zulu.1537.golddigger
QAPHELA
othanda imali yakho
Uyathandeka unomusa kanti uyazi ukuthi indoda iphathwa kanjani - inkinga yakhe wukuthi uyinyoka ejahe imali yakho. Nansi indlela yokubona - neyokubhekana - nowesimame oyingozi njengalona
AYIKHO into ebuhlungu njengokuhlangana, uthandane ubuye ushade nowesimame othanda imali yakho ngesilungu abambiza nge-gold digger. Inhloso yalolu hlobo lomuntu wesimame empilweni wukukuhlukanisa nemali yakho oyisebenza kanzima. Bamfanisa nomqwayizi kodwake lona uhlakaniphe kakhulu.
Uyathandeka, muhle kanti unawo wonke amaqhinga okuyenga indoda. Ungazikhohlisa uthi wena uhlakaniphe kakhulu ungakwazi ukubona umuntu onje kodwa ngeke uphunyuke uma esehlose ukukugila.
Okusempeleni uyakwazi ukukukhohlisa ashaye sengathi uyakuthanda kanti akunjalo.
Uzohleka wedwa kube sengathi uwine iLotto - kodwa yimali yakho asuke eyigaqele. Uma esekutholile akufunayo, uzokushiya nenhliziyo ebuhlungu.
Ukuze umbone kahle lo muntu, kufanele wazi ukuthi ubukeka kanjani nokuthi ucabanga kanjani.
Uma usumazi kahle uzombamba engakadali umonakalo omkhulu.
Abesimame abayilolu hlobo behlukahlukene - ukuba bayafana belizotholakala kalula ikhambi lokuqeda umkhuba wabo.
Asiqale ngabangesiyo ingozi kakhulu:
Umafikizolo womthandi wemali
Ubonakala kalula. Uthanda ukubukwa njengoKhanyisile Mbau kanti uzwana nobukhazikhazikhazi.
Uzwana nezinto ezibizayo - oPrada, Givenchy, Tom Ford, Louis Vuitton - akakwazi nokuwapela la magama kanti akanawo namandla okuthenga lezi zinto.
Okuhle wukuthi sisuke singeside isikhathi eqalile ukudlala lo mdlalo kanti usheshe akukhombise ukuthi uzwana nezinto ezibizayo - lokho ukwenza niqala ukubonana!
Uhlale ecabanga ukuthi kufanele umthengele okuthile njalo uma nindawonye.
Indlela yokuhlukana naye:
Nakuba lubonakala kalula lolu hlobo, ungahlali isikhathi eside kulona. Njengomuntu oqashwe ngokugcwele odedela nasemalini, uzothola ukuthi awunankinga uma ecela umenzele izinto ngoba nawe usuke uzitshela ukuthi kusemahlombe akho ukumenzela izinto njengendoda.
Ongakwenza wukumthengela i-airtime ka-R30 (umkhombise ukuthi unayo imali) ugcine ngalokho. Uma umkhumbuza izinto osumenzele zona njalo uma ecela ukuba umenzele into ethile, uzokuyeka angabe esakuhlupha.
Obukeka njengomuntu ozimele
Nalolu hlobo alusiyo ingozi kakhulu kodwa akulula ukulubona. Usebenza kahle, uhamba ngemoto enhle, uhlala endaweni yabadla kahle - kanti emehlweni ubukeka engumuntu ozimele.
Umqo-ndo alele kuwona owokuthi akacabangi ukuyikhipha ephaketheni lakhe imali yokukhokhela impilo yakhe ebizayo - ukhokha ngemali yakho.
Kuzoba sengathi uyena muntu wesimame okulungele kodwa ngokuhamba kwesikhathi agcine eseveze izimpawu zokuthi uyinhloboni. Uzomuzwa ekhuluma ngobaba wakhe, umfowabo noma isoka lomngani wakhe elinekhono lokunakekela umuntu wesimame.
Wenza isiqiniseko sokuthi uyawuthola umlayezo wokuthi indoda emadodeni yileyo enika intombi yayo imali.
Lolu hlobo luhlala lunethezeke lumamatheke uma uweta eseninika i-bill yokudla kwenu. Ngeke kumkhathaze ukuthi uphinde wacela wena ukuba umfakele u-petrol emotweni ngoba "i-ATM ikude kakhulu Baby" aphinde alindele ukuthi ufike ekhaya lakhe ulengise upulasitiki wakwaWoolworths!
Uma ungadanseli isiginci sakhe uzokujezisa ngokungakunaki akuncishe nocansi.
Indlela yokuhlukana naye:
Vula amehlo - uma eqale ngokuthi "ubaba unike umama umholo wakhe", mbambe lapho umtshele ngamalungelo abesimame.
Uzogcina eyekile ukukuhlupha ngoba ungumuntu ozazisayo. Uma eqhubeka efuna izinto, hlukana naye.
Ofuna imali ngomshosha-phansi
Lona ugabe ngokuhlakanipha nangobuhle kanti usheshe akushiye ungenalutho.
Akalungile neze - kanti kulula ukuthandana nalo muntu!
Noma yimuphi umuntu wesilisa ohlangana naye ufuna ukumlobola, ukumnika i-deposit yeRange Rover nokunakekela izingane zakhe.
Muhle kanti unekhono lokunakekela indoda. Uzomnika i-credit card yakho ngaphandle kokucabanga. Umbona ngokungabi nankinga yokusaphaza imali ukuthi uthanda imali yakho!
Uzosebenzisa i-credit yakho azikhiphe ngempelasonto aye eMpumalanga, athenge amapheya ezicathulo zase-Italy nokwezinwele kwaseBrazil.
Phezu kwalokho ngeke ube nenkinga. Uzophaphama eseyishaye wayivala imali yakho eseqala ukukuphathisa okwento engenamsebenzi. Uzoqhubeka abheke omunye ozomsiza ngemali.
Indlela yokuhlukana naye:
BALEKA! Uma ube neshwa lokuwela ogibeni lwakhe kuzodingeka ukuba uhlale kuyena noma ube ngusozigidi ozohlala enemali yokumsiza.
Ungalokothi wenze izenzo zobugebengu ngenhloso yokuthola imali yokufeza izidingo zakhe - akumnandi ukugqunywa eC-Max.
Ukhumbule ukuthi ngeke akulinde uma usuboshiwe. [z]
Indaba: Sbu Mpungose
EZOTHANDO
Uya-kwazi ukuna-kekela indoda
