zulu.1538.tiny
BONA - August 2005
Uma ingane yakho ingakhuli ngendlela efanele, idinga ukunakekelwa okuyisipesheli
nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe abeGREAT STOCK!
USHAYA bani- Lo mbuzo uvame ukubuzwa kubazali emva kokuba sebeshilo ukuthi bathole mntwana muni. Ngokwabantu, ingane isuke iphila kahle uma izalwe inkulu.
Ukukalwa kwengane
Kusemqoka ukubeletha umntwana onesisindo esikahle ukuze abe nesiqalo esihle empilweni. Izingane ezizalwa ngesikhathi esifanele kodwa zikhombise ukungakhuli kahle zishaye nesisindo esingaphansi kuka-2,27kg, okuyisisindo esithathwa njengesikahle uma ingane izelwe, zithathwa njengezizalwe zinesisindo esiphansi kanti lokho kungaba yingozi enganeni.
Yini eyenza ingakhuli-
Nakuba ukungakhuli kwezinye izingane kudalwa wukufuza abazali bazo, kwezinye lokho kudalwa yizinkinga ezenzeka ngesikhathi umbungu ukhula njengokungawutholi umsoco ne-oxygen edingekayo ukuze izicubu zomzimba zikhule kahle.
Ubuthaka bempilo kamama nezinto azenza engakakhulelwa nangasemva kokukhulelwa kungaba nomthelela esisindweni sengane.
Okuba nomthelela
Kumama
n I-high blood pressure, izinso, isifo sikashukela nezinkinga emaphashini.
n Indlala: ukungakutholi ukudla okunomsoco.
n Ukungabi nesisindo esikahle ungakakhulelwa nangasemva kokukhulelwa.
n Ukuhlukunyezwa nodlame.
n Ukukhandleka kwengqondo.
n Ukukhathala noma ukungaphumuli.
n Ukuphalaza.
n Ukugula ngesikhathi ukhulelwe.
n Yiminyaka: abesimame abaneminyaka engaphansi kuka-19 nabaneminyaka engaphezu kuka-40 bangabeletha izingane ezinesisindo esiphansi.
n Ukulamanisa eduze.
n Ukubhema, utshwala nokusebenzisa izidakamizwa.
Isibeletho nomzanyana
n Ukwehla kwezinga legazi esibelethweni nakumzanyana.
n Ukuxebuka komzanyana esibelethweni.
n Umzanyana ohlalele phansi esibelethweni.
n Yizifo ezihlasela izicubu ezizungeze umbungu.
Umbungu
n Ukugqilazeka kwesibeletho uma ukhulelwe amawele.
n Ukugula.
n Izinkinga ingane ezalwa nazo.
n Amasu akho - izingane ezingamazibulo zivame ukuba nemizimba emincane.
Ngabe ibalulekile eyobukhulu bengane-
Izingane ezizalwe zinesisindo esikahle ziyasizakala ngoba:
n Ziyiqala kahle impilo.
n Akulula ukuthi zigule noma zife onyakeni wokuqala zizelwe.
n Akulula ukuthi zibe nenkinga engapheli empilweni yazo.
n Akulula ukuthi zibe nenkinga uma sezifunda noma ekukhuleni kwazo.
n Zikhula kahle, zibe nomdlandla, zibe wusizo emphakathini.
Ingane ezalwa ingenasisindo esikahle isengozini yokuhlushwa yizifo ngoba umzimba wayo awunamandla okulwa nazo, awubi nezinga lokushisa elikahle kanti kungenzeka ingawutholi umsoco ozoyinonophalisa. Izingane ezizalwa zinesisindo esiphansi yizona ezifa ukwedlula lezo ezizalwe zinesisindo esijwayelekile.
Izingane ezizalwe zingenasisindo zingaba nesifo sendlala, zingazenzi izinto okumele zizenze ngesikhathi, zigule, zikhubazeke zife nokufa. Ekukhuleni kwazo ziba sengozini yokuphathwa yisifo sikashukela, i-high blood pressure, isifo senhliziyo ne-stroke.
Ukuqala kahle kuyawenza umehluko
Ngenhlanhla, kukhona ongakwenza ukuze uthole umntwana onesisindo esikahle.
Xukuzwa. Kusemqoka kakhulu lokhu ikakhulu kwabesimame abanezifo ezinjenge-asthma, ushukela ne-high blood pressure. Ukuziphatha kahle ungakakhulelwa kwehlisa izinga lokuphathwa yizifo.
Njengoba umsoco nokuba nesisindo esikahle kunomthelela ekukhuleni kombungu nasesisindweni ingane ezalwa naso, kusemqoka ukudla okunomsoco nokuba nesisindo esidingekayo. Ungawayeki ama-vitamin ne-folic acid.
Hlukana nogwayi! Ababhemayo babeletha izingane ezinemizimba emincane kunabangabhemi kanti nokuhogela intuthu kagwayi kungenza ubelethe ingane enesisindo esiphansi.
Yeka utshwala, izidakamizwa namaphilisi noma amakhambi ozithengela wona. Izidakamizwa notshwala kwenza ukuthi umbungu ungakhuli kahle.
Ungahlukani nokuxukuzwa ukuze kusheshe kubonakale izinkinga okungenzeka ukuthi unazo.
Ukunonophala nokukhula kwengane
Ochwepheshe bayavumelana ngokuthi ubisi lwebele lunika izingane ezizelwe wonke umsoco eziwudingayo, ikakhulu izingane ezizalwe zingenasisindo esikahle okumele zincele izinyanga ezine kuya kweziyisithupha. Uma kungenzeka, ncelisa ingane ize ibe neminyaka emibili ukuze ingahlushwa wuhudo nezinye izifo.
Njengoba iningi lezingane ezizalwe zinesisindo esiphansi lingakwazi ukubamba ibele, ungakhama ubisi uziphuzise ngesipuni. Lezi zingane zingadinga izakhamzimba ezinjenge-calcium, phosphorus, iron namavithamini.
Izingane ezizalwe zinesisindo esiphansi zilengela engozini yokuhlushwa yizifo nenkinga yokuphefumula, ukungondleki nohudo.
Zibuye zibe sengozini yokuphelelwa amanzi ngokushesha uma zinohudo kunezingane ezinesisindo esikahle. Ingane enenkinga yesisindo ephethwe wuhudo kumele inceliswe ibele ngokushesha. Yiphuthumise kudokotela noma emtholampilo uma:
n Ibukeka ingenampilo.
n Ingakuthandi ukudla.
n Inesikhumba esi-yellow.
n Ibanda uma uyithinta.
n Iqubukile
n Ikhwehlela, inemfiva, noma idlithizela.
n Iphalaza.
n Yomela okuphuzwayo kakhulu.
n Indle yayo inegazi.
n Kuphela izinsuku ezintathu isagula.
Igcobe i-baby oil efudumele emzimbeni. Lokho kuyayelapha, kudambise ukukhandleka komzimba, kuyenze ikhule kahle.[z]
Izingane ezingakhuli
Ukuhlushwa ukukhula kwengane
BONA ZULU - January 2006
u
t
BONA ZULU - January 2006
Ungakugwema ukungakhuli kwengane
