zulu.1536.letters
Bhala...
Zwakalisa uvo lwakho: l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
EWINE R100
‘Asenze okwakwenziwa kuqala’
Imibono emihle mayelana nokumele kwenziwe ngabashonela ezingozini zomgwaqo…
NGIFISA ukuphawula ngokwakwenziwa uma umuntu eshonele engozini yomgwaqo. Isidumbu sasingangeniswa ekhaya ukuze kwenziwe umlindelo.
Kunalokho, sasingena ngosuku lomngcwabo – futhi singangeniswa endlini.
Phezu kwalokho, lowo muntu wayengalandwa ngehlahla lapho eshonele khona – yingakho nje izingozi zomgwaqo sezande kangaka.
Asenze okwakwenziwa kuqala. Asibuyele emasikweni ethu. Asihloniphane sixolelane ukuze siphile kahle ezweni lethu.
Phumla Picane, Germiston
Nabo mabasolwe
Ngafunda incwadi eyayikuBONA kaJuly eyayiphuma kumfundi owayekhuza abesimame ababulala imishado yabanye.
Njengomuntu wesimame ongakashadi, nginombono ohlukile ngalolu daba. Abesimame abashadile nabo mabasolwe ngokuchitheka kwemishado yabo.
Sibangisana nabo kwabesilisa abangashadile bedlala ngabayeni babo.
Babeka imishado yabo engcupheni nangokuthola izingane okungezona ezabayeni babo.
Mina ngithi uma beqoma beshadile, thina sizoqoma abayeni babo. Mabasiyeke, sihlale ngokuthula.
ZA, Qumbu
‘Masilwe nodlame’
SINGENZA umehluko omkhulu ekulweni nobugebengu nodlame uma sibhekana neziqhwaga ezikoleni. Lezi ziqhwaga ezigcwele ezikoleni yizo kanye ezizoba amasela nababulali kusasa kanti abazali nothisha kufanele balwe nazo manje kungakonakali kakhulu.
Lezi zingane singaziphephisa. Kodwa uma singenzi lutho zizoqhubeka nokuhlupha ezinye zibe yinkinga nakithina. Uma sezibulala abantu, nathi siyobe sinecala.
VM, East London
IZINCWADIZENU
Ungathuli!
Masingahlali phansi sibukele izwe lethu libhubha.
Kukhona abantu besilisa abangabadlwenguli nababulali. Babulala nsuku zonke ngaphandle kwesizathu.
Masilwe siqede lobu bulwane.
Sintu Wowo, Queenstown
BONA ZULU – May 2008
u
t
Ngabe u-2010 uyoba yimpumelelo?
Ngicabanga ukuthi izwe lethu liyohluleka wukusingatha imidlalo yeWorld Cup ngempumelelo emlandweni. Uhulumeni uyehluleka wukulwa nobugebengu. Izitimela azikwazi ukuhamba ngaphandle kukagesi nokuyinto ebulala umnotho wezwe. Akwenziwa lutho ukuqeda ubugebengu.
MK Molefe, Koffiekraag
Amazwi enduduzo
Kuningi okungahambi kahle ezweni lethu – abantu bayabulawa, badlwengulwe, bantshontshelwe. Ne-AIDS nayo ayizibekile phansi. MasiKhuleke kuNKULUNKULU sicele ukuba Asivikele.
Akashintshi Yena – uYabenzela izimanga abaMethembayo.
Gezani Sibiya, Hibberdene
Ukuba yintandane…
Kubuhlungu ukuba yintandane, kodwa okubuhlungu kakhulu wukubona amalungu omndeni elwa ebanga ukuthi ubani ozogada izingane ezisele.
Kungakuhle uma bezozigada becabangela inhlalakahle yazo. Kodwa okubuhlungu wukuthi akunjalo. Basuke befuna imali yomxhaso kahulumeni kuphela!
Abantu abasenabo ubuntu.
MEM, Winburg
Zilawule
Uma uzithanda, ungavumeli ukulawulwa omunye umuntu.
IBhayibheli lithi zithande ukuze ufunde ukuthanda abanye. Impilo yakho isezandleni zakho, hhayi ezabanye.
Akhona Mthethwa, Osizweni [z]
BONA ZULU – May 2008
‘Sibabulalelani abaculi bethu?’
Sibabulalelani abaculi bethu? Lo mbuzo ngiwubuza ngoba bachitha isikhathi bebhala beqopha izingoma esizithandayo kodwa thina sibabulale ngokuthenga amaCD namaDVD omkokotelo.
Uthola ukuthi iCD noma iDVD engungqo ibiza u-R130, wena uyithenge ngo-R20.
Ngabe asiwubulali umculo wakithi ngokwenze njalo?
Yini esingayenza ekulweni nalo mkhuba ngoba imikhankaso yokulwa nawo ayizwakali.
Njengomphakathi sinesibopho sokuqinisekisa ukuthi siyabaxhasa abafowethu nodadewethu abaculayo ngokungawathengi amaCD athengiswa ngokungemthetho.
Henry Phikisile, Ntwenkulu
IZINCWADIZENU
‘Kusemahlombe abazali’
Ngabe lokhu kuyindlela yokulwa nezidakamizwa?
KUSEMAHLOMBE abazali ukunakekela izingane. Lokho akulula kanti kudinga ukuzinikela kakhulu – kodwa ngeke sithembele ezikoleni. Kuyisibopho somndeni nomphakathi ukunakekela izingane.
Asiqale ekhaya ukulwa nezidakamizwa – ukuze le nkinga ingedluleli ezikoleni.
Abazali mabashayele izingane zabo umthetho. Akufanele izingane zibe wuvanzi emgwaqweni ebusuku. Amaphoyisa kufanele aqinisekise ukuthi imigwaqo yethu iphephile ayinazidakamizwa.
Umongameli makenze imizamo yokulwa nokushushumbiswa kwezidakamizwa.
MN, Cape Town
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Steven Makhanya
IZINKINGA
EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Marketing/Promotions
Co-ordinator
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli:
BONA Submissions,
Box 32083, Mobeni, 4060
