zulu.1540.yourfood_fff
Ama-bread rolls
amhlophe
INHLAMA YESINKWA ESIMHLOPHE
Le nhlama ungayisebenzisela ukwenza olofu besinkwa esimhlophe noma ama-
rolls ame ngezindlela ezihlukahlukene, ufake ama-fillings noma ama-toppings amaningi.
Isikhathi Sokukulungisa: 1 ihora
Isikhathi Sokubhaka: 45 imizuzu
Kuphuma ulofu owodwa
* 625g i-white bread flour
* 40g ushukela
* 5ml (1 i-teaspoon) usawoti
* 10g i-instant yeast
* 65g imajarini noma ibhotela
* 500ml (2 izinkomishi) ubisi
* I-Glaze
* 1 iqanda
* 15ml (1 isipuni) amanzi
* ibinzana likasawoti
1. Inhlama. Endishini, sefa ufulawa, ushukela nosawoti. Faka i-yeast yodwa eceleni. (Usawoti akufanele uhlangane ne-yeast ngoba ubulala izikhukhumalisi ezikwi-yeast.)
2. Ebhodweni, ncibilikisa imajarini, faka ubisi ugovuze kube ntukuntuku. (Izinga lokushisa elilungele i-yeast ukuze ikhukhumale ngu-27°C. Ayikhukhumali uma kushisa kakhulu.
3. Vula isikhala phakathi nendawo kufulawa, faka ingxube yobisi. Hlanganisa kuthambe inhlama. Faka ufulawa uma inhlama isimanzi.
4. Thululela inhlama ebhodini elivuvuzelwe ngofulawa, udove imizuzu engu-10.
5. Mboza nge-clingwrap egcotshisiwe. Beka endaweni efudumele ukuyeke kukhukhumale ngokuphindaphindiwe.
6. Endaweni evuvuzelwe ngofulawa, phinda udove inhlama. Mboza nge-clingwrap egcotshisiwe ukuyeke kukhukhumale imizuzu engu-10.
7. Yenza inhlama ibe ngulofu noma ama-bread rolls.
8. I-Glaze. Kujeke, shaya amaqanda, amanzi nosawoti. Brasha i-glaze enhlameni. Mboza nge-clingwrap uyeke inhlama iphindaphindeke.
9. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-200°C imizuzu engu-45. Kupholise.
BREAD ROLLS
Isikhathi Sokukulungisa: 1 ihora
Isikhathi Sokubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma angu-12
* 625g i-white bread flour
* 40g ushukela
* 5ml (1 i-teaspoon) usawoti
* 10g i-instant yeast
* 65g imajarini noma ibhotela
* 500ml (2 izinkomishi) ubisi
1. Landela iresiphi yenhlama emhlophe kuze kufike ku-Step 5.
2. Yenza ama-rolls angu-12 alinganayo. Endaweni evuvuzelwe ngofulawa, ndlala uphisi ngamunye wenhlama ube yibhola, mbambatha ngeminwe ukuze indawo engaphansi ishelele. Beka ethreyini lokubhaka eligcotshisiwe, cindezela uyeke kukhukhumale ngokuphindwe kabili.
3. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-200°C imizuzu engu-20.
AMA-Toppings
Vuvuzela i-sesame seeds noma i-black poppy seeds ngaphezulu emva kokucwebezelisa nge-glaze. Uma ufuna ama-rolls ayisitayela sasePutukezi sebenzisa isikele usike okumise okukanxantathu ngaphezulu kuma-rolls ukubhuqe kufulawa.
Portuguese Loaf
Isikhathi Sokukulungisa: 1 ihora
Isikhathi Sokubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma olofu ababili
* 625g i-white bread flour
* 40g ushukela
* 5ml (1 i-teaspoon) usawoti
* 10g i-instant yeast
* 65g imajarini noma ibhotela
* 500ml (2 izinkomishi) ubisi
* ufulawa wokubhuqa
1. Landela iresiphi yenhlama emhlophe kuze kufike kuStep 5.
2. Endaweni evuvuzelwe ngofulawa, hlukanisa inhlama kabili, kwenze kumise okombhonxo. Ungakakumbozi, vula ngesihloko sommbese izikhala ezintathu noma ezine ezimise okukanxantathu uzivundlise ngaphezulu, wenze iphethini yo-nought neyeziphambano. Bhuqa ngofulawa.
3. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-200°C imizuzu engu-20.
Olive Loaf
Isikhathi Sokukulungisa: 1 ihora
Isikhathi Sokubhaka: 35 imizuzu
Kuphuma olofu ababili
* 625g i-white bread flour
* 40g ushukela
* 5ml (1 i-teaspoon) usawoti
* 10g i-instant yeast
* 65g imajarini noma ibhotela
* 500ml (2 izinkomishi) ubisi
* 100g ama-olives aqotshiwe akhishwe izinhlamvu
Glaze
* 1 iqanda elishayiwe
* ibinzana likasawoti
* 30ml (2 izipuni) amanzi abandayo
1. Landela iresiphi yenhlama emhlophe kufike kuStep 4.
2. Hlukanisa inhlama ibe ama-portion amane alinganayo. Sebenzisa i-rolling pin enofulawa undlale i-portion ngayinye imise okombhonxo olugqinsi olungu-25mm. Cindezela ama-olives enhlameni.
3. Goqa inhlama, ucindezele amachopho. Beka ethreyini lokubhaka eligcotshisiwe, amachopho owacindezele abe ngaphansi.
4. I-Glaze. Kujeke, shaya iqanda, usawoti, namanzi, brasha kulofu. Kubeke endaweni efudumele kuze kuphindaphindeke kabili.
5. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-200˚C imizuzu engu-35. Mbambatha i-crust ngommbese. Uma ulofu usulungile uzozwakala sengathi awunalutho. Kupholisele kwi-wire rack. [z]
Olive Loaf
Akekho umuntu ongasithandi isinkwa esifreshi esibhakiwe. UBONA neFood For Fun And Funds bazokukhombisa ukuthi ungazakhela kanjani imali ngesinkwa
BREAD ROLLS
INDLELA YOKUBONA UKUTHI UQHUBA KANJANI
Kulolu shicilelo sicubungula izinto ezinhlanu okumele uzibheke uma ufuna ukuthola ukuthi inkampani yakho iqhuba kanjani – ukhuphule nenzuzo yakho. Lokhu kuthathise okweresiphi ofaka kuyona izithako ngezikalo ezithile uma ubhaka ikhekhe. Yile “resiphi” ezosikhombisa ukuthi inzuzo sizoyenza kanjani. Manje ake sibheke “izithako” zethu:
1 UKUKHANGISA: Uchitha isikhathi esingakanani uma ufuna amakhasimende amasha? Yimiphi imizamo oyenzayo ukuqinisekisa ukuthi bayanda abantu abezwa ngemikhiqizo yakho? Ukutshela abanye ukuthi abatshele abanye ngayo kuyasiza kodwa kungalilimaza ibhizinisi lakho uma ulinda abanye abantu ukuba kube yibona abakhuluma ngemikhiqizo yakho. Impumelelo ilele ekutholeni amasu amahle okwazisa abantu ngemikhiqizo yakho. Enye yezindlela ezinganakiwe futhi engabizi kakhulu yokwenza lokho eyokucela amakhasimende akho akuyalele abantu ongabatshela ngemikhiqizo yakho.
2 UKUSHINTSHA: Le ndlela ayivamile ukusetshenziswa abanamabhizinisi amancane. Ukubheka ukuthi bangaki abantu abashintsha umwondo bangagcini ngokubona noma ukuzwa ngomkhiqizo wakho kodwa bagcine ngokuwuthenga kuyindlela enhle yokubona ukuthi uwukhangisa kanjani. Enye indlela yokwenza lokhu wukufaka indali kuleyo naleyo ndlela okhetha ukukhangisa ngayo. Uma abantu bethenga lokho okusendalini uzokwazi ukuthi iyiphi indlela yokukhangisa ekusebenzelayo. Kungenzeka, ukwenza isibonelo, uthole ukuthi ukukhipha amapheshana kungcono kunokukhangisa ephephandabeni lomphakathi.
3 AMAKHASIMENDE: Laba bantu yibona abathenga baphindelele. Bayakusiza bakukhangisele imikhiqizo yakho ngokutshela abanye ngayo. Qiniseka ukuthi ubabonga ngokubanika isaphulelo esiyisipesheli uma bethenga okwesithathu. Akubizi ukugcina ikhasimende elithokozile kunokuhlala ufuna amasha.
4OKUTHENGIWE: Enye indlela yokubheka ukuthi uqhuba kanjani eyokuthola ukuthi ikhasimende ngalinye lithenga ngamalini. Ungakwazi ukukhuphula lelo nani elithenga ngalo. Ukwenza isibonelo, ama-cupcakes akho wadayise nokokusula umlomo okuyisipesheli. Amakhasimende akho azocabanga ukuthi athola okuningi ngemali yawo athenge kakhulu.
5IMALI OYITHOLAYO: Bheka imali oyithola ungakazisusi izindleko zakho. Lokhu ukwenzela ukukhuphula imali oyithola inyanga nenyanga, kodwa qaphela – maningi amabhizinisi ajaha ukubheka imali ayitholile kunokubheka inzuzo ayenzayo. Maningi amabhizinisi enza imali enkulu kodwa inzuzo ingabikhona, qiniseka ukuthi ubheka izindleko
zakho zonke.
Lluwellyn Diedericks
