
Ukukwazi ukukhumbula yisipho esivela kuMdali okufanele sisisebenzise ngobuhlakani nsuku zonke zokuphila kwethu.
Isizathu esisodwa sokubaluleka kwalokho wukuba sikwazi ukubonga.
Abantu ababonga ngisho nezibusiso ezincane empilweni yilabo asebekufundile ukuphila.
Iningi lethu alizihluphi ngokunaka impilo nokwenza lingakwazi ukubonga. Sizithola sinesizungu, sinokwesaba sikhathazekile ngoba asikukhumbuli okuhle ezimpilweni zethu.
Izingqondo zethu zigcwele izinto ezingezinhle ngezinto esingenazo ngoba asikwazi ngisho ukukhumbula esinakho.
Sigxila kulabo abasizwise ubuhlungu, basenza saphoxeka ngoba sikhohlwe yilabo abasisiza basenza abantu.
Sesesaba ngisho nokuphila namuhla ngoba sesikhohliwe ukuthi siphile kanjani izolo phezu kwezingqinamba.
Ngesikhathi inkosi uDavide ebhekene nesiqhwaga samaFilisti uGoliathi, kwenzeka into engazange ikholwe muntu.
Akekho owayengasazi nowayengasesabi isiqhwaga esinguGoliath. UDavide yena wayengumelusi.
Kodwa uDavide wavele wakhumbula izehlakalo ezimbili empilweni yakhe. Wabulala ibhubesi ngezandla, kwesinye wabulala ibhele elalilambile. Lezi zehlakalo zombili zamnika amandla nomdlandla, isiqhwaga samaFilisti saphetha njengebhubesi nebhele.
Uzokhuthazeka uthole amandla okubhekana nezinselelo zanamuhla ngempumelelo uma ukwazi ukukhumbula ukunqoba kwakho kwayizolo.
Izimpilo zethu zigcwele izinto eziphambene: okuhle nokubi, ukuzuza nokulahlekelwa nokunye.
Ake ucabange ngalokho: ngisho ngabe kuningi kangakanani onakho, kodwa kukhona ongenakho. Ngisho ngabe kuncane kangakanani onakho, kodwa kukhona okufanele ukubonge.
Ngikhumbula ngishonelwe wudadewethu ngangikhathazekile ngibuhlungu kodwa futhi kuningi okuthokozisayo engisakukhumbula ngaye - ngakhoke ngiyaMbonga UNKULUNKULU ngokusiBoleka yena iminyaka engu-40.
Bala iziBusiso zakho, uzomangala ukuthola okwenzelwe nguMdali.
Mhlawumbe awukafinyeleli lapho uphokophelele ukufika khona, kodwa uma ubhekisisa - awukho futhi lapho wawukhona.
Kungenzeka ukuthi kuningi okuyigugu okwakulahlekela, kodwa uma ubhekisisa - akukulahlekelanga konke.
Ungathi uma ukhumbula ukukhula kwakho ubheke izinto ezimbi kuphela. Khumbula nezinhle.
Khumbula inamuhla njalo, njalo bala iziBusiso zakho.[z]
Pastor George
Uku-kho-hlwa kuse-hluka-nisa noNku-lunkulu, nemi-ndeni kanjalo nomla-ndo
Funda ukubala iziBusiso zakho
Zimbili izinhlobo zabantu - labo abayithandayo abayithokozelayo impilo yabo nalabo abayiqalekisayo nabangayithandi eyabo. Ngabe wena ukubaphi?
SIYAKHANA
