zulu.1543.yourworld_knowall
NGIDUMELE! NGISANDA KUTHENGA I-DVD player, KODWA AMANYE AMA-DVD ENGINAWO AWADLALI KUYONA. LOKHO KUDALWA YINI? ASHO UKUTHINI AMA -"region" UMA KUKHULUNYWA NGAMA-DVD?
Steve D, Port Elizabeth
Le nkinga ayihluphi wena kuphela Steve kanti sesifikile isikhathi sokuyixazulula.
Uma kukhulunywa ngamaDVD namaDVD player, umhlaba uhlukaniswe ngokubizwa ngama- "region codes" ayisithupha. ElaseMelika likuRegion 1, ukwenza isibonelo. I-SA ne-United Kingdom zikuRegion 2. I-China ikuRegion 6. I-DVD yenye i-region ayidlali kwi-DVD player yenye i-region.
Njengoba amaDVD akuRegion 1 noRegion 2 etholakala eSA, kufanele ulihlolisise ikhava yeDVD ukuze uqinisekise ukuthi iDVD yakho ikwi-region elungele iDVD player yakho.
Lokho kusho ukuthi uma uthenga iDVD player kuhle uqiniseke ukuthi ucela edlala amaDVD anoma iyiphi i-region.
Kodwa lokho akusho ukuthi abafundi abanamaDVD player akuRegion 2 ngeke badlale noma yimaphi amaDVD. Uma i-player ingadlali amaDVD anoma iyiphi i-region, ungayivula nge-code oyifaka nge-remote control.
Ngale code uzokwazi ukushintsha i-code yalapho yenziwa khona ubuke amaDVD anoma iyiphi i-region. Maningi amaWebsite azokukhombisa ukuthi lokhu kwenziwa kanjani - ungabheka kwethi dvd.reviewer.co.uk uthole usizo!
IMIBUZO YAKHO
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola
khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
KUNGANI AMADUBE ENEMIGQA?
Eric K, Soweto
Muhle lowo mbuzo, Eric! Le migqa ifihla idube. Iyona eyenza ukuba lingabonakali otshanini obude.
"Yenzani?" Kungenzeka ubuze lowo mbuzo. "Utshani buluhlaza noma bunsundu ngokukhanyayo, amadube anombala omnyama nomhlophe - pho kwenziwa yini ukuthi angabonakali?"
Amadube angacasha otshanini obude ngoba isitha sawo esikhulu, okuyibhubesi, asikwazi ukubona umbala!
Okunye, uma ibhubesi libona umhlambi wamadube ubalekela lona ubheka nkalo zonke, liyadideka.
Izinkophe namashiya
Kule nyanga abafundi ababili bafuna ukwazi ngezingxenye ezithile zeso. ULindeka Mhlwazi unendodana efuna ukwazi ukuthi kungani sinamashiya kanti uNP waseNelspruit yena ufuna ukwazi ukuthi kungani sinezinkophe.
Amashiya nezinkophe kuvikela amehlo.
Amashiya avimba umjuluko ukuze ungangeni esweni - yingakho nje etsheke kancane. Umjuluko (noma imvula) kugeleza kwehle ngesiphongo, kuhlale emashiyeni bese kugelezela ebusweni kungangeni emehlweni. Yinto emangalisayo lena uma uyicabanga.
Izinkophe zimila ekupheleni kwengoxi yeso. Zivikela iso ezintweni ezinjengothuli nezinambuzane. Zifana nezindevu zekati ngoba ziyazwela uma zithinteka kanti yizona "ezixwayisa" iso uma kukhona okuseduze kwalo, iso lizivalekele ngokwalo singakenzi mizamo yokususa okukulona.
Zintokazi! Ngabe nifuna ukucwala izinkophe zenu? Kulolu shicilelo sibhale ngezinkophe zokufakelwa engosini yethu yezobuhle. Bheka ekhasini 52.
BUZA KITHINA Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 32083, Mobeni, 4060.
